IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-March: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda, somagazini abafika ngeposi, ngomnikelo ka-R41,00 esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R20,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana. Lapho isipho senqatshwa, yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini. Ensimini yaphakathi nesonto nasensimini ehlanganiswa njalo, kungase kusetshenziswe incwajana entsha ethi, Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-June: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00. Gxila ekuqaleni izifundo zeBhayibheli.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1, noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele bahlole umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokufinyelela imfuneko yamahora, abadala kufanele bahlele ukuba anikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani incwadi enaniyibhalelwe iNhlangano (S-201) ka-October 1, 1993, neka-October 1, 1992. Bhekani nezigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.
◼ Indikimba yabadala kufanele iqaphele ukuthi uma ibandla lizoya emihlanganweni yesifunda kufanele kwenziwe lolu shintsho: Uma kuzokuba nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa, ibandla kufanele libe nayo yonke imihlangano yangalelo sonto, ngaphandle kokuthi uMhlangano Weningi neSifundo Se-Nqabayokulinda akubibikho. Uma ibandla lizokuya emhlanganweni wesifunda, ngeke sibe khona iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini kanye noMhlangano Wenkonzo; kuyoba khona iSifundo Sencwadi Sebandla kuphela ngalelo sonto.
◼ Kulonyaka inkulumo yeningi ekhethekile yangesikhathi seSikhumbuzo izonikezwa emabandleni amaningi ngeSonto, April 6. Lenkulumo inesihloko esithi “Zigcine Uhlanzekile Ekungcoleni Kwezwe.” Kufanele sibe khona sonke, futhi kufanele sisize abathakazelayo ababezé eSikhumbuzweni ukuba beze kulenkulumo. Lokho esiyokuzwa ngokuqinisekile kuyosenza sibe nokuzimisela okuvuselelwe kokujabulisa uNkulunkulu.
◼ Ukuze uzuze ngokwengeziwe ezifundweni zebandla ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu, siza ubheke iziqondiso ezisekhasini 1 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1992. Lesi sihloko sichaza indlela yokulungiselela isifundo ngasinye nanendlela lesi Sifundo Sencwadi esizoqhutshwa ngayo. Abaqhubi bezifundo nabo bonke abakhona bayozuza ngokubukeza lokhu kwaziswa.
◼ Kuyo yonke imiphakathi, ngezikhathi ezihlukahlukene phakathi nonyaka, kuba namaholide ezwe enza ukuba izingane zingayi esikoleni nabasebenzayo bangayi emsebenzini. Lokhu kunikeza ibandla amathuba amahle okuhlanganyela ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini. Abadala kufanele baqaphele ukuthi lezi zikhathi zizoba nini futhi ibandla balazise kusenesikhathi ngamalungiselelo enzelwe ukufakaza njengeqembu ngezikhathi zamaholide.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (ibandla neningi: R1,20; amaphayona: R0,80)—isiBhunu, isiChewa, isiCroatia, isiDashi, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolish, isiPutukezi, isiRashiya, isiSerbia, isiShayina, isiShona, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu
◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (Imiqulu 4-6; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00)—ULimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Izincwadi Ezintsha Ze-Braille Ezitholakalayo:
Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya (imiqulu emibili; ibandla, iningi, namaphayona: R9,00)—IsiNgisi Sezithulu
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (umqulu owodwa; ibandla, iningi, namaphayona: R3,00)—IsiNgisi Sezithulu