Ingxenye 1—Bonisa Ukubacabangela Abanye
1 Siyajabula ukubona ukuchuma kwabantu bakaJehova, okuye kwabangela ukwanda kwamabandla. Kwezinye izindawo, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu, amaHholo OMbuso aye asetshenziswa kakhulu, ngezinye izikhathi kudingeka ukuba amabandla amaningana asebenzise iHholo LoMbuso elilodwa. Lesisimo sidinga ukucabangela okukhulu kwabo bonke abahilelekile.
2 Ibandla ngalinye elisebenzisa iHholo LoMbuso kufanele lilishiye lihlanzekile futhi licocekile ngenxa yabazalwane abalisebenzisa kamuva. Izihlalo kufanele zihlelwe kahle, izincwadi ezikukhawunta kufanele ziqoqwe, futhi noma iziphi izinto zomuntu siqu ezisakazeke eHholo LoMbuso kufanele ziqoqwe. Izindlu zangasese kufanele zishiywe zisesimweni esicocekile, kuqikelelwe ukuthi insipho, amathawula, nephepha langasese kukhona nemigqomo yezibi ichithiwe.
3 Uma kunomunye umhlangano ohlelelwe ukuba uqale ngokushesha, labo abasele abebesemhlanganweni ongaphambili kufanele bangalokhu bethilileka ngokungenasidingo, bephazamisa ukulungiselela umhlangano olandelayo. Izingxoxo ezinde zobungane zingabangela ukucinana kwamaphaseji kulibazise abazalwane ekulungiseleleni umhlangano olandelayo. Kungenzeka ukuthi indawo yokupaka eHholo LoMbuso incane, futhi kungabonisa umusa ukusheshe uhambe ukuze labo abangenayo bathole indawo yokupaka. Ngakolunye uhlangothi, labo abeze emhlanganweni olandelayo akufanele basheshe kakhulu ukufika, babangele ukuminyana okungadingekile emaphaseji, endlini yangasese, nasendaweni yokupaka.
4 Lapho kunamabandla amaningana ahilelekile, kunesidingo esikhethekile sokubambisana ngokuseduze ekwenzeni amalungiselelo okuhlanza iHholo LoMbuso masonto onke. Ngokuvamile, amabandla ayashintshana ngokwesikhathi esithile esimisiwe. Uma ibandla lenu linalowomthwalo wemfanelo, qikelela ukuthi kuyahlanzisiswa futhi kwenziwe ngokushesha. Amanye amabandla asebenzisa ihholo ngeke akhalaze.
5 Ngezikhathi ezithile kuba nesidingo sokuba ibandla ngalinye lishintshe izikhathi zalo zemihlangano, njengalapho kuhambele umbonisi wesifunda. Uma elinye ibandla lithinteka, abadala kufanele balazise kusengaphambili ukuze lazise abamemezeli balo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Futhi, uma kuhlelwe ukuba kube khona umsebenzi othile ogunyaziwe, njengeSikole Senkonzo Samaphayona, umhlangano wabadala besifunda, noma umshado, amanye amabandla nanoma ibaphi ababonisi besifunda abathintekile kufanele batshelwe kusenesikhathi eside; ngaleyondlela ngeke bahlele ukusebenzisa iHholo LoMbuso ngesikhathi esifanayo.
6 Kungenzeka kube namahholo asetshenziswa amabandla abelwe ezifundeni ezihlukene. Kubalulekile ukuba ababonisi abajikelezayo abahambela lamahholo batshelane ngokuthi kunini okunye ukuhambela okuhleliwe. Kungabangela ushintsho olwenziwe ngomzuzu wokugcina noma ezinye izinkinga uma ababonisi ababili abajikelezayo bengahlela ukuhambela lawomabandla ngesonto elilodwa.
7 Ukubacabangela ngothando abanye, ukukhulumisana okuhle, ukuhlela kusengaphambili, nokubambisana kuyosiza ekulondolozeni ubuhlobo obufudumele phakathi kwamabandla futhi kuyoqinisekisa ukuthi ‘konke kwenziwa ngemfanelo nangenhlelo.’—1 Kor. 14:40.