“Umoya Nomlobokazi Bathi: ‘Woza!’”
“Umoya nomlobokazi bathi: ‘Woza!’ . . . Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.”—ISAM. 22:17.
1, 2. Izinto eziphathelene noMbuso kufanele zibe nayiphi indawo ekuphileni kwethu, futhi ngani?
IZINTO eziphathelene noMbuso kufanele zibe nayiphi indawo ekuphileni kwethu? UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba ‘baqhubeke befuna kuqala umbuso,’ futhi wabaqinisekisa ngokuthi uma benza kanjalo, uNkulunkulu wayeyobanikeza ababekudinga. (Math. 6:25-33) Wafanisa uMbuso kaNkulunkulu nepharele elinenani elikhulu kangangokuthi umthengisi othile ohambahambayo “wathengisa . . . zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” (Math. 13:45, 46) Akufanele yini sibheke umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi njengobaluleke ngaphezu kwanoma yini enye?
2 Njengoba sibonile ezihlokweni ezimbili ezandulele, lapho sikhuluma ngesibindi futhi sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngekhono enkonzweni, sibonisa ukuthi siqondiswa umoya kaNkulunkulu. Lowo moya uphinde ufeze indima ebalulekile ekuhlanganyeleni kwethu njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ake sibone ukuthi kanjani.
Isimemo Esiya Kubo Bonke Abantu!
3. Hlobo luni lwamanzi bonke abantu abamenywa ukuba ‘beze’ bazowaphuza?
3 Kunesimemo esiye sadluliselwa kubo bonke abantu ngomoya ongcwele. (Funda isAmbulo 22:17.) Bamenywa ukuba ‘beze’ bazoqeda ukoma kwabo ngohlobo olukhetheke kakhulu lwamanzi. Akuwona nje amanzi avamile akhiwa izingxenye ezimbili ze-hydrogen nengxenye eyodwa yomoya-mpilo. Nakuba amanzi avamile ebalulekile ekusekeleni ukuphila emhlabeni, uJesu wayecabanga ngolunye uhlobo lwamanzi lapho ethi kowesifazane ongumSamariya emthonjeni: “Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.” (Joh. 4:14) La manzi amangalisayo abantu abamenywa ukuba bawaphuze anikeza ukuphila okuphakade.
4. Yini eyabangela ukuba kudingeke amanzi okuphila, futhi amelelani?
4 Isidingo sala manzi saba khona lapho umuntu wokuqala, u-Adamu, ehlanganyela nomkakhe, u-Eva, ekungalalelini lowo kanye owabadala—uJehova uNkulunkulu. (Gen. 2:16, 17; 3:1-6) Umbhangqwana wokuqala waxoshwa ensimini eyayiyikhaya lawo “ukuze [u-Adamu] angeluli isandla sakhe futhi empeleni athathe izithelo nasemthini wokuphila adle aphile kuze kube nini nanini.” (Gen. 3:22) Njengokhokho wesintu, u-Adamu wabe esedlulisela ukufa kubo bonke abantu. (Roma 5:12) Amanzi okuphila amelela wonke amalungiselelo okuhlenga abantu abalalelayo esonweni nasekufeni nokubanika ukuphila okuphelele okungenasiphelo ePharadesi emhlabeni. La malungiselelo akhona ngenxa yomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.—Math. 20:28; Joh. 3:16; 1 Joh. 4:9, 10.
5. Sivela kubani isimemo esimema abantu ukuba beze ‘bazothatha amanzi okuphila ngesihle’? Chaza.
5 Sivela kubani lesi simemo sokuba abantu beze ‘bazothatha amanzi okuphila ngesihle’? Lapho wonke la malungiselelo okuphila enziwe ngoJesu esetholakala ngokugcwele esintwini phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, achazwa ‘njengomfula wamanzi okuphila, ocwebe njengekristalu.’ Lo mfula ubonakala “ugeleza uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.” (IsAm. 22:1) Ngakho-ke, njengoba uJehova enguMniki-kuphila, nguye onguMthombo wamanzi anikeza ukuphila. (IHu. 36:9) Nguye owenza ukuba la manzi atholakale ‘ngeWundlu,’ uJesu Kristu. (Joh. 1:29) Lo mfula ongokomfanekiso uyindlela kaJehova yokulungisa wonke umonakalo ukungalaleli kuka-Adamu okwawubangela esintwini. Yebo, isimemo esithi “woza” sivela kuJehova uNkulunkulu.
6. “Umfula wamanzi okuphila” uqala nini ukugeleza?
6 Nakuba “umfula wamanzi okuphila” uyogeleza ngomqondo ogcwele phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uqala ukugeleza phakathi ‘nosuku lweNkosi’ olwaqala lapho “iWundlu” libekwa esihlalweni sobukhosi ezulwini ngo-1914. (IsAm. 1:10) Ngakho, amalungiselelo athile okuphila aqala ukutholakala ngemva kwalokho. Ahlanganisa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, njengoba isigijimi salo kukhulunywa ngaso ‘njengamanzi.’ (Efe. 5:26) Lesi simemo ‘sokuthatha amanzi okuphila’ ngokuzwa nangokusabela ezindabeni ezinhle zoMbuso sivulekele wonke umuntu. Kodwa ubani ngempela odlulisela lesi simemo ngosuku lweNkosi?
‘Umlobokazi’ Uthi, “Woza!”
7. Obani ababa ngabokuqala ukudlulisela isimemo esithi “woza” ‘ngosuku lweNkosi,’ futhi babemema obani?
7 Amalungu esigaba somlobokazi—amaKristu agcotshwe ngomoya—yiwo awokuqala ukudlulisela isimemo esithi “woza.” Amema obani? Umlobokazi akakwazi ukuzimema. Umema labo abanethemba lokuthola ukuphila okuphakade emhlabeni ngemva ‘kwempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’—Funda isAmbulo 16:14, 16.
8. Yini ebonisa ukuthi amaKristu agcotshiwe abelokhu edlulisela isimemo sikaJehova kusukela ngo-1918?
8 Abalandeli bakaKristu abagcotshiwe bebelokhu bedlulisela lesi simemo kusukela ngo-1918. Ngalowo nyaka, inkulumo yeningi enesihloko esithi “Izigidi Eziphilayo Manje Zingase Zingafi” yanikeza abaningi ithemba lokuthola ukuphila epharadesi emhlabeni ngemva kwempi ye-Armagedoni. Inkulumo eyanikezwa emhlanganweni wesigodi wabaFundi BeBhayibheli eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., ngo-1922, yakhuthaza izethameli ukuba ‘zimemezele iNkosi nombuso wayo.’ Lesi sikhuthazo sasiza insali yesigaba somlobokazi ukuba imeme abantu abengeziwe. INqabayokulinda yesiNgisi ka-March 15, 1929, yayinesihloko esithi “Isimemo Somusa,” esasisekelwe kusAmbulo 22:17. Ingxenye yalesi sihloko yayithi: “Isigaba sensali ethembekile sihlanganyela [noPhezukonke] ekudluliseleni lesi simemo somusa esithi, ‘Woza.’ Lesi sigijimi kufanele simenyezelwe kulabo abafisa ukuthola iqiniso nokulunga. Kumelwe simenyezelwe manje.” Isigaba somlobokazi siyaqhubeka sidlulisela lesi simemo kuze kube manje.
“Noma Ubani Ozwayo Makathi: ‘Woza!’”
9, 10. Labo abezwa isimemo baye bamenywa kanjani ukuba nabo bathi “Woza!” kwabanye?
9 Kuthiwani ngalabo abezwa isimemo esithi “woza”? Nabo bacelwa ukuba bathi kwabanye, “Woza!” Ngokwesibonelo, INqabayokulinda yesiNgisi ka-August 1, 1932, ikhasi 232 yathi: “Abagcotshiwe mabakhuthaze bonke abathandayo ukuba bahlanganyele ekumemezeleni izindaba ezinhle zombuso. Akudingeki ukuba bagcotshwe iNkosi ukuze bamemezele isigijimi seNkosi. Kuyinduduzo enkulu kofakazi bakaJehova ukwazi manje ukuthi bavunyelwe ukudlulisela amanzi okuphila esigabeni sabantu esingase sisindiswe e-Armagedoni futhi sinikezwe ukuphila okuphakade emhlabeni.”
10 Igcizelela umthwalo wemfanelo wozwayo wokuthi “Woza!” INqabayokulinda yesiNgisi ka-August 15, 1934, ikhasi 249, yathi: “Labo besigaba sikaJehonadaba kumelwe bahambisane nalabo besigaba sikaJehu sanamuhla, okungukuthi, abagcotshiwe, bamemezele isigijimi sombuso nakuba bengebona ofakazi bakaJehova abagcotshiwe.” Ngo-1935, kwacaciswa ukuthi singobani “isixuku esikhulu” okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo 7:9-17. Lokhu kwanezela umfutho emsebenzini wokudlulisela isimemo sikaNkulunkulu. Kusukela ngaleso sikhathi, inani elandayo lesixuku esikhulu sabakhulekeli beqiniso—asebengaphezu kwezigidi ezingu-7 manje—liye lasabela kuleso simemo. Ngemva kokuzwa lesi sigijimi ngokwazisa, baye bazinikezela kuNkulunkulu, babhapathizwa emanzini, futhi bahlanganyela ngentshiseko nesigaba somlobokazi ekumemeni abanye ukuba ‘beze bathathe amanzi okuphila ngesihle.’
“Umoya” Uthi, “Woza!”
11. Umoya ongcwele waba nayiphi indima emsebenzini wokushumayela ekhulwini lokuqala C.E.?
11 Lapho eshumayela esinagogeni eNazaretha, uJesu wavula umqulu womprofethi u-Isaya wabe esefunda: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, ungithumé ukuba ngishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe, ukuba ngimukise abachotshoziweyo bekhululiwe, ukuba ngishumayele unyaka owamukelekayo kaJehova.” Wabe esesebenzisa la mazwi kuye ngokwakhe ethi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.” (Luka 4:17-21) Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, watshela abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ekhulwini lokuqala, umoya ongcwele waba nendima ephawulekayo emsebenzini wokushumayela.
12. Umoya kaNkulunkulu unayiphi indima ekudluliseleni isimemo osukwini lwethu?
12 Umoya ongcwele kaNkulunkulu unayiphi indima ekudluliseleni isimemo kubantu osukwini lwethu? UJehova unguMthombo womoya ongcwele. Uyawusebenzisa ekuvuleni izinhliziyo nezingqondo zesigaba somlobokazi ukuze siqonde iZwi lakhe, iBhayibheli. Lo moya usishukumisela ukuba sidlulisele isimemo kulabo abanethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni futhi sibachazele amaqiniso emiBhalo. Ingabe lo moya uyasebenza nakulabo abamukela lesi simemo, babe abafundi bakaJesu Kristu bese besidlulisela kwabanye? Yebo, uyasebenza nakubo. Njengoba beye babhapathizwa ‘egameni lomoya ongcwele,’ babambisana nawo futhi bancike kuwo ukuze ubasize. (Math. 28:19) Cabanga nangesigijimi esishunyayelwa abagcotshiweyo nabesixuku esikhulu esandayo. Sivela eBhayibhelini—incwadi eyabhalwa ngokuphefumulelwa umoya kaNkulunkulu ngokuqondile. Ngakho, lesi simemo sidluliselwa ngomoya ongcwele. Eqinisweni, kwathina siqondiswa yilowo moya. Lokho kufanele kulithinte kanjani izinga esihlanganyela ngalo emsebenzini wokudlulisela lesi simemo?
“Bathi: ‘Woza!’”
13. Abonisani amazwi athi “umoya nomlobokazi bathi: ‘Woza!’”?
13 “Umoya nomlobokazi” abasho kanye nje ukuthi, “Woza!” Isenzo solimi lokuqala esisetshenziswe lapha sinesiqondiswana esiqhubekayo. Lokhu kubonisa ukuthi lesi simemo sidluliselwa ngokuqhubekayo. Kuthiwani ngalabo abezwa futhi bamukele lesi simemo? Nabo bathi, “Woza!” Isixuku esikhulu sabakhulekeli beqiniso kuthiwa ‘sinikela inkonzo engcwele imini nobusuku ethempelini likaJehova.’ (IsAm. 7:9, 15) Siyinikela “imini nobusuku” ngamuphi umqondo? (Funda uLuka 2:36, 37; izEnzo 20:31; 2 Thesalonika 3:8.) Isibonelo somprofethikazi owayesekhulile u-Ana nesomphostoli uPawulu zibonisa ukuthi ‘inkonzo yemini nobusuku’ isho umzamo oqhubekayo noqotho enkonzweni.
14, 15. UDaniyeli wakubonisa kanjani ukubaluleka kokukhonza uJehova njalo?
14 Umprofethi uDaniyeli naye wabonisa ukuthi kubalulekile ukukhulekela uNkulunkulu ngokuqhubekayo. (Funda uDaniyeli 6:4-10, 16.) Akazange ashintshe isimiso sakhe esingokomoya—umkhuba wakhe wokuthandaza kuNkulunkulu “kathathu ngosuku, . . . njengoba ayevame ukwenza”—hhayi ngisho nangenyanga eyodwa, yize lokho kwakuyokwenza aphonswe emphandwini wezingonyama. Yeka ukuthi izenzo zakhe zabonisa ngokucace kanjani kwababebukele ukuthi akukho lutho olubaluleke ngaphezu kokukhulekela uJehova njalo!—Math. 5:16.
15 Ngemva kokuba uDaniyeli ehlale ubusuku emphandwini wezingonyama, inkosi uqobo lwayo yaya lapho yafike yamemeza: “O Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ingabe uNkulunkulu wakho oqiniselayo ekumkhonzeni ukwazile ukukophula ezingonyameni?” UDaniyeli waphendula ngokushesha: “O nkosi, phila kuze kube nini nanini. UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama, futhi azizange zingibhubhise, njengoba nje ngitholakale ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho futhi nkosi, akukho senzo esilimazayo engisenzile.” UJehova wambusisa uDaniyeli ngoba ‘waqinisela ekumkhonzeni.’—Dan. 6:19-22.
16. Imiphi imibuzo isibonelo sikaDaniyeli okufanele sisishukumisele ukuba sizibuze yona ngokuhlanganyela kwethu enkonzweni?
16 UDaniyeli wayencamela ukufa kunokuba ayeke isimiso sakhe esingokomoya. Thina-ke? Yikuphi ukuzidela esikwenzayo noma esizimisele ukukwenza ukuze siqhubeke simemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu? Phela, akufanele kudlule neyodwa inyanga le singazange sithi vu ngoJehova kwabanye! Uma kungenzeka, empeleni kufanele silwele ukuhlanganyela enkonzweni isonto ngalinye. Ngisho noma impilo yethu ibuthaka kakhulu futhi singashumayela imizuzu engu-15 kuphela ngenyanga, kufanele siyibike leyo mizuzu. Ngani? Ngoba, sifisa ukuqhubeka sithi “Woza!” kanye nomoya nomlobokazi. Yebo, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sihlale singabamemezeli boMbuso abaphuma njalo.
17. Imaphi amathuba okudlulisela isimemo sikaJehova kwabanye okungafanele siwayeke?
17 Kufanele sifune ukudlulisela isimemo sikaJehova ngawo wonke amathuba, hhayi kuphela ngesikhathi esisibekele leyo njongo. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukumema abantu abomile ukuba ‘beze bazothatha amanzi okuphila ngesihle’ nangezinye izikhathi, njengalapho siyothenga, sisohambweni, siseholidini, sisemsebenzini noma siya esikoleni! Ngisho noma iziphathimandla ziwuvimbela umsebenzi wokushumayela, siyaqhubeka sishumayela ngobuhlakani—mhlawumbe ngokweqa izindlu noma ngokufakaza ngokwethukela ngokwengeziwe.
Qhubeka Uthi, “Woza!”
18, 19. Ubonisa kanjani ukuthi uyalazisa ilungelo lokuba isisebenzi esikanye noNkulunkulu?
18 Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-90, umoya nomlobokazi bethi “Woza!” kuwo wonke umuntu owomele amanzi okuphila. Usizwile yini isimemo sabo esivusa amadlingozi? Uma kunjalo, nawe unxuswa ukuba udlulisele lesi simemo kwabanye.
19 Asazi ukuthi lesi simemo sikaJehova sothando siyoqhubeka sidluliselwa isikhathi esingakanani, kodwa ukusabela kwethu ngokuthi, “Woza!” kusenza sibe izisebenzi ezikanye noNkulunkulu. (1 Kor. 3:6, 9) Yeka ukuthi lokhu kuyilungelo elingakanani! Kwangathi singabonisa ukuthi siyalazisa leli lungelo futhi “sinikele ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa” ngokushumayela njalo. (Heb. 13:15) Sikanye nesigaba somlobokazi, sonke esinethemba lokuphila emhlabeni masiqhubeke sithi, “Woza!” Kwangathi bangaba baningi ngokwengeziwe ‘abathatha amanzi okuphila ngesihle’!
Ufundeni?
• Obani abamenywa ukuba ‘beze’?
• Kungani kungase kuthiwe isimemo esithi “woza” sivela kuJehova?
• Umoya ongcwele unayiphi indima ekudluliseleni isimemo esithi “woza”?
• Kungani kufanele silwele ukuphuma njalo enkonzweni?
[Ishadi/Izithombe ekhasini 16]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Qhubeka Uthi, “Woza!”
1914
Abamemezeli abangu-5 100
1918
Abaningi bayothola ukuphila ePharadesi emhlabeni
1922
“Memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi nombuso wayo”
1929
Insali ethembekile ithi, “Woza!”
1932
Isimemo esithi, “Woza!” sidluliselwa kwabanye ngaphandle kwabagcotshiweyo
1934
Isigaba sikaJehonadaba simenywa ukuba sishumayele
1935
“Isixuku esikhulu” siyachazwa
2009
Abamemezeli abangu-7 313 173