Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/97 k. 1
  • Kuvulwe Umnyango Omkhulu Womsebenzi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuvulwe Umnyango Omkhulu Womsebenzi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2003
  • Ngaphambi Kokuba Nishumayele, Kungase Kudingeke Nifune
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 11/97 k. 1

Kuvulwe Umnyango Omkhulu Womsebenzi

1 Njengomshumayeli oshisekayo wezindaba ezinhle, uPawulu ngentshiseko wafuna amasimu ayenesidingo esikhulu, enye yawo kwakuwumuzi wase-Efesu. Waba nempumelelo enhle kakhulu eshumayela lapho, kangangokuba wabhalela amaKristu akanye nawo, wathi: “Ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Kor. 16:9) UPawulu waqhubeka ekhonza kuleyo nsimu futhi wasiza abantu abaningi base-Efesu ukuba babe amakholwa.—IzE. 19:1-20, 26.

2 Namuhla, nathi sivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini. Asemaningi amabandla angakwazi ukuyihlanganisa kahle yonke insimu yawo minyaka yonke. Uma ibandla lakini lingathanda ukusiza, sicela nixoxe nombonisi wesifunda noma nibhalele iNhlangano. Ngaleyo ndlela, imizamo yethu ingasinciphisa isidingo kwezinye izindawo.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:13-15.

3 Ungakhonza Yini Lapho Kunesidingo Esikhulu Khona? Uke wakucabangela yini ngomthandazo ukuthi ungakwazi ukukhonza kwenye indawo? Ungase ukwazi ukusiza ibandla elidinga usizo khona kanye edolobheni lakini. Kungani ungaxoxi nombonisi wesifunda ngalendaba uzwe ukuthi yini ayisikiselayo? Noma kungenzeka ukuthi ensimini yebandla lenu, kuneqembu elikhulu lezithulu noma labakhuluma olunye ulimi okungekho muntu okwazi ukulinakekela. Ukuze kuhlangatshezwane nalesi sidingo, ungakwazi yini ukuzikhandla ukuba ufunde ulimi lwabo? Kanti futhi kungenzeka kuneqembu elikhuluma olunye ulimi noma ibandla eliseduzane ebelilokhu ‘lincenga iNkosi ukuba ithumele izisebenzi zoMbuso ezengeziwe.’ (Math. 9:37, 38) Uma kunjalo, ungakwazi yini ukusiza?

4 Emashumini eminyaka amuva, izinkulungwane zemikhaya yamaKristu ziye zathuthela kwezinye izindawo noma kwamanye amazwe ukuze zibe nengxenye enkudlwana emsebenzini wokuvuna. Omunye umbhangqwana owakwenza lokhu uthi: “Sasifuna ukukhonza uJehova endaweni esasingasiza kuyo abantu abaningi.” Uma unaso lesi sifiso futhi ungase ukwazi ukuthuthela kwenye indawo kulelizwe noma uma ufaneleka ukukhonza kwelinye izwe, qale uxoxe ngakho nabadala bebandla lakini.

5 Sihlela ukuninikeza uhlu lwezindawo ezinendingeko enkudlwana. Okwamanje, uma ufuna ukubuza eNhlanganweni ukuthi iyiphi indawo enesidingo, nikeza iKomiti Yenkonzo Yebandla incwadi echaza isifiso sakho ngokuqondile. Bayobe sebebhala abakushoyo bese beyithumela eNhlanganweni. Kunoma ikuphi, uma nje umnyango omkhulu wokusebenza usavulekile, kwangathi sonke singaqhubeka simatasa enkonzweni kaJehova.—1 Kor. 15:58.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela