Uyini Umkhuba Wakho?
1 Imihlangano yobuKristu iyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu uJehova. Umphostoli uPawulu ngokufanelekile usikhuthaza ukuba singakuyeki ukuhlangana kwethu, “njengomkhuba wabanye.”—Heb. 10:25.
2 Ingabe unomuzwa ofanayo ngokuhlangana nabafowenu emihlanganweni yobuKristu? Umkhuba wakho wembulani kulokhu? Ingabe uba khona njalo kuyo yonke imihlangano, kuhlanganise neSifundo Sencwadi Sebandla? Noma ingabe uthola ukuthi ngokuwumkhuba ulahlekelwa imihlangano? Imihlangano inayiphi indawo ekuphileni kwakho? Ingabe uyabakhuthaza abanye ukuba babe khona njalo emihlanganweni? Ingabe ubulokhu ubakhuthaza abeza eSikhumbuzweni ukuba beze njalo emihlanganweni?
3 Naphezu kwesimiso sethu sansuku zonke, asinakululazwa iseluleko sikaPawulu. Nakuba kuqondakala ukuthi ngezikhathi ezithile kungase kudingeke ukuba umKristu alahlekelwe umhlangano ngenxa yempilo engeyinhle noma ezinye izimo engenakuzilawula, eqinisweni akumelwe kube umkhuba wakhe. (Roma 2:21) Njengoba kunezibopho eziningi kangaka okumelwe azinakekele, ezingase zihlanganise imisebenzi eminingi engokwasezulwini, umKristu kudingeka aqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu. (Fil. 1:10) Imihlangano ihlanganisiwe phakathi kwezinto ezibaluleke kakhulu ngomKristu futhi ibalulekile ngenxa yenhlalakahle yethu engokomoya.
KHUTHAZANANI
4 Lapho uPawulu ebhalela abaseRoma, wathi wayelangazelela ukubabona. Ngani? Ukuze abanikeze isipho esithile esingokomoya ukuze ‘baqiniswe.’ (Roma 1:11) Wayenganelisiwe nje ukubathumelela incwadi, ukwaziswa ayebalobele khona ukuba bakufunde, kodwa waba nomuzwa wokuthi ukuhlangana kwakubalulekile, yebo, kudingeka, njengoba aqhubeka, ethi: “Okungukuthi siduduzane.” Noma njengoba umbhalo waphansi okuNew World Translation Reference Bible usho: “Ukuze sikhuthazwe sindawonye.” (Roma 1:12) Ngisho noPawulu, engumphostoli, wasiqaphela isidingo sakhe sokukhuthazwa ngokuhlangana kobuKristu.
5 Ngendlela efanayo, emihlanganweni yethu kufanele sivuselelane uthando nemisebenzini emihle. Ukumamatheka kobungane kanye nokubingelela ngemfudumalo kungaba nethonya elihle kwabanye. Amazwi akhayo, izingxenye ezilungiselelwe kahle ezisesimisweni, ukubona abanye bethuthuka ngokomoya, nokuba nje phakathi kwabazalwane lapho emihlanganweni kungaba okukhuthaza kakhulu. Ngisho nakuba sikhathele ekupheleni kosuku, ngokuvamile siyothola ukuthi sizizwa kangcono kakhulu ngemva kokuya emihlanganweni. Ubungane bobuKristu kanye nothando abafowethu abasibonisa lona kuyosikhuthaza ukuba “sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.” (Heb. 12:1) Ngokulalelisisa iZwi likaNkulunkulu, singakulungela ukubambisisa isimemezelo sasobala sethemba lethu ngokungantengantengi. Siyojabulela izibusiso eziningi ngokuba semihlanganweni.
6 Manje kunanoma yinini ngaphambili, kufanele sibambisise ngokuqinile ukholo lwethu futhi sivuse kwabanye uthando nemisebenzi emihle. Kufanele sikhuthale emizamweni yethu yokuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla. Asifuni ukuwela emkhubeni wokuyeka ukuhlangana kwethu ndawonye. Kumelwe senze umzamo oqotho wokukhuthaza nokusiza abanye, kuhlanganise nalabo abeza eSikhumbuzweni, ukuba beze njalo emihlanganweni. Ngalendlela, siyobonisa uthando lwethu ngabanye kanye nokwazisa kwethu ngemihlangano yobuKristu.