Ukufeza Inkonzo Yethu YoMbuso Ensimini
1 Uthando ngoJehova nangomakhelwane lusishukumisela ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso. Ngokuphatha iqiniso ngekhono, singachitha “izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu.” (2 Kor. 10:4, 5) IWatch Tower Publications Index iklanyelwe ukuba isisize kulokhu.
2 Isihloko esiyinhloko sezikhombo emsebenzini wethu wokushumayela ensimini esithi “Field Ministry.” Zonke izici zihlanganisiwe lapho, kuhlanganisa isimo sethu sengqondo somuntu siqu, izethulo, ukunqoba ukuphikisa, ukuhanjiswa kwezincwadi ngazinye, izimpindelo, nezifundo zeBhayibheli. Ubungathanda yini ukufanekisa iphuzu ngokuhlangenwe nakho okumbalwa okuhle? Ungathola lokho kanye okudingayo ngaphansi kwesihloko esimaphakathi esithi “Experiences.” Uma ukuthola kunzima ukusebenzisa iWatch Tower Publications Index ngesiNgisi, uyothola izikhombo ezifanayo eziwusizo ezikhombweni zaminyaka yonke zezindaba ngemuva kweNqabayokulinda kaDecember 15 nakuPhaphama! kaDecember 22.
3 Ingabe othile uye waphikisa ngokuthi iBhayibheli liyaziphikisa, mhlawumbe ecaphuna amavesi athile okubonakala sengathi ayashayisana? Ngaphansi kwesithi “Bible Authenticity,” izihlokwana ezithi “contradictions” nesithi “harmony” zinikeza izikhombo ezingxoxweni ezivamile zalokhu kuphikisa. Ngaphansi kwesihlokwana esithi “scriptures harmonized,” uyothola uhlu olude lwamavesi abonakala ephikisana nezikhombo eziwaxazulula ngokucacile.
4 Kwezinye izindawo, kumelwe sichithe izizindlo ngezimfundiso zamanga zeLobukholwa eziyisisekelo, njengoZiqu-zintathu, isihogo somlilo, nokungafi komphefumulo. Kunezihloko eziyinhloko ngayinye yalezi. Ngaphansi kwesithi “Trinity” nesithi “Immortality of the Soul,” uyothola isihlokwana esithi “scriptures misapplied to support.” Lesi siyokuqondisa ezingxoxweni ezixoxa ngemibhalo ngaminye. Indaba efanayo itholakala ngaphansi kwesithi “Hell,” nesihlokwana saso esithi “scriptures misinterpreted.”
5 Ingabe ulangazelela ukuqalisa isifundo seBhayibheli? Noma ingabe unesingabonakali sithuthuka? Ngaphansi kwesihloko esithi “Bible Studies” kunezihlokwana ezithi “starting,” “assisting—,” nesithi “teaching,” ngasinye esinezikhombo zokukusiza ukuba uthole futhi uqhube izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Ukuze usizakale ukuba wazi ukuthi kunini lapho kuyoba ngcono kakhulu khona ukuyeka isifundo, cabangela izihlokwana ezithi “terminating unfruitful” nesithi “discontinuing.”
6 Ingabe ufisa ukufinyelela amalungelo engeziwe enkonzweni yasensimini? Izihloko ezithi “Full-Time Ministry,” “Auxiliary Pioneers,” “Pioneers,” “Missionaries,” nesithi “Serving Where Need Is Greater” zikuqondisa ekwazisweni okuwusizo ngendlela yokufinyelela imigomo enjalo nakokuhlangenwe nakho okuthokozisayo okujatshulelwa yilabo asebeyifinyelele kakade.
7 Ukufeza inkonzo yethu yoMbuso ensimini kuletha ukwaneliseka okukhulu. (Joh. 4:34) IWatch Tower Publications Index ingakusiza njengoba uhlanganyela kulomsebenzi ojabulisayo.