Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/92 k. 12
  • Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlela Kusemanje Ukuba Khona Emhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” Ka-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Zuza Ngokugcwele Emhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • UMhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” Ka-1994
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 10/92 k. 12

Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo

1 Ngaphezu kwabo bonke, uJehova ubelokhu enomusa ekuboniseni ukukhathalela abantu. Akazange nje kuphela asilungiselele izinto eziningi ezibonakalayo kodwa uye wasinikeza izinto ezingokomoya esizidingayo nesizijabulelayo. Usikhathalela kakhulu kangangoba uhlola ngisho nokusezinhliziyweni zethu.—IHu. 139:23.

2 Lapho uJesu esemhlabeni, wasilandela ngokuphelele isibonelo sikaYise ekuboniseni ukukhathalela abanye. Ingabe uyamkhumbula umuntu owathi kuJesu: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula”? UJesu wasabela, “Ngiyathanda.” (Math. 8:1-3) Lapho uJesu ebona umfelokazi owayesosizini, yini ayenza? Wama ukuze amsize. (Luka 7:11-15) Ingabe ungakuphaphamela ngokwengeziwe ukubonisa ukukhathalela ngabantu abathakazelayo?

3 Silingisa uBaba wethu, uJehova, neNdodana yakhe, uKristu Jesu, nathi ngokufanayo kumelwe sibonise isithakazelo somuntu siqu kwabanye. Lokhu sikwenza ngokugcina umbhalo oqondile wendlu ngendlu. Lokhu kuhlanganisa ukubhala phansi igama nekheli eliqondile lomuntu othakazelayo kanye nendaba okwakuxoxwe ngayo ekuhambeleni kokuqala. Khona-ke, ngaphambi kokuba wenze impindelo, lungiselela kahle. Uma sasishiye omagazini ekuhambeleni kokuqala, mhlawumbe impindelo yethu ingasekelwa kokunye ukukhulumela okuvezwa kwesinye sezihloko. Phawula indlela lokhu okungase kwenziwe ngayo.

4 Uma wawushiye INqabayokulinda kaOctober 1, 1992, futhi wagxila esihlokweni esithi “Ingabe Isintu Siyamdinga Ngempela UMesiya?,” ungase ulungiselele ukuqokomisa IsAmbulo 21:4 noJohane 17:3 ekuphindeleni kwakho.

Ngokwesibonelo, ngemva kokufunda IsAmbulo 21:4, ungase ubuze:

◼ “Singaba kanjani ingxenye yomhlaba onjalo? [Lindela impendulo.] Lalela lokho uMesiya athi kuyadingeka ukuze sizuze ukuphila emhlabeni ofana nalona.” Khona-ke funda uJohane 17:3, uqokomisa ukuthi ukuphila okuphakade ezweni elisha elinokuthula kungazuzwa ngokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu. Uma sikhona isithakazelo esithile, zama ukuqalisa isifundo ngepheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.

5 Ungase uthole ukusabela okuhle ngokuxoxa ngephuzu olikhethe kuPhaphama! kaOctober 8, 1992, enesihloko esithi “Ungakwazi Ukunqoba Imizwelo Ephambene.” Lapho wenza impindelo, ungase usekele ingxoxo yakho kweyabaseFilipi 4:6, 7.

Ungase ubuze:

◼ “Ukholelwa ukuthi liyini ikhambi lokunqoba imizwelo ephambene namuhla?” Bonga impendulo bese uthi: “Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli linikeza izimiso okuthi lapho zisetshenziswa, zinikele ekuthuleni kwengqondo nenhliziyo. [Letha ukunakekela emaphuzwini afanelekile kweyabaseFilipi 4:6, 7.] IBhayibheli likhomba esikhathini lapho bonke beyophila ngezimiso zeBhayibheli futhi zingenakuba khona izimo ezibangela imizwelo ephambene.” Khona-ke qokomisa ezinye izibusiso zesikhathi esizayo ngokucabangela ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula, futhi uholele esifundweni.

6 Kuthiwani uma umnini-khaya esenayo kakade enye yezincwadi zethu? Kungani ungayisebenzisi ukuze uqalise isifundo? Uma kuyincwadi ethi Ungaphila Phakade, phendukela ohlwini lokuqukethwe futhi ucele umnini-khaya ukuba akhethe isihloko angathanda ukuba nixoxe ngaso. Khona-ke ungase uqalise isifundo ngokucabangela isigaba esisodwa noma ezimbili.

7 Ukubonisa isithakazelo kubantu abathakazelayo ngokulungiselela kahle nangokwenza izimpindelo eziphumelelayo kubonisa ukuthi singabalingisi bakaNkulunkulu noKristu, sifuna ukuba kusindiswe abaningi ngangokunokwenzeka.—2 Pet. 3:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela