Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke
Ingxenye 4—Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu Ngokuphumelelayo
1 Inkonzo yasobala yomphefumulo wonke idinga ukuhleleka okuhle komuntu siqu. UJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu somsebenzi wethu wenkonzo namuhla. (Luka 10:1, 2; IzE. 1:8) Singafunda futhi endleleni abafundi bakhe bekhulu lokuqala leminyaka abafeza ngayo inkonzo yabo. (IzE. 5:42; 2 Thim. 4:5) Kodwa ungahleleka kanjani kangcono ukuze ujabulele imiphumela emihle ngokufanayo namuhla?
2 Hlela Isikhathi Senkonzo Yasensimini: Inkonzo yethu ayisona isici sokunganakwa noma esizenzakalelayo sokuphila kwethu. Isilinganiso sesikhathi esisinikela ekufezeni inkonzo yethu ngeke sizitholakalele. Ukuze sihlele inkonzo yethu ngokuphumelelayo, kumelwe sibekele eceleni isikhathi sezici zayo ezehlukene. (Efe. 5:15, 16) Abamemezeli abaningi bakuthola kuwusizo ukubeka umgomo wenani lamahora abazowanikela enkonzweni inyanga ngayinye. Lokhu ngokuvamile kudinga ukuba bahlele izimo zabo ukuze bahlanganyele enkonzweni yasensimini isonto ngalinye. Abazali abangamaKristu kumelwe basize abantwana babo ukuba bahlele isikhathi sokuhlanganyela njalo ezicini ezehlukahlukene zenkonzo yasensimini.—Dut. 6:7; IzAga 22:6.
3 Beka Imigomo Enenjongo: Imigomo engokoqobo iyokunika okuthile oyozimisela ukukufinyelela. Lapho usuwufinyelele umgomo wakho, uyothola injabulo yokufeza okuthile. (IzAga 13:12) Umphostoli uPawulu wanxusa: “Kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe [ngokuhleleka, NW] ngawo lowomkhondo.” (Fil. 3:16) Njengakuzo zonke izici zentuthuko yakho engokomoya, inkonzo yakho yasensimini kumelwe inike ubufakazi bomkhondo ohlelekile.
4 Ngokwesibonelo, ingabe unawo amapheshana anele kanye nezimemo? Ingabe uhlala unomagazini bamuva abenele, futhi ingabe basesimweni esihle? Ingabe uyawasebenzisa amaphepha ombiko wendlu ngendlu, usebenzisa elinye ukuze ubike isithakazelo futhi kwelinye ubike labo abangekho ekhaya?
5 Ngaphambi kokuba uhlanganyele enkonzweni, yiba nesikhathi sokubukeza iSihloko Sengxoxo. Balula amaphuzu okukhulunyelwa encwadini ehanjiswayo, futhi zimisele ukuwasebenzisa ngokuphumelelayo lamaphuzu ukuze uvuse isithakazelo. Futhi, lungela ukusebenzisa incwadi yenkonzo yasensimini ethi Ukubonisana NgemiBhalo. Ngisho nalapho usuka kwenye indlu uya kwenye, ungabheka ngokushesha okunye kokusikisela kwayo. Ukusebenzisa lamaphuzu awusizo kuyothuthukisa ukuphumelela kwakho enkonzweni.
6 Ukuba nengxenye egcwele “kulomsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle” kulezinsuku zokugcina kuyilungelo elibusisiwe. (Roma 15:16, NW) Kumelwe silwele ukufeza inkonzo yethu ngokunika ubufakazi obungcono kakhulu ngangokunokwenzeka, “isithelo sezindebe.” (Heb. 13:15; qhathanisa noHoseya 14:2.) Ukuze senze lokhu, masihlele isikhathi sokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini futhi sizibekele imigomo enengqondo eyosenza sikwazi ukufeza inkonzo yethu kube udumo kuJehova.