Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/96 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 9/96 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00 enkulu noma ka-R4,00 encane. Noma ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-October: Isikhokhelo sonyaka somagazini i-Phaphama! noma INqabayokulinda abaphuma kabili ngenyanga ngeposi ngomnikelo ka-R38,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngo-R19,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa amakhophi kamagazini lapho isipho senqatshwa. Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Sizokwenza umzamo okhethekile wokulandelela bonke abantu esibahambisele lencwadi, sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-December: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngo-R9,10.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho senikwenzile lokhu.

◼ Abamemezeli abahlela ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-October kufanele bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyokwenza abadala bakwazi ukwenza amalungiselelo afanele omagazini, izincwadi, nensimu.

◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziyalezo ezinikezwe emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuphathelene nanoma ibaphi abantu abasuswa ekuhlanganyeleni noma abazihlukanisa okungenzeka babonisa isimo sokufuna ukubuyiselwa.

◼ NgoMgqibelo, October 12, 1996, iKhaya LaseBethel nefektri kuzovalwa ukuze kuhlanzwe, ngakho ngeke abe khona amalungiselelo okubuka indawo.

◼ Sikhumbuza WONKE AMABANDLA ukuba asize a-ode ngokushesha ngangokunokwenzeka amakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ngefomu le-Literature Order (S-AB-14). Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele i-oda lawo nemali. Amakhadi e-medical directive angamasenti ayishumi lilinye kanti ama-Identity Card angamasenti angu-8 lilinye. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 uma kungenzeka. Ningawakhiphi lamakhadi, kodwa niwagcine kuze kube yilapho nithola ezinye iziyalezo ezivela eNhlanganweni.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1997 e-odeni lawo lezincwadi lango-September. Amakhalenda azotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Ayizinto ezi-odwa ngokulinganiselwa. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali.

◼ Ama-compact Disc Atholakalayo:

Watchtower Library—1995 Edition (ibandla, iningi, namaphayona: R45,00) —ngesiNgisi

◼ Amakhasethi Amasha E-video Atholakalayo:

Knowledge That Leads to Everlasting Life (Umqulu 2 no-3; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00) —isiNgisi Sezithulu

◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku ezintsha nezindawo zemihlangano yesigodi elandelayo yilezi:

Ngo-December 13-15: EGaborone (isiNgisi, isiTswana) EGermiston (isiNgisi, isiPutukezi)

EGoli (isiBhunu)

Ngo-December 20-22: ESoshanguve (iSipedi/isiSuthu/isiTswana)

ESoweto (isiSuthu)

Ngo-December 27-29: EMamelodi (isiZulu)

ESoweto (isiZulu)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela