Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/96 k. 6
  • Shumayela NgoMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Shumayela NgoMbuso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sikhuluma Nabanye Ngethemba Lethu LoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Iyakha Futhi Iwusizo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 9/96 k. 6

Shumayela NgoMbuso

1 KumaHeberu 10:23, sikhuthazwa ukuba ‘sikubambe ngokuqinile ukulivuma kwasobala ithemba lethu.’ Futhi ithemba lethu ligxile eMbusweni kaNkulunkulu. UJesu wayala ngokuqondile ukuthi izindaba zoMbuso kufanele zishunyayelwe kuzo zonke izizwe. (Marku 13:10) Kufanele sikukhumbule lokhu lapho sihlanganyela enkonzweni yethu.

2 Lapho sihlangana nabantu, sizama ukuqala ingxoxo ngokuthile okubathakazelisayo noma okubakhathazayo. Ngokuvamile sisho izinto abazaziyo, njengobugebengu obusendaweni, izinkinga zentsha, izinkathazo zokuzama ukuziphilisa, noma usizi lwezindaba zezwe. Njengoba izingqondo zabantu abaningi zigxile kulezi ‘zinkathazo zokuphila,’ uma sibonisa ukuthi siyakhathalela futhi siyaqonda, ngokuvamile abantu bayokuveza abakucabangayo. (Luka 21:34) Lokhu kungasivulela indlela yokuhlanganyela nabo ithemba lethu.

3 Nokho, uma singaqapheli ingxoxo ingagxila ezintweni ezimbi size sihluleke ukufeza injongo yokuhambela kwethu—ukushumayela isigijimi soMbuso. Nakuba sidonsela ukunakekela ezimweni ezimbi eziletha ukucindezeleka okukhulu, umgomo wethu ukuqondisa ukunakekela eMbusweni, okuyiwona ekugcineni oyoxazulula zonke izinkinga zesintu. Sinethemba elimangalisayo ngempela abantu abadinga kakhulu ukulizwa. Ngakho nakuba ekuqaleni singaxoxa ngesici esithile salezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ kufanele ngokushesha sigxile esigijimini sethu esiyinhloko, ‘sezindaba ezinhle ezimi phakade.’ Ngalendlela siyoyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.—2 Thim. 3:1; 4:5; IsAm. 14:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela