Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lmd isif. 6
  • Ungesabi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungesabi
  • Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UJesu Akwenza
  • Sifundani KuJesu?
  • Lingisa UJesu
  • Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngesibindi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingabe Ushumayela Ngesibindi?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • ‘Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Qhubeka Ukhuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
Thanda Abantu—Wenze Abafundi
lmd isif. 6

UKUQALA INGXOXO

UJesu ucela uZakewu ukuba ehle esihlahleni, ababukele bayamangala.

Luka 19:1-7

ISIFUNDO 6

Ungesabi

Isimiso: “Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuze sinitshele izindaba ezinhle.”—1 Thes. 2:2.

Lokho UJesu Akwenza

UJesu ucela uZakewu ukuba ehle esihlahleni, ababukele bayamangala.

IVIDIYO: UJesu Ushumayeza UZakewu

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uLuka 19:1-7. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1. Kungani abanye abantu babengase bamgweme uZakewu?

  2. Yini eyenza uJesu wamxoxela izindaba ezinhle naphezu kwalokho?

Sifundani KuJesu?

2. Kudingeka singesabi ukuze sikwazi ukushumayela umyalezo woMbuso singakhethi.

Lingisa UJesu

3. Thembela kuJehova. Umoya kaNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okushumayela, lowo moya ungakunikeza nawe amandla. (Math. 10:19, 20; Luka 4:18) Cela uJehova akusize ungesabi ukushumayeza abantu abakwethusayo.—IzE. 4:29.

4. Ungasheshi wahlulele abantu. Singase sigweme ukukhuluma nabantu abathile ngenxa yendlela ababukeka ngayo, indlela ababhekwa ngayo emphakathini, isimo sabo sezimali, indlela abaphila ngayo noma izinkolelo zabo. Kodwa khumbula:

  1. NguJehova noJesu abakwazi ukufunda okusezinhliziyweni; thina asikwazi.

  2. Akekho umuntu okufanele sicabange ukuthi isihe sikaJehova asimfanele.

5. Ungesabi, kodwa ngesikhathi esifanayo qapha futhi ungabacasuli abantu. (Math. 10:16) Gwema ukuphikisana nomuntu oxoxa naye. Ngenhlonipho, yinqamule ingxoxo uma umuntu engazilaleli izindaba ezinhle noma uma uzizwa ungaphephile.—IzAga 17:14.

BHEKA NALE MIBHALO

IzE. 4:31; Efe. 6:19, 20; 2 Thim. 1:7

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela