Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/95 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 1/95 k. 3

IZaziso

◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R10,50. Izincwadi ezincane zingu-R5,30. Ngo-March: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo.

◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekayo okugubha iSikhumbuzo kulonyaka ngoLwesihlanu, April 14, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe esalo iSikhumbuzo, lokhu kungase kungenzeki ngazo zonke izikhathi. Lapho kunamabandla amaningi asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angathola enye indawo angayisebenzisa ngalobobusuku. ISikhumbuzo akufanele sephuze kakhulu ukuqala kangangokuba abantu abasanda kuhlanganyela bakuthole kunzima ukuba khona. Ngaphezu kwalokho, akufanele isikhathi sisondelane kangangokuba singabibikho isikhathi sokubingelela izivakashi ngaphambi nangemva kwemihlangano, sokwenza amalungiselelo okunikeza usizo oluqhubekayo olungokomoya kwabathile, noma sokujabulela ukukhuthazana. Ngemva kokucabangela kahle zonke izici, abadala kufanele banqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayobasiza kangcono labo abazobe bekhona eSikhumbuzweni ukuba bazuze ngokugcwele kulowomkhosi.

◼ NgeSonto, April 23, 1995, kuwo wonke amabandla kuyonikezwa inkulumo yeningi ekhethekile. Isihloko siyobe sithi “Isiphelo Senkolo Yamanga Siseduze.” Qikelela ukuba umeme bonke abazobe bekhona eSikhumbuzweni kulonyaka. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokusiza izigidi zabafundi abaqhutshelwa izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Ukwaziswa okuyonikezwa ngemva komhlangano ngalolosuku kuyobashukumisa bona kanye nabo bonke abafowethu ukuba balangazelele ukuhlanganyela ekusakazeni ipheshana elikhethekile. Ngesikhathi esifanayo, kuyoveza izinkinga abantu ngabanye ababhekene nazo kanye nesidingo sokuthatha isinyathelo esiwujuqu esivumelana neZwi likaNkulunkulu.

◼ Kusukela ngo-February, engakadluli u-March 5, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyothi “Ukufundisa Kwaphezulu Kuyanqoba Emhlabeni Wonke.” Iyoba inkulumo yama-slide eqokomisa imihlangano yezizwe ekhethekile ‘yokuFundisa Kwaphezulu’ eyaqhutshwa ngonyaka wenkonzo ka-1993 no-1994. Kulezozindawo lapho ama-slide eyotholakala khona kamuva, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo ethi “Thembela KuNkulunkulu Wenduduzo Yonke” baqhubeke beyinikeza kuze kube yilapho ama-slide esetholakala. Lapho wonke amabandla eseyitholile inkulumo yama-slide, ababonisi besifunda bayoqhubeka benikeza inkulumo ethi “Thembela KuNkulunkulu Wenduduzo Yonke” kuze kube yilapho sekuhlelwe inkulumo entsha yombonisi wesifunda ekuqaleni kuka-1996.

◼ EMhlanganweni Wenkonzo wesonto lika-January 9, bonke abamemezeli ababhapathiziwe bayobe sebenikeziwe amakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ezingane zabo.

◼ U-April 1, 1995 uzokuba uSuku lwethu Lukamagazini olukhethekile lwaminyaka yonke. Esikhathini esidlule abaningi bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulonyaka? Amabandla kufanele afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela