Indlela I-Index Engawuzuzisa Ngayo Umkhaya
1 Lapho ikhuluma ngamalungu omkhaya, eyoku-1 Thimothewu 5:4 ithi: “Labo-ke mabafunde kuqala [“Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emakubo,” NW].” Ngempela ukubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekusebenzelaneni kwethu namalungu omkhaya kungokuthile okufanele kufundwe. Kulokhu sidinga isiqondiso saphezulu, njengoba ukunakekela amalungu omkhaya kuyingxenye yesibopho sethu sobuKristu. IWatch Tower Publications Index ingasisiza ukuba sithole isiqondiso ngezimo ezihlukahlukene eziphakama ekuphileni komkhaya. Uma ukuthola kunzima ukusebenzisa iWatch Tower Publications Index ngesiNgisi, uyothola izikhombo eziwusizo ngokufanayo oHlwini Lwezindaba ngemuva kweNqabayokulinda kaDecember 15 nePhaphama! kaDecember 22.
2 Umkhaya uba khona lapho indoda nomfazi beshada. (Gen. 2:24) Ingabe ukucabangela ngokungathi sína ukushada? Ngaphansi kwesihloko esithi “Marriage,” uyothola isihlokwana esithi “selecting a mate.” Izikhombo ziyokuqondisa eselulekweni esiwusizo ngokuphathelene nalokhu ngezinye izikhathi okunzima ukusifinyelela. I-Index futhi inezihlokwana ezithi “husband’s role” nesithi “wife’s role,” ngasinye sinikeza izikhombo eziholela ekwazisweni okuyozuzisa labo abanesifiso sokushada nalabo asebeshadile kakade. Ngaphezu kwalokho, izihlokwana ezinjesithi “communication,” “closeness in,” nesithi “peace” zikhomba ekwazisweni okungawuthuthukisa umshado. Lapho kuphakama izinkinga, isihlokwana esithi “problems in” singakuqondisa eselulekweni esiphumelelayo ngendlela yokuzixazulula.
3 Abantwana bayifa elivela kuJehova. (IHu. 127:3) Abazali bangabakhulisa kanjani abantwana babo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi”? (Efe. 6:4) Okubaluleke kakhulu yisiqondiso esisinikwa uJehova ngeZwi lakhe kanye nesigaba senceku ethembekile. Abazali badinga ukuqonda imizwa yabantwana babo kanye nezidingo zabantwana. Iseluleko esiwusizo kanye nokusikisela kungatholakala ngezihloko zeIndex esithi “Children” nesithi “Youths.” Futhi kuthiwani ngokugxilisa umthetho kaJehova ezinhliziyweni zabo ezisencane? Isihloko esithi “Child Training” siholela ezingxoxweni ezibonisa ukuqonda nozwela ngazo zonke izici zokukhulisa abantwana, kuhlanganise nendlela yokubasiza ukuba bahlakulele ubuhlobo bomuntu siqu noJehova futhi bakhe isifiso sokulangazelela iqiniso.—1 Pet. 2:2.
4 Izingxoxo zeBhayibheli zomkhaya ezilungiselelwe ngaphambili zibalulekile ekuphumeleleni komkhaya. (Dut. 6:6-9; Isaya 54:13; Efe. 5:25, 26) Izikhombo zezindlela zokuba nezingxoxo ezijabulisayo zomkhaya zingatholakala ngaphansi kwesihloko esithi “Families.” Kuyi-Index yamuva, isihlokwana esithi “Bible study” sinezihlokwana ezinjengalezi “making it effective,” “making it enjoyable,” nesithi “making it interesting.” Futhi, kungani njalo ngezikhathi ezithile ungacabangeli enye yezindaba zokuphila zoFakazi BakaJehova? Ngaphansi kwesihloko esithi “Full-Time Ministry,” uyokhonjwa ezihlokweni zezindaba ezinjengalezi “A Choice I’ve Never Regretted” nesithi “Receiving the Requests of My Heart.” Kunezinye futhi izindaba ezihlelwe ngaphansi kwesithi “Missionaries.” Uhlu oluphelele lutholakala ngaphansi kwesithi “Life Stories of Jehovah’s Witnesses.”
5 IWatch Tower Publications Index iyithuluzi elimangalisayo lokuthola iseluleko kanye nemiqondo ngokuphila komkhaya. Kwangathi ingakusiza ekutholeni injabulo enkulu ekugcwaliseni imithwalo yakho yemfanelo emkhayeni.