Yenza Izinto Ezibalulekile Zize Kuqala
1 Yiziphi ezinye zezinto ezibalulekile ezidingekayo enhlalakahleni yethu engokomoya? Ngokuqinisekile lezi zinto zihlanganisa isifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, ukuphikelela emthandazweni, ubudlelwane obuhle kanye nenkonzo yobuKristu. Asinakuyilondoloza impilo enhle engokomoya uma izinto ezibalulekile ekuphileni kwethu singazenzi zize kuqala kunakho konke.
2 Nokho, sonke silwa nezifiso zenyama futhi siyasidinga isiyalo. (Gal. 5:17) Akufanele neze sicabange ukuthi kunokwengeziwe esingakuzuza ngokuphishekela izithakazelo zenyama. (Jer. 17:9) Khona-ke, ukuze silondoloze inhliziyo yethu futhi sigweme ukudukiswa, ukuzihlola njalo kubaluleke kakhulu.—IzAga 4:23; 2 Kor. 13:5.
3 Hlola Inhliziyo Yakho: Ungakwenza lokhu ngokuzibuza imibuzo ethile eqondile: Ingabe ngiyakulangazelela ukufunda iZwi likaNkulunkulu? (1 Pet. 2:2) Ingabe ngiyakuqaphela ukubaluleka kokuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla? (Heb. 10:24, 25) Ingabe ngiyaphikelela emthandazweni? (Roma 12:12) Ingabe ngifuna abangane abathambekele ezintweni ezingokomoya? (Roma 1:11, 12) Ingabe ngizizwa nginesibopho sokumemezela izindaba ezinhle? (1 Kor. 9:16) Izimpendulo ezivumayo ziyobonisa ukuthi ulangazelela ukwenza izinto ezibaluleke kakhulu zize kuqala.
4 Hlola Isimiso Sakho Sansuku Zonke: Kumelwe ulandelele ukuhlola kwakho izifiso zenhliziyo yakho ngokuba isikhathi usisebenzisele izinto eziza kuqala. Lokhu kuhlanganisa ukuhlela isikhathi sokufunda njalo iBhayibheli nabo bonke omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, nesokulungiselela imihlangano. Kufanele futhi kube nesikhathi sokutadisha nokuthandaza ndawonye njengomkhaya. Misa ubungako besikhathi esizochithwa kubukwa i-TV noma kusetshenziswa i-computer. Zimisele ukuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla bese konke okunye kuza kamuva. Hlela ukuba wonke umkhaya uhlanganyele enkonzweni yasensimini isonto ngalinye.
5 Ngokungangabazeki, ukwenza izinto ezibaluleke kakhulu zize kuqala ekuphileni kwethu kuyosenza sijabule.