Ukufeza Inkonzo Yethu YoMbuso Ngosizo LweIndex
1 NjengamaKristu azinikezele, sizama ngobuqotho ukufeza inkonzo yethu. Ukuze asisize ukuba senze lokhu, uJehova uye walungiselela ingcebo yesiqondiso nesikhuthazo ngomtapo omkhulu kakhulu wezincwadi eziwusizo. Ingabe singazisebenzisa kangcono? Usizo oluyinhloko ekwenzeni kanjalo iWatch Tower Publications Index, ekhishwa ngokuqhubekayo ngezilimi ezihlukahlukene kusukela ngo-1961. (Uma ungasizwa isiNgisi, sikukhuthaza ukuba usebenzise Izikhombo Zezihloko ezikhishwa komagazini bakaDecember 15 noDecember 22 beNqabayokulinda nePhaphama!. Lesikhombo singakusiza ukuba uzithole kalula izihloko ozifunayo ezavela kuNqabayokulinda nePhaphama! phakathi nonyaka odlule.)
2 I-Index ingakusiza kanjani ukuba ufeze inkonzo yakho? Yenza kanjalo ngokukhomba indlela eya eselulekweni nasezincazelweni ezinhle kakhulu esezikhishiwe kakade. I-Index yalungiselelwa kucatshangwa ngobuzalwane bomhlaba wonke. Kusukela ezinganeni kuya kugogo nomkhulu, kubafundi beBhayibheli abasha kuya kubadala, bonke bangathola izikhombo abazidingayo nganoma iyiphi injongo enenzuzo.
INDLELA YOKUTHOLA LOKHO OKUDINGAYO
3 Uma unesithakazelo sokuthola incazelo yevesi elithile noma uchungechunge lwamavesi, uyokuthola kungcono kakhulu ukuba uqale ngokuphenya esikhombweni semibhalo ngemuva. Ingabe omunye wakhomba uJohane 10:30 ngomzamo wokufakazela imfundiso kaZiqu-zintathu? Isikhombo semibhalo sizokuqondisa ekwazisweni okucacisa isizathu sokuba uJesu asho lawomazwi. Isikhombo semibhalo siyocebisa ukufunda kwethu komuntu siqu iBhayibheli njengoba sifuna izincazelo zamavesi ezibonakala ziphica noma zingacacile.
4 Isikhombo sezihloko sinikeza izindlela ezihlukene eziholela ekwazisweni okufanayo okuwusizo. Ngokwesibonelo, ungase ufune ukwaziswa ngalokho okumelwe ukwenze uma umlingane womshado ongakholwa ekwenqabela ukuba uhambe nabantwana benu ukuya emihlanganweni. Ukuze uthole impendulo, ungase uphenye ezihlokweni ezinjengezithi “Husbands,” “Wives,” “Children,” “Opposition,” noma esithi “Meetings.” Ngokuphathelene nanoma isiphi isihloko, uma lokho okufunayo kungatholakali ngaphansi kwesihloko sokuqala osivulile, zama esinye. Zibuze: ‘Ubani ohilelekile? Ingabe indawo eqondile ibalulekile? Imfanelo ekhethekile noma ikhono? Umzwelo onamandla? Umgomo?’ Uma uthola isihloko esikhulu esibonakala sifanelekile, hlola kuqala izikhombo ezingezansi kwaso. Lezi ngokuvamile zonga isikhathi ngokuveza esinye isihloko esiqonde ngqó ephuzwini.
5 Ikhono ekusebenziseni i-Index linganikela kakhulu ekubeni nempumelelo ekufezeni imithwalo yethu yemfanelo engcwele. Imikhaya yethu, izifundo zethu zeBhayibheli, namabandla ethu kuyozuza njengoba siba nekhono ngokwengeziwe ekusebenziseni lelithuluzi. Izihloko ezilandelayo zeNkonzo Yethu YoMbuso zizohlola izindawo eziqondile lapho iWatch Tower Publications Index ingaba khona usizo olukhulu ekufezeni inkonzo yethu yoMbuso.