Ziqeqeshe Unomgomo Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
1 ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ngokuthuthukayo sisiqeqeshela ukuba ‘siqondise kahle izwi leqiniso.’ (2 Thim. 2:15) Ingabe usuye wasingenela? Uma kungenjalo kodwa ufaneleka, kungani ungazuzi kulelilungiselelo elihle ngokubhalisa manje?
2 Isici esibalulekile salesikole isimiso samasonto onke sokufundwa kweBhayibheli. Isimiso sakho siqu sokutadisha kufanele sihlanganise nokufunda izahluko zeBhayibheli ezabiwe ukuze ngokuhamba kwesikhathi ube usulifunde lonke iBhayibheli.
3 Kusukela esimisweni sesikole sika-1993, ingxenye yokufundwa kweBhayibheli ehlanganiswa iNkulumo No. 2 iyofundwa yonke kungemiwa ezindaweni ezithile. Lokhu kusho ukuthi umfundi osingatha lenkulumo uyohlanganisa ukwaziswa okuchazayo esingenisweni sakhe nasesiphethweni kuphela. Umzalwane owabelwe ukubukeza amaphuzu avelele eBhayibheli kufanele akulinganisele ukukhulumela kwakhe emavesini abelwe iNkulumo No. 2 ukuze isikhulumi saleyonkulumo sikwazi ukuningiliza ukwaziswa kwaso ngokugcwele ekufundweni kweBhayibheli.
4 Umbonisi wesikole uyobhala ipheshana leSeluleko Senkulumo lalabo abanikeza iziNkulumo No. 2, 3, no-4. Akulindelekile ukuba alandele amaphuzu njengoba ebekwe eselulekweni senkulumo kodwa angase anikeze iseluleko esithile emaphuzwini lapho umfundi edinga ukuthuthukisa khona. Asikho isidingo sokubhala ipheshana leseluleko lesikhulumi esinikeza iSabelo No. 1, nakuba iseluleko sangasese singase sinikezwe lapho kunesidingo.
5 Bonke abafanelekayo kufanele bawasebenzise ngokugcwele lamalungiselelo angokomoya enziwa uJehova, kuhlanganise nokuqeqeshwa okunikezwa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ukuqeqeshwa okunjalo kungaholela enkonzweni ekhiqiza ngokwengeziwe.—1 Thim. 4:7.