Ingxenye 2—Zuza Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996
1 Ngokushesha ngemva kokusungulwa kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ngo-1943, elinye lamagatsha eNhlangano labika: “Leli lungiselelo elihle kangaka laphumelela ngesikhashana nje ekusizeni abazalwane abaningi ababecabanga ukuthi babengeke babe izikhulumi zasobala ukuba baqephuze endaweni yesikhulumi futhi baphumelele ngokwengeziwe ensimini.” Lesi sikole siyaqhubeka sinikeza ukuqeqeshwa okuhle sonke esikudingayo.
2 Ukufundwa KweBhayibheli: Labo abanikezwa izinkulumo akubona bodwa abazuzayo kulesi sikole. Empeleni, sonke sinesabelo—ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke. Isimiso sesikole sibonisa ukuthi iziphi izahluko zeBhayibheli ezizofundwa isonto ngalinye. Kunezikhumbuzo eziningi ezingokomBhalo ezigcizelela ukubaluleka kokufunda iBhayibheli nsuku zonke. (Josh. 1:8; IHu. 1:2; IzE. 17:11) Ukufunda iBhayibheli kubalulekile ukuze sibe nempilo enhle ngokomoya; kondla ingqondo nenhliziyo. Uma sifunda iBhayibheli okungenani imizuzu emihlanu ngosuku, siyokwazi ukuhambisana nesimiso sesikole. Ekupheleni konyaka, siyobe sesifunde izahluko ezingaphezu kuka-150 zeZwi likaNkulunkulu. Uma iBhayibheli siligcina liseduze, kufanele sikwazi ukulifunda nsuku zonke.
3 INkulumo Yokuyala: Ukuze sishukumisele abazalwane enkonzweni yokwethembeka, neyentshiseko, isikhulumi esinikeza inkulumo yokuyala kufanele sisebenzise izindlela ezinhle zokufundisa, siyenze iqondakale, futhi sakhe ukwazisa ngoJehova, iZwi lakhe, nenhlangano yakhe. Abadala nezinceku ezikhonzayo bangakufeza lokhu ngokulungiselela kahle, ngokwenza inkulumo yabo igxile esihlokweni, ngokukhuluma ngokuqiniseka, nangokwenza indaba iphile. (Heb. 4:12) Kubalulekile ukuba isikhulumi sigcine isikhathi esisabelwe. Incwadi ethi “Yonke ImiBhalo” inentilibathwa yemibhalo yeBhayibheli futhi inikeza uchungechunge lokwaziswa okungokomBhalo okujabulisayo nokungasizuzisa ngokomoya. Incwadi ethi Abamemezeli iqukethe umlando wanamuhla wenhlangano ebonakalayo kaJehova futhi ilandisa ngezenzakalo ezenzeka ekuphileni kwabantu abangokoqobo ababonisa ukholo, intshiseko, ukuzinikela, nothando. Kuningi okufanele kufundwe ngefa lethu elingokwasezulwini nangendlela uJehova aye wabusisa ngayo abantu bakhe ezikhathini zanamuhla.
4 Amaphuzu Avelele EBhayibheli: Abazalwane abanikezwa lesi sabelo kufanele bakhethe amavesi athile angase asebenze ngokoqobo ukuze kuzuze ibandla. Kudingeka bafunde amavesi abiwe, bazindle ngawo, benze ukucwaninga ngamavesi akhethiwe ukuze bathole amaphuzu azocacisa incazelo yaleyo mibhalo. Ngemuva kwe-Watch Tower Publications Index, kune-“Scripture Index,” engaba usizo ekutholeni ukwaziswa ngokuphathelene namavesi athile eBhayibheli. Abazalwane abasingatha lengxenye kufanele babonise ukwahlulela okuhle futhi bagweme ukwenezela ukwaziswa okungadingekile. Akufanele balungiselele ukwaziswa okungaphezu kwalokho abangakuhlanganisa ngemizuzu eyisithupha.
5 Sonke singazuza eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Singasisiza ukuba sithuthuke ekhonweni lethu lokukhuluma nokufundisa. Ukuzuza ngokugcwele kuleli lungiselelo ngokuqinisekile kuyosisiza ekutheni ‘intuthuko yethu ibonakale kubo bonke abantu.’—1 Thim. 4:15.