Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke
Ingxenye 5—Izinzuzo Ezicebile Zenkonzo Yomphefumulo Wonke
1 UJehova wenza ukuba izinzuzo eziningi ezicebile zitholakalele izinceku zakhe ezizinikela ngomphefumulo wonke. (IHu. 116:12) Singasijabulela kanjani isilinganiso esigcwele sezibusiso ezivela kuJehova enkonzweni yethu? Yiziphi izibusiso esigcinelwe zona? Yini okumelwe siyenze ukuze siqiniseke ukuthi sizothola ukwamukelwa nguye kanye nomusa wakhe?
2 Kudingeka Umzamo Womuntu Siqu: Izinga ozijabulela ngalo izinzuzo ezivela kuNkulunkulu lixhomeke ngokuyinhloko emizamweni yakho siqu yokwenza intando kaNkulunkulu. Ngokuphathelene nenkonzo, uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.” (1 Kor. 3:8) Ngakho-ke masibe nengxenye egcwele enkonzweni ngangokunokwenzeka. Umphostoli uPawulu wathola umvuzo wakhe siqu wokusiza abantu abaningi, ngisho namabandla ewonke, ukuba bazi uNkulunkulu. Yeka injabulo aba nayo lapho ebona ukuqina kwabo okholweni! (1 Thes. 2:19, 20) Cishe, izimo zakho ngeke zikuvumele ukuba uhileleke ngokugcwele enkonzweni njengoPawulu. Nokho, bekungenakuba yini isibusiso esicebile ukusiza umuntu oyedwa noma ngisho nomkhaya wabantu abanjengezimvu ukuba bame baqine endleleni eyisa ekuphileni? Yeka isikhuthazo sokusebenza ngokuzikhandla enkonzweni yendlu ngendlu nokulandelela ngokwenza izimpindelo nezifundo zeBhayibheli!
3 Ezinye Izinzuzo: Inzuzo engenakulinganiswa yenkonzo yomphefumulo wonke iwukuthi, njengesisebenzi esikanye nabo, umuntu usondezwa eduze noJehova kanye noJesu Kristu. (Math. 11:29, 30; 1 Kor. 3:9) Yeka injabulo okuyiyo ukuzwa umoya kaNkulunkulu ukusiza enkonzweni! (Math. 10:20; Joh. 14:26) Ngaphezu kwalokho, ukusebenza ngenkuthalo kanye nabanye ebandleni kuqinisa isibopho sethu sothando nobunye.
4 Asinakuzijabulela izinzuzo ezigcwele ezivela kuJehova uma singayisekeli ngokugcwele inhlangano ayisebenzisayo ekufezeni intando yakhe kulezinsuku zokugcina. (Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 10:15.) Lapho sisilandela eduze nangobuqotho isiqondiso esisithola ngomzila kaNkulunkulu futhi sihileleka ngenkuthalo emisebenzini yebandla, siba ngabavikelekile ngokomoya emacebweni obuqili kaSathane. Kusenza sikwazi ukuba nengxenye ekhiqiza ngokwengeziwe enkonzweni.
5 Loluchungechunge lwezihloko olunezingxenye ezinhlanu ebezikhuluma ngokuba senkonzweni yasensimini ngomphefumulo wonke luye lwaqokomisa izici eziningi ezihilelekile. Ingabe usakhumbula ukuthi ziyini izihluthulelo zokwakha ukwazisa ngoJehova, ezishukumisela umuntu ukuba azinikele ngomphefumulo wonke? (July) Kungani ukulungiselela kubalulekile ekwakheni intshiseko enkonzweni yasensimini? Singalungiselela kanjani? (August) Abamemezeli abanokuhlangenwe nakho bangabasiza kanjani abanye ukuba bazinikele ngomphefumulo wonke? (September) Ukuhleleka komuntu siqu kungasisiza kanjani ukuba sizinikele ngomphefumulo wonke enkonzweni? (October) Ingabe uyakusebenzisa lokhu kusikisela?
6 UJehova ufuna ukuba sizizuzise ngokwethu ngokumlalela. (Isaya 48:17) Ngaphezu kwalokho, izinzuzo zenkonzo eyenziwa ngomphefumulo wonke zidlulela kulabo abakulalelayo. (1 Thim. 4:15, 16) Ungaqiniseka ngokuthi njengoba uzikhandla ngenkuthalo emsebenzini owenziwayo, uJehova uyokuqaphela lokhu futhi ‘uyokwamukela umvuzo wefa,’ ukuphila okuphakade.—Kol. 3:23, 24.