Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ IJapane ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-129 602 ngoSeptember. Phakathi nezinyanga ezintathu zasehlobo, amabandla angama-308 namaqembu emikhaya angama-77 ahlanganyela ekuhlanganiseni amadolobha namadolobhana angama-385 ensimini engabelwe, efinyelela inani lomphakathi elengeziwe elicishe libe isigidi esingu-1,9.
◆ ESwazini, lapho insimu isabela kakhulu khona, kube nenani elisha labamemezeli abayi-1 093 ngo-October. Abamemezeli bebandla cishe baqhuba isifundo seBhayibheli esisodwa ngamunye.