Izifundo ZeBhayibheli Ezikhiqiza Abafundi
1 “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” kubuza umthenwa ongumTopiya ngemva kokuba uFiliphu ‘ememezele kuye izindaba ezinhle.’ (IzE. 8:27-39) Endabeni yomthenwa, wayenalo vele uthando lwemibhalo ephefumulelwe uNkulunkulu, futhi ngemva kokuba ethole usizo olungokomoya kuFiliphu, wayesekulungele ukuba umfundi. Kodwa akubona bonke abantu abacabanga ukuthi kudingeka bazihlolele imiBhalo.
2 Siyabonga ukuthi inhlangano kaJehova iye yalungiselela incwadi Ulwazi ukuze ikhuthaze abantu bahlole umyalezo weBhayibheli kulolusuku lwethu. Ukwaziswa okukulencwadi kufanele kubakhange abantu abaqotho okungenzeka bafundile kodwa banolwazi oluncane lweBhayibheli. Leli thuluzi elihle liklanyelwe ukuba lishukumisele abantu ukuba bafune ukuhlola iBhayibheli.
3 Lapho uqala isifundo seBhayibheli, kungaba usizo ukubukeza ukusikisela okuhle okwakhishwa esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996 esasibonisa indlela isifundo esinezithelo esingaqhutshwa ngayo ngencwadi ethi Ulwazi. Phakathi nesifundo, qaphela intuthuko umfundi ayenzayo ukuze ubone ukuthi iziphi izindawo adinga kuzo usizo olwengeziwe. Khuthaza umfundi ukuba alungiselele isifundo kusengaphambili, afunde nemibhalo. Izimpendulo azinikeza ngamazwi akhe zingabonisa ukwazisa kwakhe okusuka enhliziyweni ngeqiniso. Ngokuvamile bathuthuka ngokushesha labo abazifundela izincwadi ezengeziwe zeNhlangano futhi babe khona njalo emihlanganweni yebandla. Mkhuthaze ukuba akhulume ngokwethukela nabanye ngalokho akufundayo. Mbonise ngomusa lokho okufanele akwenze ukuze athuthuke ngokomoya. Akufanele siqhubeke sifunda nabantu abanhliziyo-mbili. Abafundi kufanele bathathe isinyathelo kuqala sokufunda, sokumelela iqiniso ngokuqinile futhi bathuthukele ekuzinikezeleni nasobhapathizweni.
4 Kweminye imikhaya, kuqhutshwa izifundo ezingaphezu kwesisodwa, ngoba amalungu omkhaya anezifundo ezihlukene. Nokho, ezimweni eziningi kutuswa ukuba kube nesifundo esisodwa somkhaya, ngoba kungasiza ekuwuhlanganiseni ndawonye ngokomoya lowo mkhaya.
5 Umyalo kaJesu uwukuba sihambe siyokwenza abafundi. (Math. 28:19) Ukuze sikwenze lokho, kumelwe siqhube izifundo zeBhayibheli ezisiza abantu esifunda nabo ukuba bathuthuke kuze kube seqophelweni lokuba babuze ukuthi, “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?”