Izikhumbuzo ZeSikhumbuzo
Umkhosi weSikhumbuzo uzokuba ngeSonto, ngo-March 23. Abadala kufanele banakekele lezi zinto ezilandelayo:
◼ Ekumiseni isikhathi somhlangano, qikelelani ukuthi izifanekiselo ngeke zidluliswe lize lishone ilanga.
◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele batshelwe isikhathi esiqondile kanye nendawo yalomkhosi.
◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 17 [w85 2/15 k. 19].
◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanelekile nendwangu yalo kufanele kulethwe kusengaphambili ehholo bese kubekwa endaweni yako.
◼ IHholo LoMbuso noma enye indawo okuzohlanganelwa kuyo kufanele ihlanzisiswe kusengaphambili.
◼ Abalindi nabazodlulisa izifanekiselo kufanele bakhethwe futhi banikezwe iziyalezo kusengaphambili ngokuphathelene nenqubo efanele ezolandelwa kanye nemisebenzi yabo.
◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuyisa izifanekiselo kunoma ibaphi babagcotshiwe abaxhwalile abangeke bakwazi ukuba khona.
◼ Uma eHholo LoMbuso kuzogujwa umkhosi ongaphezu kowodwa, kufanele kube khona ukubambisana okuhle kwamabandla ukuze kungabi bikho ukuminyana okungadingekile eminyango, emagcekeni nasendaweni yokupaka.