Indlela Yokucwaninga
INKOSI USOLOMONI ‘yazindla, yaphenya, yalungisa izaga eziningi.’ Ngani? Ngenxa yokuthi yayinesithakazelo ekubhaleni “amazwi eqiniso.” (UmSh. 12:9, 10) ULuka ‘wazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni’ ukuze alandise izenzakalo zokuphila kukaKristu ngendlela ehlelekile. (Luka 1:3) Zombili lezi zinceku zikaNkulunkulu zazicwaninga.
Kuyini ukucwaninga? Kuwukufunisisa ngokucophelela ukwaziswa ngendaba ethile. Kuhlanganisa ukufunda, futhi kudinga ukuba usebenzise izimiso zokutadisha. Kungase kuhlanganise nokuxoxa nabantu.
Yiziphi izimo ezidinga ukucwaninga? Nazi izibonelo ezimbalwa. Esifundweni sakho siqu noma lapho ufunda iBhayibheli kungase kuphakame imibuzo ebalulekile kuwe. Umuntu ofakaza kuye angase abuze umbuzo ongathanda ukuba uthole ukwaziswa okukhethekile ukuze uwuphendule. Kungenzeka ukuthi wabelwe inkulumo.
Cabanga ngaleso sabelo sokunikeza inkulumo. Ukwaziswa ocelwe ukuba ukuhlanganise kungase kubonakale kuhlanganisa izinto eziningi ezihlukahlukene. Ungakusebenzisa kanjani endaweni yangakini? Kwenze kucebe ngokucwaninga. Lapho ukusekela ngokunikeza amanani noma isibonelo esifanelana kahle nokwaziswa kwakho futhi okuzithintayo izilaleli zakho, iphuzu okungenzeka belibonakala livamile lingafundisa likhuthaze nokukhuthaza. Incwadi oyisebenzisayo kungenzeka ukuthi yayilungiselelwe ukufundwa emhlabeni wonke, kodwa kudingeka wenezele, ucacise futhi wenze amaphuzu asebenze ebandleni noma kumuntu ngamunye. Kumelwe ukwenze kanjani lokhu?
Ngaphambi kokuba uqale ukufuna ukwaziswa, cabangela izilaleli zakho. Yiziphi izinto ezizobe sezizazi kakade? Yini ezidinga ukuyazi? Yibe usuthola umgomo wakho. Ingabe uwukuchaza? ukukholisa? ukuphikisa? noma ukushukumisa? Ukuchaza kudinga ukuba unikeze ukwaziswa okwengeziwe ukuze ucacise indaba. Nakuba amaqiniso ayisisekelo engase aqondakale, kungase kudingeke uningilize ngokuthi kwenziwa nini noma kanjani lokho okushoyo. Ukukholisa kudinga ukuba unikeze izizathu ezichaza ukuthi kungani into ethile injalo, kuhlanganise nokunikeza ubufakazi. Ukuphikisa kudinga ulwazi olunzulu lwezinhlangothi zombili zendaba kanye nokuhlaziya ngokucophelela ubufakazi obusetshenzisiwe. Yiqiniso, asifuni nje amaphuzu ashubile okuphikisa, kodwa izindlela zokwendlala amaqiniso ngendlela enomusa. Ukushukumisa kuhlanganisa ukufinyelela inhliziyo. Kusho ukukhuthaza izilaleli zakho nokwakha isifiso kuzo sokwenza njengoba kushiwo. Izibonelo zezindaba zokuphila zalabo abaye bathatha lesi sinyathelo, ngisho nalapho bebhekene nobunzima, zingasiza ekufinyeleleni inhliziyo.
Usukulungele yini manje ukuqala? Hhayi okwamanje. Cabanga ukuthi udinga ukwaziswa okungakanani. Isikhathi singaba yisici esibalulekile. Uma uzokwethula kwabanye lokho kwaziswa, uzodinga isikhathi esingakanani? Imizuzu emihlanu? Imizuzu engu-45? Ingabe isikhathi simisiwe, njengasemihlanganweni yebandla, noma ingabe singashintsha, njengasesifundweni seBhayibheli noma ekuhambeleni kokwalusa?
Okokugcina, yimaphi amathuluzi okucwaninga onawo? Ngaphandle kwalawo onawo ekhaya, akhona yini engeziwe emtapweni waseHholo LoMbuso? Ingabe abazalwane asebeneminyaka eminingi bekhonza uJehova bangakuvumela ukuba usebenzise amathuluzi abo okucwaninga? Ukhona yini umtapo wezincwadi endaweni yakini lapho ungathola khona izincwadi zokucwaninga uma kudingekile?
Ukusebenzisa Ithuluzi Lethu Lokucwaninga Eliyinhloko—IBhayibheli
Uma ukucwaninga kwakho kuhilela incazelo yombhalo, qala ngeBhayibheli ngokwalo.
Hlola Umongo. Zibuze: ‘Lo mbhalo wawubhekiselwe kubani? Amavesi azungeze leli abonisani ngokuqondene nezimo ezaholela enkulumweni noma esimweni sengqondo sabantu abakule ndaba?’ Imininingwane enjalo ingasisiza ukuba siqonde umbhalo, futhi ingenza inkulumo owusebenzisa kuyo iphile.
Ngokwesibonelo, eyamaHeberu 4:12 ivame ukucashunwa ukuze ibonise ukuthi iZwi ikaNkulunkulu linamandla okuthinta izinhliziyo lithonye nokuphila. Umongo wenza siyiqonde ngokujulile indlela okungenzeka ngayo lokho. Idingida okuhlangenwe nakho kwama-Israyeli phakathi neminyaka engu-40 ehlane ngaphambi kokuba angene ezweni uJehova alithembisa u-Abrahama. (Heb. 3:7–4:13) “Izwi likaNkulunkulu,” isithembiso sakhe sokuwayisa endaweni yokuphumula ngokwesivumelwano sakhe no-Abrahama, lalingafile; laliphila futhi lisondela ekugcwalisekeni. Ama-Israyeli ayenezizathu eziningi zokubonisa ukholo kulo. Nokho, njengoba uJehova ayewahola esuka eGibithe eya eNtabeni iSinayi elibangise eZweni Lesithembiso, kaninginingi abonisa ukuntula ukholo. Ngakho-ke, ukusabela kwawo endleleni uNkulunkulu alifeza ngayo izwi lakhe, kwaveza okwakusezinhliziyweni zawo. Ngendlela efanayo osukwini lwethu, izwi likaNkulunkulu lesithembiso liveza okusezinhliziyweni zabantu.
Bheka Izikhombo. Amanye amaBhayibheli anezikhombo. Ingabe linazo elakho? Uma kunjalo, zingasiza. Phawula isibonelo esikuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Eyokuqala kaPetru 3:6 iphawula uSara njengesibonelo esikufanelekelayo ukulingiswa abafazi abangamaKristu. Isikhombo sikaGenesise 18:12 sigcizelela lokho ngokwembula ukuthi uSara wayebiza u-Abrahama ngokuthi nkosi “ngaphakathi kuye.” Ngakho-ke, ukuzithoba kwakhe kwakusuka enhliziyweni. Ngaphezu kwalokho, izikhombo zingase zikuthumele emibhalweni ebonisa ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli noma umfuziselo wesivumelwano soMthetho. Nokho, qaphela ukuthi ezinye izikhombo azihloselwe ukunikeza izincazelo ezinjalo. Zingase nje zibhekisele emqondweni ofanayo noma ekwazisweni okuphathelene nabantu noma izindawo.
Cwaninga Ngekhonkodensi YeBhayibheli. Ikhonkodensi yeBhayibheli iyi-index yamagama asetshenziswe eBhayibhelini ahlelwe ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama. Ingakusiza ukuba uthole imibhalo ehlobana nendaba ocwaninga ngayo. Njengoba uyihlola, uyothola neminye imininingwane ewusizo. Uyobona ubufakazi “bomumo” wamaqiniso aseZwini likaNkulunkulu. (2 Thim. 1:13) I-New World Translation ine-“Zikhombo Zamagama AseBhayibhelini.” NgesiZulu, ungase uthole ikhonkodensi enjengaleyo okuthiwa Ikhonkodensi YeBhayibheli iwusizo ekucwaningeni kwakho.
Ukufunda Ukusebenzisa Amanye Amathuluzi Okucwaninga
Ibhokisi elisekhasini 33 linohlu lwamathuluzi amaningana aye akhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45-47) Amaningi anohlu lokuphakathi, futhi amaningi anezikhombo ekugcineni, izikhombo ezihlelelwe ukukusiza ukuba uthole ukwaziswa okudingayo. Ekupheleni konyaka ngamunye, kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kuphuma izikhombo zezihloko zalowo nyaka.
Ukujwayelana nohlobo lokwaziswa okukulezi zincwadi zokutadisha iBhayibheli kungasheshisa ukucwaninga kwakho. Ake sithi ngokwesibonelo, ufuna ukwazi ngesiprofetho esithile, imfundiso, ukuziphatha kobuKristu noma ukusebenza kwezimiso zeBhayibheli. Cishe INqabayokulinda iyoba nakho okudingayo. I-Phaphama! idingida izenzakalo zamuva, izinkinga zalezi zinsuku, inkolo, isayensi nabantu bamazwe ahlukahlukene. Ukukhulumela ukulandisa ngakunye kwamaVangeli kuvela ngokulandelana kwako kwethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ingxoxo yevesi ngevesi yazo zonke izincwadi zeBhayibheli itholakala ezincwadini ezifana nesAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!, nemiqulu emibili yethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu. Encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo uyothola izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yeBhayibheli evame ukuphakanyiswa enkonzweni yasensimini. Ukuze uziqonde kahle ezinye izinkolo, izimfundiso zazo nemisuka yazo, bheka incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ukulandisa okuningilizayo komlando wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova kusencwadini ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Ukuze uthole umbiko ngentuthuko ekhona emsebenzini womhlaba wonke wokushumayela izindaba ezinhle, bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova. I-Insight on the Scriptures iyi-encyclopedia nebalazwe leBhayibheli. Uma udinga imininingwane ngabantu, izindawo, izinto, izilimi noma izenzakalo zomlando ezihlobene neBhayibheli, leli yithuluzi elihle kakhulu.
I-“Watch Tower Publications Index.” Le Index ekhishwa ngezilimi ezingaphezu kwezingu-20 iyokuqondisa ekwazisweni okusezincwadini eziningi. Kune-index yezihloko neyemibhalo. Ukuze usebenzise i-index yezihloko, thola igama elimelele leyo ndaba ofuna ukuyihlola. Ukuze usebenzise i-index yemibhalo, bheka umbhalo ongathanda ukuwuqonda kangcono ohlwini lwemibhalo. Uma kukhona okunyathelisiwe ngolimi lwakho mayelana naleyo ndaba noma umbhalo othile eminyakeni ehlanganiswa i-Index, uyothola uhlu lwezikhombo ongaya kuzo. Sebenzisa usizo olusekuqaleni kwe-Index ukuze uthole ukuthi izifushaniso zamagama ezincwadi zimelela ziphi izincwadi. (Ngalolo sizo, ngokwesibonelo, ungathola ukuthi u-w99 3/1 15 usho ukuthi INqabayokulinda ka-1999, March 1, ikhasi 15.) Izihloko ezinkulu njengesithi, “Field Ministry Experiences [Okuhlangenwe Nakho Kwasenkonzweni Yasensimini]” nesithi “Life Stories of Jehovah’s Witnesses [Izindaba Zokuphila KoFakazi BakaJehova],” zingaba usizo olukhulu ekulungiseleleni izinkulumo ezikhuthazayo ebandleni.
Njengoba ukucwaninga kungayikhathaza kakhulu ingqondo, qaphela ukuba ungazitholi usukhangwa okunye. Gxila emgomweni wakho wokucwaninga ngalokho okufunayo ngaleso sikhathi. Uma i-Index ikuthumela emthonjeni othile, vula ikhasi noma amakhasi akhonjiwe, bese usebenzisa izihlokwana nemisho esekuqaleni kwezigaba ukuba kukuqondise ekwazisweni okudingayo. Uma ucwaninga incazelo yevesi elithile leBhayibheli, qala ngokufuna lelo vesi ekhasini othunyelwe kulo. Yibe usuhlola ukukhulumela okulapho.
I-”Watchtower Library” Kuyi-CD-ROM. Uma une-computer, ungase uzuze ngokusebenzisa i-Watchtower Library kuyi-CD-ROM equkethe inqwaba yezincwadi zethu. Isimiso esilula sokufuna okuthile sikuvumela ukuba ubheke igama, iqoqo lamagama, noma umbhalo kunoma yiziphi izincwadi kuyi-Watchtower Library. Ngisho noma leli thuluzi lokucwaninga lingekho ngolimi lwakho, ungase uzuze kulo ngokusebenzisa olunye ulimi olujwayele kwezinkulu emhlabeni.
Eminye Imitapo Yezincwadi Ezingokwasezulwini
Encwadini yakhe yesibili ayibhalela uThimothewu, uPawulu wacela le nsizwa ukuba imlethele “nemiqulu, ikakhulukazi eyesikhumba” eRoma. (2 Thim. 4:13) UPawulu wayeyazisa imibhalo ethile futhi eyigcina. Ungenza okufanayo nawe. Ingabe uyawagcina amakhophi akho e-Nqabayokulinda, i-Phaphama! kanye ne-Nkonzo Yethu YoMbuso ngisho noma sezisetshenzisiwe emihlanganweni yebandla? Uma kunjalo, uyowasebenzisa njengamathuluzi okucwaninga, kanye nezinye izincwadi zobuKristu osunazo. Amabandla amaningi agcina izincwadi ezingokwasezulwini emtapweni wezincwadi eHholo LoMbuso. Ezokuba lonke ibandla lizuze kuzo, lizisebenzise lapho liseHholo LoMbuso.
Gcina Amafayela Akho Siqu
Qaphela izinto ezithile ezithakazelisayo ongazisebenzisa lapho ukhuluma nalapho ufundisa. Uma kumagazini noma ephephandabeni uthola indaba ethile, amanani athile, noma isibonelo ongasisebenzisa enkonzweni yakho, yisike noma uyikopishe. Faka usuku, isihloko saleyo ncwadi ngisho mhlawumbe negama lombhali noma umnyathelisi. Emihlanganweni yebandla, bhala phansi amaphuzu ongabonisana ngawo nabanye kanye nemifanekiso engakusiza ukuba uchazele abanye iqiniso. Ingabe wake wacabanga ngomfanekiso omuhle kodwa wangalithola ithuba lokuwusebenzisa ngaleso sikhathi? Wubhale phansi bese uwugcina efayelini lakho. Uma usunesikhashana useSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, uyobe usuke walungiselela izinkulumo eziningi. Kunokuwalahla amaphuzu alezi zinkulumo, wagcine. Ukucwaninga okwenzile kungaba lusizo kamuva.
Khuluma Nabantu
Abantu bawumthombo ocebile wokwaziswa. Lapho uLuka ebhala ukulandisa kweVangeli lakhe, ngokusobala waqoqa ukwaziswa okuningi ngokuxoxa nofakazi bokuzibonela. (Luka 1:1-4) Mhlawumbe umKristu okanye naye angakukhanyisela endabeni ethile obuzama ukuyicwaninga. Ngokweyabase-Efesu 4:8, 11-16, uKristu usebenzisa “izipho ezingabantu” ukuba zisisize sikhule “olwazini olunembile lweNdodana kaNkulunkulu.” Ukuxoxa nalabo abanokuhlangenwe nakho ekukhonzeni uNkulunkulu kungakunikeza imibono ewusizo. Ukuxoxa nabantu kungaveza nalokho abakucabangayo futhi lokho kungakusiza ukuba ulungiselele ukwaziswa okuwusizo ngempela.
Linganisa Imiphumela Oyitholile
Ngemva kokuba ukolweni uvuniwe, izinhlamvu kudingeka zihlukaniswe namakhoba. Kunjalo nangezithelo zokucwaninga kwakho. Ngaphambi kokukusebenzisa, kudingeka uhlukanise okuwusizo kulokho ongakudingi.
Uma lokho kwaziswa uzokusebenzisa enkulumweni, zibuze: ‘Ingabe iphuzu engifuna ukulisebenzisa liyayithuthukisa le nkulumo engizoyinikeza? Noma kuwukwaziswa okuthakazelisayo, ingabe akukususi ukunaka kule ndaba okufanele ngikhulume ngayo?’ Uma ucabangela ukusebenzisa izenzakalo zamuva noma ukwaziswa okuphathelene nemikhakha eshintsha njalo yesayensi noma eyezokwelapha, qiniseka ukuthi lokho kwaziswa okwakamuva. Phawula futhi ukuthi amaphuzu athile ezincwadini zethu ezindala aye alungiswa, ngakho-ke sebenzisa lokho okukhishwe kamuva ngaleyo ndaba.
Kunesidingo esikhethekile sokuqapha uma ukhetha ukusebenzisa ukwaziswa okusemithonjeni yezwe. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. (Joh. 17:17) UJesu unendima eyinhloko ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Ngakho-ke, eyabaseKolose 2:3 ithi: “Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.” Linganisa izithelo zokucwaninga kwakho ngalowo mbono. Ngokuqondene nokucwaninga usebenzisa izinto zezwe, zibuze: ‘Ingabe lokhu kwaziswa kuyeqisa, kuyaqagela noma akubhekani nawo wonke amaqiniso? Ingabe isisusa sokubhalwa kwako esobugovu noma esokudayisa? Eminye imithombo eyamukelwayo iyavumelana yini nako? Ngaphezu kwakho konke, ingabe kuyavumelana yini neqiniso leBhayibheli?’
IzAga 2:1-5 zisikhuthaza ukuba siqhubeke sifuna ulwazi nokuqonda ‘njengesiliva, nanjengamagugu afihliweyo.’ Lokhu kusikisela ukuzikhandla nokuthola imivuzo ecebile. Ukucwaninga kudinga umzamo, kodwa ukukwenza kuyokusiza ukuba uthole imibono kaNkulunkulu ngezinto, ulungise imibono eyiphutha futhi ubambelele uqinise eqinisweni. Kuyokwenza izinkulumo zakho zibe nohlonze futhi ziphile, ukujabulele ukuzinikeza kube mnandi nokuzilalela.