Sithunyiwe
1 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze izizwe zonke abafundi.’ (Math. 28:19) Emazweni angu-232 nasemaqenjini eziqhingi emhlabeni wonke, abadumisi bakaJehova uNkulunkulu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu banikeza ubufakazi obuphilayo bokugcwaliseka komyalo kaJesu. Kodwa kuthiwani ngathi ngabanye? Ingabe sikuthatha ngokungathi sína ukuthunywa kokuba sishumayele?
2 Isibopho Sikanembeza: Ukuthunywa “kuwumyalo wokwenza imisebenzi eshiwo.” UKristu usithume ukuba sishumayele. (IzE. 10:42) Umphostoli uPawulu waqaphela ukuthi lokhu kubeka kuye isidingo, noma isibopho sikanembeza, sokumemezela izindaba ezinhle. (1 Kor. 9:16) Ngokwesibonelo: Zicabange uyitilosi emkhunjini ocwilayo. Ukaputeni ukuthuma ukuba uxwayise abagibeli futhi ubayise ezikebheni zokusindisa ukuphila. Ingabe ubungawushaya indiva lowo myalo bese ugxila ekuzisindiseni wena kuphela? Ngokuqinisekile ubungeke. Abanye bathembele kuwe. Ukuphila kwabo kusengozini. Unesibopho sokufeza ukuthunywa kwakho kokuba ubasize.
3 Siye sathunywa ngokwaphezulu ukuba sikhiphe isixwayiso. Ngokushesha uJehova uzoqeda sonke lesi simiso esibi sezinto. Ukuphila kwezigidi zabantu kulengela engozini. Bekungaba okufanele yini ngathi ukungayinaki ingozi abanye abakuyo bese sikhathalela ukuzisindisa thina kuphela? Bekungenakufaneleka nhlobo. Sinesibopho sikanembeza sokusiza ekusindiseni ukuphila kwabanye.—1 Thim. 4:16.
4 Izibonelo Ezithembekile Zokulandelwa: Umprofethi uHezekeli wazizwa enomthwalo wemfanelo wokunikeza isigijimi esiyisixwayiso kuma-Israyeli angathembekile. UJehova wamxwayisa ngokuqinile ngemiphumela engaba khona uma ehluleka ukufeza isabelo sakhe: “Lapho ngithi komubi: Uyakufa nokufa, besewungamxwayisi, . . . yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.” (Hez. 3:18) UHezekeli ngokwethembeka wafeza ukuthunywa kwakhe ngisho nalapho ebhekene nokuphikiswa okunzima. Khona-ke, wayengajabula lapho izahlulelo zikaJehova zigcwaliseka.
5 Emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uPawulu wabhala ngomthwalo wakhe wemfanelo wokushumayela. Wathi: “Ngimsulwa egazini labo bonke abantu, ngoba angigodlanga ukunitshela yonke injongo kaNkulunkulu.” UPawulu washumayela obala nasendlini ngendlu ngoba waqaphela ukuthi ukungakwenzi lokho kwakungamenza abe necala legazi phambi kukaNkulunkulu.—IzE. 20:20, 26, 27.
6 Ingabe sinayo intshiseko uHezekeli ayenayo? Ingabe sizizwa sishukunyiselwa ekubeni sishumayele njengoba uPawulu azizwa kanjalo? Ukuthunywa kwethu kuyafana nokwabo. Kufanele siqhubeke sifeza umthwalo wethu wemfanelo wokuxwayisa abanye, naphezu kokunganaki, ukungabi nandaba, noma ukuphikisa kwabo. Kusenezinkulungwane ezengeziwe ezisengasabela esigijimini soMbuso futhi zithi: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” (Zak. 8:23) Kwangathi uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane lungasishukumisela ukuba singayeki. Sithunywe ukuba sishumayele!