IBhokisi Lemibuzo
◼ Kungani kufanele siyinakekele ngokukhethekile indlela esigqoka nesizilungisa ngayo lapho sivakashela izakhiwo zeNhlangano eNew York, namahhovisi egatsha emhlabeni wonke?
AmaKristu kulindeleke ukuba ahlale enesimo esifanele. Ngaso sonke isikhathi indlela esigqoka nesizilungisa ngayo kufanele ibonise isizotha nokuhlonipheka okufanele izinceku zikaJehova uNkulunkulu. Kufanele kube njalo ikakhulukazi lapho sivakashela izakhiwo zeNhlangano eNew York nasemagatsheni emhlabeni wonke.
Phakathi no-1998, kuzoba nemihlangano yesigodi neyezizwe. Izinkulungwane zabafowethu abavela emazweni amaningi zizovakashela indlunkulu yeNhlangano eNew York kanye namagatsha akwamanye amazwe. Kudingeka ‘sizituse njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngazo zonke izindlela,’ ngokugqoka nangokuzilungisa kwethu okufanele, hhayi lapho sivakashela lezi zakhiwo kuphela, kodwa nanganoma isiphi esinye isikhathi.—2 Kor. 6:3, 4.
Ichaza ukubaluleka kokugqoka nokuzilungisa okufanele, incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu iphawula ngesidingo sokuhlanzeka ngokomzimba, ukugqoka ngendlela enesizotha nokuzilungisa kahle lapho sihlanganyela enkonzweni yasensimini nalapho siya emihlanganweni yobuKristu. Ngemva kwalokho, ekhasini 131, esigabeni 2, ithi: “Kuyoba okufanayo futhi nalapho sihambela ikhaya laseBethel eBrooklyn nanoma imaphi amahhovisi egatsha eNhlangano. Khumbula, igama elithi Bethel lisho ‘Indlu KaNkulunkulu,’ ngakho-ke ukugqoka kwethu, ukuzilungisa nokuziphatha kumelwe kufane nalokho okulindeleke kithi uma sisemihlanganweni yokukhulekela eHholo LoMbuso.” Le ndinganiso ephakeme efanayo kufanele igcinwe abamemezeli boMbuso bendawo kanye nabavela ezindaweni ezikude abeza bezobona futhi babe nobudlelwane namalungu omkhaya waseBethel futhi bavakashele izakhiwo zegatsha.
Ukugqoka kwethu kufanele kube nethonya elihle kwabanye endleleni ababheka ngayo ukukhulekelwa kukaJehova kweqiniso. Nokho, kuye kwaphawulwa ukuthi abanye abafowethu nodadewethu, lapho bevakashela izakhiwo zeNhlangano, bathambekela ekugqokeni ngendlela yokuphola eyeqisayo. Ukugqoka okunjalo akufaneleki lapho uvakashela noma iliphi lamakhaya aseBethel. Kule ndaba, njengakuzo zonke ezinye izici zokuphila kwethu kobuKristu, sifisa ukulondoloza izindinganiso ezifanayo eziphakeme ezenza abantu bakaNkulunkulu bahluke ezweni ngokuba zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu. (Rom. 12:2; 1 Kor. 10:31) Kuhle nokukhuluma nabantu esifunda nabo iBhayibheli nabanye okungenzeka ukuthi bayaqala ukuvakashela eBethel, sibakhumbuze ngokubaluleka kokuqikelela ukuthi bagqoka futhi bazilungise ngendlela efanele.
Ngakho lapho uvakashela izakhiwo zeNhlangano, zibuze: ‘Ingabe indlela engigqoka nengizilungisa ngayo inesizotha?’ (Qhathanisa noMika 6:8.) ‘Ingabe kummelela kahle uNkulunkulu engimkhulekelayo? Ingabe indlela engibukeka ngayo iyobaphazamisa noma ibakhube abanye? Ingabe ngibabekela isibonelo esihle abanye okungenzeka bayaqala ukuvakasha?’ Kwangathi njalo, ngokugqoka nangokuzilungisa kwethu, ‘singahlobisa imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’—Thithu 2:10.