Imihlangano Yenkonzo Ka-February
Isonto Eliqala Ngo-February 5
INgoma 96
10 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni.
15 imiz:“Ukumemezela Iqiniso Nsuku Zonke Silingisa UJesu.” Imibuzo nezimpendulo. Funda isigaba 5.
20 imiz:“IsAmbulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso.” Xoxani ngezintshumayelo ezisikiselwe, bese kuba nomboniso owodwa noma emibili.
INgoma 14 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 12
INgoma 191
10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
13 imiz:“Lungiselela Umsebenzi Kamagazini Ngo-April.” Qokomisa ukubaluleka kwe-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ekwenzeni izindaba ezinhle zaziwe. Funda lesihloko esinezigaba ezimbili, bese uchaza lokho ibandla elizokwenza ukuze lenze u-April abe inyanga ekhethekile yokusakaza umagazini.
22 imiz:“Ngingamenza Kanjani Ukuba Alalele?” Imibuzo nezimpendulo. Makube nabamemezeli ababili abaxoxa ngendlela abazozama ngayo ukubonisa imfudumalo eyengeziwe lapho bekhuluma emizini yabantu, besebenzisa okunye kokusikisela okunikezwe encwadini ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 165-7, izigaba 10-21.
INgoma 133 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 19
INgoma 72
10 imiz:Izaziso zebandla.
15 imiz:“Zuza ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996—Ingxenye 2.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Gcizelela isidingo sokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.
20 imiz:“Basize Baqonde.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe zokwenza izimpindelo. Umdala uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngezici ezivelele zencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo nokuthi zingaqokonyiswa kanjani. Makube nomboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili. Nikeza ukusikisela ngokuthi isithakazelo singathuthukiswa kanjani kuze kube sezingeni lapho kungaqalwa khona isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 26
INgoma 28
10 imiz:Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bayibike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini yango-February. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuthi ifakiwe yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezidlule ebingakafakwa. Lemibiko efike sekwephuzile kufanele ifakwe embikweni webandla wango-February.
15 imiz:Ukulungiselela Izintshumayelo Ezikhangayo. Umbonisi wenkonzo noma omunye umdala uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngezinzuzo zokuba nezintshumayelo zendlu ngendlu eziqokomisa okuthile abantu bendawo abanesithakazelo kukho. Ngokwesibonelo, imibiko yendawo ephathelene nemizamo eyenziwayo yokuthuthukisa izinga lokuphila; igagasi elikhulayo lezinkinga zomshado, izingane ezingamahlongandlebe, noma izinkinga zokungatholi umsebenzi; noma izindaba ezibonisa ukuthi kungani abantu beya bewangabaza amakhambi anikezwa abezombangazwe nabefundisi. Yishoni izindaba ezithile ezisematheni emphakathini wakini, bese nixoxa ngokuthi zingasetshenziswa kanjani ekuqaleni izingxoxo.
20 imiz:Ukuhambisa Incwadi Ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade Ngo-March. Veza ezinye zezici ezithakazelisayo zalencwadi ezingase zisetshenziselwe ukuqala izingxoxo. (1) Donsela ukunakekela emifanekisweni ekhangayo, njengaleyo eboniswe emakhasini 4-5, 86, 124-5, 188-9. (2) Bonisa ukuthi isahluko ngasinye siphetha ngohlu lwemibuzo yokubukeza, bese uchaza indlela engase isetshenziswe ngayo njengesisekelo sezingxoxo. Umninikhaya angase abuzwe ukuthi angathanda yini ukwazi izimpendulo. Khetha imibuzo ethile kuleyo ehlelwe emakhasini 11, 22, 61, 149. (3) Bhekisela ebhokisini elisekhasini 102, bese unikeza ukusikisela okubonisa indlela ezinye “Izici Zezinsuku Zokugcina” ezingasetshenziswa ngayo ekuvuseni isithakazelo. (4) Gcizelela indlela lencwadi eklanywe ngayo ngokukhethekile ukuba kuqhutshwe ngayo izifundo ezithuthukayo. Izahluko zimfushane, ukwaziswa kulula ukukuqonda, imibhalo ekhonjiwe inamandla, nemibuzo ephenyayo igxila emaphuzwini ayisihluthulelo. Bakhuthaze bonke ukuba bahambise lencwadi ngomgomo wokuqala izifundo.
INgoma 151 nomthandazo wokuphetha.