Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/91 k. 9
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ababonisi Bayahola—Unobhala
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ingabe Uyathutha?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ingxenye 3—Yibani Nengxenye Ekuthuthukeni Kwabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 2/91 k. 9

IBhokisi Lemibuzo

● Lapho ummemezeli ethuthela kwenye indawo, yini okumelwe yenziwe ukuze kusizwe ekushintsheleni kwakhe ebandleni elisha?

Ngokushesha nje lapho ummemezeli omusha efika evela kwelinye ibandla, unobhala webandla kumelwe athole kummemezeli igama lebandla lakhe ayekulo negama nekheli likanobhala walelobandla. Khona-ke kumelwe abhalele unobhala webandla ayekulo, ecela ikhadi leRekhodi Lommemezeli Lebandla nencwadi echaza kafushane. Unobhala owamukela lesicelo kumelwe asabele ngaphandle kokuchitha isikhathi.—Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 104-5.

Ummemezeli ohlela ukuthutha angasiza ngokuqiniseka ukuthi unegama eliqondile lebandla alishiyayo negama nekheli likanobhala. Khona-ke, lapho efika ebandleni elisha, lokhu kwaziswa angakunikeza unobhala walapho ukuze akwazi ukulandelela ngokushesha. Imibiko yenkonzo yasensimini edluliselwa ebandleni elisha ingagcinwa kuze kube yilapho ikhadi lombiko selamukelwe. Ngemva kwalokho umsebenzi wommemezeli ungafakwa ekhadini lombiko futhi uhlanganiswe embikweni wanyanga zonke webandla olandelayo.

Kwezinye izimo kungenzeka ukuthi ummemezeli useyalazi kakade igama nekheli likanobhala webandla athuthela kulo. Uma kunjalo, asikho isidingo sokuba abadala balindele isicelo. Umbiko womsebenzi wommemezeli nencwadi echaza kafushane kungathunyelwa ngokushesha kunobhala webandla ummemezeli azohlanganyela kulo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela