Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/93 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 12/93 k. 7

IZaziso

◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R9,00. Ngo-January: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-March: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,50.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.

◼ ISikhumbuzo sango-1995 siyokuba ngoLwesihlanu, April 14, ngemva kokushona kwelanga. Lokhu kwaziswa kusengaphambili ngosuku lomkhosi weSikhumbuzo sango-1995 kwenziwa ngenjongo yokuba abazalwane bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekile okufuna izindawo noma benze izivumelwano ngamahholo angatholakala lapho kunamabandla amaningi kakhulu asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kufanele athole ezinye izindawo.

◼ IBethel idinga ngokuphuthumayo umakhenika wezimoto ezihamba ngophethiloli noma ngo-diesel, kanye nomlungisi wemishini ofanelekayo. Noma yimuphi umzalwane ongazenza atholakale kufanele athintane neNhlangano ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ Ama-diskette Amasha E-Computer Atholakalayo:

NgesiNgisi: I-New World Translation of the Holy Scriptures-With References/Insight on the Scriptures. Le-diskette iqukethe i-New World Translation kanye nemiqulu emibili ye-Insight. Lokhu kutholakala ngama-diskette angu-5 1/4-inch 1,2-megabyte noma angu-3 1/2-inch 1,44-megabyte. Kudingeka i-computer ene-disk eqinile enesikhala esingenalutho esinesilinganiso okungenani esingu-18 megabyte kuya phezulu.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiNgisi Sabayizithulu: Ingabe Lelizwe Liyosinda? (Ipheshana No. 19); Induduzo Ngabacindezelekile (Ipheshana No. 20); Jabulela Ukuphila Komkhaya (Ipheshana No. 21); nelithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? (Ipheshana No. 22) (ibandla, iningi, namaphayona: amasenti amathathu). NgesiTsonga: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kwakho Kujabulise (ibandla neningi: R3,00; amaphayona: R2,25).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela