Qaphelisisa Njalo Ukufundisa Kwakho
1 Isimiso esisha seSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini sizoqala ngo-January 1995. Yini entsha kulesisimiso? Umlando othakazelisayo wenhlangano kaJehova yosuku lwanamuhla uyoba isihloko okuyoxoxwa ngaso ezinkulumweni eziningi zokuyala. Phakathi nonyaka kuyocatshangelwa amakhasi angu-178 encwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Njengoba ingeke ibe khona imibuzo yokubukeza ngemva kwenkulumo yokuyala eyothathwa encwadini ethi Abamemezeli, yini esingayenza ukuze siqaphelisise ukufundisa kwethu futhi sizuze kakhudlwana?—1 Thim. 4:16.
2 Nakuba abaningi sebeyifundile lencwadi ethi Abamemezeli, ukucatshangelwa kwalokhu kwaziswa esimisweni sesikole kuyobasiza bonke ukuba balazise nakakhudlwana ifa labo elingokwasezulwini. (IHu. 71:17, 18) Kungani ungabekeli eceleni isikhathi esithile isonto ngalinye sokubukeza ukwaziswa okwabiwe okusencwadini ethi Abamemezeli?
3 Izinkulumo Zokuyala Ezinomfutho Nezithakazelisayo: Izinkulumo zokuyala ezithathwe encwadini ethi Abamemezeli kufanele zinikezwe ngomfutho nangendlela ethakazelisayo. Kufanele ziqokomise nokuba yinzuzo kokwaziswa, zijulise inhlonipho ngenhlangano kaJehova nokwazisa amalungelo esinawo njengezinceku zikaNkulunkulu. Uma umkhaya ngamunye oba khona eSikoleni uphatha incwadi ethi Abamemezeli lapho uza emhlanganweni, amalungu omkhaya angayilandela kahle inkulumo yokuyala futhi azuze emifanekisweni nasezithombeni ezingokoqobo.
4 Ukufundwa KweBhayibheli Okushukumisa Ingqondo: Ukufunda kahle, okunokugcizelela okuhle okubonisa ukuqonda nomuzwa, kuyingxenye ebalulekile yokufundisa okuphumelelayo. Ngaphezu kwalokho, indaba eyabiwayo okufanele ifundwe eNkulumweni No. 2 ayibi yinde kakhulu, futhi ngokuvamile kuyoba nesikhathi esiningi sesethulo namazwi okuphetha esikhulumi. Isethulo kufanele senze izilaleli zibe nesithakazelo endabeni eyabiwe futhi sizilungiselele ukuba zibone inzuzo yayo. Isiphetho singahlanganisa amazwi achazayo nendlela yokusebenzisa ukwaziswa, isikhulumi sisisebenzise ngokugcwele isikhathi esisabelwe.
5 Okunye ukwaziswa okuphathelene nesimiso sesikole nangendlela izabelo okufanele zisingathwe ngayo kungatholakala “eSimisweni Sesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini Sango-1995.” Siqaphelisisa ukufundisa kwethu ngokubukeza iziyalezo ezikulokhu kwaziswa, ngokulungiselela izabelo zethu kahle, nangokusebenzisa iseluleko esisinikezwayo, ukuze sithuthukise ikhono lokukhuluma nokufundisa. Labo abangakabhalisi esikoleni bamenywa ngemfudumalo ukuba benze kanjalo.