IBhokisi Lemibuzo
● Abafundi kufanele bazithole kaningi kangakanani izabelo eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini?
Enye yezinjongo eziyinhloko zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini iwukukhiqiza izikhulumi zeningi. Ngenxa yalesosizathu, iSimiso SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini senza ilungiselelo lokuba eziningi zezinkulumo zabelwe abazalwane.
Nokho, omunye umgomo obalulekile wesikole uwukuqeqesha bonke abantu bakaJehova ukuba babe abashumayeli nabafundisi abaphumelelayo enkonzweni yobuKristu. Ngenxa yalesizathu, kufanelekile ngodade ukuba nabo babhalise.
Ukuze bazuze ngokugcwele esikoleni, labo ababhalisile kufanele bazithole njalo izabelo zabafundi. Kusikiselwa ukuba umfundi ngamunye athole okungenani isabelo esisodwa njalo ezinyangeni ezintathu. Uma izimo zebandla zivuma, abazalwane banganikezwa izabelo ezengeziwe. Akudingekile ngabadala abanikeza njalo izinkulumo zokuyala namaphuzu avelele eBhayibheli ukuba nabo babelwe izinkulumo zabafundi.
Iminyaka ecishe ibe ngamashumi amahlanu, iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini siye sasiza izigidi ukuba zithuthuke ngokomoya futhi zifunde indlela yokukhuluma kangcono ekushumayeleni isigijimi soMbuso. Sonke sikhuthazwa ukuba silisebenzise ngokugcwele lelilungiselelo elimangalisayo elivela kuJehova uNkulunkulu. Umgomo wethu kufanele ube ukuzibonakalisa samukelekile kuNkulunkulu, siyizisebenzi ‘ezingenamahloni, eziqondisa kahle izwi leqiniso.’—2 Thim. 2:15.