I-Yearbook—Inqolobane Yesikhuthazo
1 Imibiko kanye nokuhlangenwe nakho okuphathelene nemisebenzi emangalisayo kaJehova kuyaqabula njalo ezikhonzini zikaNkulunkulu. (Jobe 38:4, 7; IzAga 25:25; Luka 7:22; IzE. 15:31) Yingakho i-Yearbook of Jehovah’s Witnesses iyinqolobane yesikhuthazo.
2 I-Yearbook ngayinye inikeza imibiko eyakhayo evela kuwo wonke umhlaba ephathelene nemisebenzi yoFakazi BakaJehova kanye nalokho abaye bakufeza. Okuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo kuqokomisa isiqondiso, nesivikelo sikaJehova kanye nesibusiso sabantu bakhe. I-Yearbook isitshela ngamadoda nabesifazane abangaxegi abashiya imindeni, abangane, kanye namazwe akubo ukuze balethe iqiniso leBhayibheli kubantu bawo wonke amazwekazi kanye nabaningi abaseziqhingini zolwandle.
3 I-Yearbook iye yashukumisa abafundi bayo abaningi ukuba bandise inkonzo yabo kuNkulunkulu. Omunye umfundi wabhala: “Ngifisa sengathi bengingayifunda ngokushesha okwengeziwe. Lokho esengikufundile kakade kuye kwangikhuthaza kakhulu. Kungenza ngibone ukuthi ngingenza okwengeziwe ekushumayeleni izindaba ezinhle lapho ngibona lokho abanye abakwenzayo ngaphansi kokucindezeleka.”
4 Unyaka ngamunye kusukela ngo-1927, i-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ibilokhu iyinqolobane yangempela yemibiko kanye nokuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi. Ingabe uzuza ngokugcwele kulomthombo oyingqayizivele wesikhuthazo? Ukuze uzuze, qikelela ukuba uyifunde i-Yearbook lapho uyithola. Khona-ke phakathi nawo wonke unyaka, bukeza izingxenye ezithile zayo ukuze wena nomkhaya wakho nithole isikhuthazo enisidingayo.