Ukukhulekela Kweqiniso Kuyanda EMpumalanga Yurophu
1 AmaKristu ekhulu lokuqala ayengabashumayeli boMbuso abashisekayo. Ajabula lapho amabandla “anda ngesibalo usuku nosuku.” (IzE. 16:5) Ukushumayela kwawo ngesibindi kwenza ukuba ukukhulekela kweqiniso kufinyelele e-Asia, e-Afrika naseYurophu, okwaphumela esivunweni esicebile sabakholwayo.
2 Kulesi sikhathi sokuphela, ukukhulekela kweqiniso kuyaqhubeka kwanda ikakhulukazi emazweni aseMpumalanga Yurophu. Manje kunokwanda okumangalisayo emazweni esasivinjelwe kuwo ohulumeni kwaze kwaba sekuqaleni kwawo-1990. INcwadi Yonyaka Ka-1999 yembula ukuthi ngalinye lalawo mazwe amabili, iRussia ne-Ukraine, labika abamemezeli abangaphezu kuka-100 000 abahlanganyela enkonzweni yasobala. Emasimini angu-15 ezwe elaliyiSoviet Union, kusukela ngo-1991 abantu abangaphezu kuka-220 000 baye bazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa! Lokhu kwanda okusheshayo kuye kwavusa isidingo sokwakha amaHholo OMbuso amaningi amasha kanye namaHholo OMhlangano, futhi kwandiswe namagatsha amaningana.
3 Ingxenye yemali yeSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso isetshenziselwa ukuboleka amabandla asemazweni anesidingo esiphuthuma kakhulu samaHholo OMbuso engeziwe kodwa angenazo izimali futhi anezinkinga ezingathi sína ezingokomnotho. Phakathi kuka-March 1996 no-October 1998, iNhlangano yanikeza imvume yokuba kubolekiswe ngemali yokwakha amaHholo OMbuso angu-359 evela emahhovisi egatsha anakekela amazwe angu-11 aseMpumalanga Yurophu. Izimali ezinikelwe zisetshenziselwa ukuthenga iziza nezinto zokwakha amaHholo OMbuso nokusiza amabandla ukuba avuselele izakhiwo ezikhona kakade. Imifanekiso eniyibonayo lapha isinikeza umqondo wokuthi iminikelo yeSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso e-United States nakwamanye amazwe ibazuzisa kanjani abafowethu baseMpumalanga Yurophu.
4 Ngo-1998, iBulgaria yaba nokwanda okungamaphesenti angu-12, futhi abafowethu bajabula kakhulu lapho iHholo LoMbuso lokuqala linikezelwa ngo-April wangalowo nyaka. ICroatia yaba nokwanda okungamaphesenti amane, futhi manje abafowethu lapho bakha amaHholo OMbuso engeziwe okuqhubekisela phambili ukukhulekela kweqiniso. EHungary kunamaHholo OMbuso angu-80 asetshenziswa amabandla angu-144. Lokhu kusho ukuthi emabandleni angu-235 kulelo zwe, angamaphesenti angu-61 anendawo yawo yokukhulekela. EMacedonia sekwakhiwe amahholo amabili amasha ngesimiso sokwakhiwa kwamaHholo OMbuso, futhi amanye engeziwe asakhiwa. Ehlobo lika-1999 (enyakatho nenkabazwe), kwakhiwa amaHholo OMbuso amabili axhumene enhloko-dolobha yaseSkopje. La mahholo angahlalisa okungenani amabandla ayisithupha.
5 Ngonyaka odlule eRussia, ngokwesilinganiso kwakubhapathizwa abantu abangaphezu kuka-260 isonto ngalinye! Kulandelwa indlela esetshenziswa kwamanye amazwe, igatsha laseRussia manje selinamaKomiti Okwakha Esifunda angu-12 ahlelwe kuyo yonke insimu yabo enkulu, ukuze asekele imisebenzi yokwakha amaHholo OMbuso ezokwenziwa esikhathini esizayo. Engxenyeni esenyakatho neSt. Petersburg, kwakhiwa iHholo LoMhlangano lokuqala kulelo zwe, elizohlalisa abantu abangu-1 600. Lesi sakhiwo sizohlanganisa namaHholo OMbuso amahlanu anezihlalo ezingu-200 lilinye. Ukuze kukhonzwe izidingo ezingokomoya zabafowethu kanye nabantu abaningi abathakazelayo e-Ukraine, sekwakhiwe amaHholo OMbuso angu-84, kanti kusakhiwa amanye angu-80.
6 Ingabe lokhu kwanda okuseMpumalanga Yurophu akukujabulisi? Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, ukwanda kokukhulekela kweqiniso kusikhumbuza ukuthi uNkulunkulu akakhethi nokuthi isineke sakhe siyokwenza ukuba “isixuku esikhulu” sisindiswe. (IsAm. 7:9; 2 Pet. 3:9) Yeka ukuthi kuyilungelo kangakanani ukuba nesandla ekukhuleni kwabanye ngokomoya, ngisho nalabo abasemazweni akude! IzAga 28:27 ziyasiqinisekisa ukuthi “opha ompofu akayikuswela.” Ukuzimisela kwethu ukusiza ekuhlangabezaneni nalezi zindleko zokwakha kwenza ukuba kube khona “ukulingana” kwezinto ezibonakalayo, kwenze ukuba bonke bathole injabulo elethwa ukupha nenjabulo ebangelwa ukubona ukukhulekela kweqiniso kwanda emhlabeni wonke.—2 Kor. 8:14, 15; IzE. 20:35.
[Isithombe ekhasini 3]
ESăcele, eRomania
[Isithombe ekhasini 3]
EMaardu, e-Estonia
[Isithombe ekhasini 3]
ESevnica, eSlovenia
[Isithombe ekhasini 3]
ETiszavasvári, eHungary
[Izithombe ekhasini 4]
EJūrmala, eLatvia
[Izithombe ekhasini 4]
ETallinn, e-Estonia
[Isithombe ekhasini 4, 5]
ETaurage, eLithuania
[Izithombe ekhasini 4, 5]
EBelgrade, eYugoslavia
[Isithombe ekhasini 5]
EPrievidza, eSlovakia
[Isithombe ekhasini 5]
EMátészalka, eHungary
[Izithombe ekhasini 6]
EVranov nad Topl’ou, eSlovakia
[Isithombe ekhasini 6]
ERuma, eYugoslavia
[Izithombe ekhasini 6]
ETornakalns, eLatvia