Hlela Kusemanje Ukuba Khona Emhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” Ka-1991
1 Ngenxa yezimo zezwe namuhla, akumangalisi ukuthi emazweni amaningi abantu balangazelela inkululeko enkudlwana kunaleyo abanayo. Kodwa ingatholakalaphi inkululeko yangempela? UJesu Kristu wathi: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Joh. 8:31, 32) Lenkululeko ayilona uhlobo olubekelwe imingcele abantu abasuke benethemba lokuluthola lapho belahla omunye umbusi wezombangazwe noma uhlobo lukahulumeni bekhetha olunye. Kunalokho, lufinyelela khona kanye emnyombeni wezinkinga zesintu. Lokho uJesu ayekhuluma ngakho kwakuwukukhululeka ebugqilini besono. (Bheka uJohane 8:24, 34-36.) Khona-ke, lapho umuntu eba umfundi weqiniso kaJesu Kristu, kuphumela oshintshweni oluphawulekayo ekuphileni kwakhe, ukukhululeka.
2 UMHLANGANO WEZINSUKU EZINTATHU: Uchungechunge lweMihlangano Yesigodi “Yabathandi Benkululeko” ka-1991 luyoqala ngo-10:20 ekuseni ngoLwesihlanu, futhi umhlangano uyophela cishe ngo-4:00 ngeSonto ntambama. Kuzo zonke izingxenye kuyonikezwa ukwaziswa okukhethwe ngokucophelela nokubalulekile empilweni yethu engokomoya. Izihloko ezihlukahlukene ziyoqokomisa indlela inkululeko okubhekiselwe kuyo kumaRoma 8:21 engaba eyethu ngayo. Ukwaziswa okushukumisayo kuyoningilizwa futhi kunikezwe ngezinkulumo, imiboniso, izingxoxo, nedrama.
3 Zimisele ukuba ungaphuthelwa ngisho nayingxenye eyodwa yesimiso. Lokhu kungase kudinge ukuzidela kwakho nokwenza ushintsho esimisweni sakho. Kungase kudingeke ukuba wenze amalungiselelo akhethekile nomqashi wakho. Abaningi baze badele ngisho nezinzuzo ezingokwezimali ukuze babekhona kuzo zonke izingxenye zesimiso. Ngokuqinisekile uJehova uyobabusisa labo abenza lokhu kube indaba yomthandazo oqotho futhi benze umzamo wenhliziyo yonke ukuze babe khona.—Luka 13:24.
4 FIKA KUSENESIKHATHI: OFakazi BakaJehova baziwa ngemizamo yabo yokuba babe abanokwethenjelwa nabafika ngesikhathi. (Luka 16:10) Lokhu kubalulekile futhi lapho kuyiwa emhlanganweni wesigodi. Fika kusenesikhathi usuku ngalunye, futhi uhlale phansi ngaphambi kokuba isimiso siqale. Lokhu kuyodinga ukuba ube nesikhathi esanele sokunakekela izindaba ezidinga ukunakekelwa, ezinjengokupaka imoto yakho nokutholela umkhaya wakho indawo yokuhlala.
5 Ukuba khona emhlanganweni wesigodi kusinika ithuba elihle lokujabulela ubudlelwane obuhle. Kodwa ukuvakashela abangane kuze kube sebusuku kakhulu kungaphazamisa imizamo yethu yokufika ngesikhathi ngosuku olulandelayo. Kungase kube khona ukukhungatheka okukhulu nokukhathazeka ngokwephuza ukulala futhi ngaleyo ndlela bese kudingeka ukuxhamazela ekuseni. Ukuze kugwenywe lokhu, kuyinzuzo ukubeka isikhathi esikahle sokulala. Ngokunamathela ngokuqinile kulesimiso, bonke ngokunokwenzeka kakhulu bayolala kahle futhi balungele ukusheshe bavuke ngosuku olulandelayo. Lokhu kuvimbela ukuba nifike isimiso sesiqhubeka, okuphazamisayo nokungase kubacasule labo asebehleli. Ukufika kusenesikhathi usuku ngalunye kuyokunika isikhathi sokuxoxa nabafowenu nodadewenu. Uthando lobuKristu nokucabangela, kanye nokuhlonipha uJehova nezinto ezingokomoya azilungiselelayo, kumelwe kusishukumisele ukuba senze okusemandleni ethu ukuze sifike kusenesikhathi.
6 LALELA NGOKUCOPHELELA: Ukulalela kusho ukunaka ngakho kokubili ingqondo yethu nenhliziyo, izindlebe zethu namandla okuqonda. Sidinga ukulalela futhi ‘sizwe izwi likaJehova.’ (Jer. 2:4) KuIsaya 55:2, (NW), uJehova wayala uIsrayeli: “Ngilaleleni ngokucophelela.” Igama elithi “ngokucophelela” lichazwa ngokuthi “okuqondiswe ngokunaka okujulile nokuba nentshiseko.” Uma silalelisisa phakathi nomhlangano, ngentshiseko ‘siyozwa, siqhubeke ekufundeni.’ (IzAga 1:5) Ukulalela nokufunda emhlanganweni wesigodi ngokuvamile kudinga umzamo owengeziwe nokugxilisa ingqondo kunalokho okudingeka eHholo LoMbuso. Ngani? Sisuke sihleli phansi isikhathi eside, futhi kusuke kuneziphazamiso eziningi ngenxa yenani elikhulu labantu abasuke bekhona. Uma singalalelisisi, siyozincisha futhi siphuthelwe ukuthola inzuzo egcwele yokudla okungokomoya okucebile okunikezwayo. (1 Pet. 2:2) Yini engenziwa? Kuyajabulisa kakhulu ukubona ukuthi abaningi kwabeze emhlanganweni bebethuthukisa umkhuba omuhle wokubhala amaphuzu phakathi nesimiso. Nakuba ezinye zezinkulumo ezinikezwa emhlanganweni wesigodi zizovela ezincwadini ngokuhamba kwesikhathi, ezinye ngeke zivele. Nonke nikhuthazwa ukuba nikwenze umgomo ukubhala amaphuzu amafushane phakathi nomhlangano wesigodi ngoba lokho kuyindlela enhle yokugcina ukunaka kwenu kugxiliswe kulokho okushiwoyo.
7 Amaphuzu akudingeki abe made futhi aningilize. Ngokuvamile umushwana owodwa noma emibili iyoba eyanele ukuveza iphuzu eliyinhloko. Ngisho nabantwana abancane bayothola okwengeziwe ezinkulumweni futhi basizwe ukuba bagxilise ingqondo uma benikwa incwadi yokubhala amaphuzu nepeni lika-inki noma lomsizi ukuze bakwazi ukubhala amaphuzu ayinhloko esikhulumi nemibhalo eyinhloko noma imiqondo emisha okungase kunikezwe. Abadala bakuthola kuzuzisa ukuba namaphuzu abhalwe ngobunono okuqhuba inkulumo ethakazelisayo yokubukezwa kwesimiso somhlangano eMhlanganweni Wenkonzo ngemva komhlangano wesigodi. Futhi, bangase bathande ukusebenzisa amaphuzu amaningi kwanikezwe emhlanganweni emsebenzini wabo wokufundisa nowokwalusa.
8 HLANGANYELANI INGOMA NOMTHANDAZO: Ingxenye yokukhulekela kwethu ihilela ukudumisa uJehova ngokuhlabelela izindumiso zakhe, njengoba nje uJesu nabaphostoli bakhe benza. (Marku 14:26) Amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 14:15 ngokuphathelene nokuhlabelela abonakala ebonisa ukuthi kwakuyisici esivamile sokukhulekela kwamaKristu. (Bheka futhi INkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1990, ikhasi 4, nekaMarch 1991, ikhasi 3.) Imihlangano yesigodi isinikeza ithuba eliyingqayizivele lokuba sihlanganyele nezinkulungwane zabafowethu nodadewethu ekudumiseni uJehova ngakho kokubili ingoma nomthandazo. Nokho, abanye baye babonisa ukuntula inhlonipho ngalezingxenye ezibalulekile zokukhulekela kwethu. Kanjani? Ngokufika emhlanganweni phakathi noma ngemva kwengoma nomthandazo wokuvula ngokungadingekile. Ekupheleni kwesimiso, abanye bashiya izindawo zabo zokuhlala phakathi nengoma noma ngaphambi komthandazo. Ezikhathini ezingavamile kungase kube nesizathu esizwakalayo sokwenza lokhu. Nokho, ingabe kubonisa inhlonipho efanelekile nokwazisa ngetafula likaJehova lapho abanye beyeka ithuba lokucula nokuthandaza ndawonye ukuze nje bahambe baye ngasezimotweni zabo noma ukuze bayodla?—Math. 6:33.
9 Kumelwe kuqashelwe ukuthi ekufuneni izinto ezanelisa thina, asivumeli isimo sengqondo sezwe sokuba ngowokuqala noma imikhuba yokungamesabi uNkulunkulu enjengokuhaha nobugovu ukuba kuthiye intuthuko yethu engokomoya. Eminyakeni yamuva, abazalwane bethu nodade abaningi emazweni aseMpumalanga Yurophu ekugcineni bayakwazi ukujabulela inkululeko yokucula nokuthandaza. Njengoba-nje babehlabeke umxhwele ngokukwazi ukucula nokuthandaza ngobuningi, nathi kumelwe sibonise umoya ofanayo wokwazisa izinto ezingcwele manje futhi singalokothi siwabhekele phansi amathuba ethu okucula nokuthandaza ndawonye.
10 IMIKHUBA YETHU YOBUKRISTU: Imikhuba yethu yobuKristu nokubukeka emihlanganweni yesigodi kuye kwaqhubeka kusizuzela idumela elihle njengoFakazi BakaJehova. Lokhu kungenxa yokuthi sikuthatha ngokungathi sína ukukhulekela kwethu uJehova futhi kungenxa yokuthi asibheki ukuba khona kwethu emhlanganweni njengohambo lokuzijabulisa. Lapho sibuthanele izenzakalo ezinjalo ezikhethekile, kumelwe silondoloze ukuhlonipheka kwethu kobuKristu nesimo sengqondo esingokomoya ngokuziphatha njengezikhonzi ngazo zonke izikhathi.—1 Kor. 10:31-33.
11 Uma sihluleka ukwenza lokhu, siphazamisa injabulo yabanye, sikhube ngisho nabasanda kuhlanganyela. Ingabe siyabonga futhi sizwakalise ukwazisa ngomusa ngisho nomncane kangakanani esiwuboniswayo? Sidinga ukubaqaphela abanye abaseduze nathi futhi sibonise inhlonipho nokucabangela. Wonke umuntu kumelwe aqaphele ukuthi lapho isimiso siqhubeka, isikhathi sokulalela, hhayi esokwehla kwenyukwa noma sokukhuluma.—Dut. 31:12.
12 Enye indawo lapho imikhuba yethu yobuKristu engamdumisa khona uJehova uNkulunkulu kusekusebenzelaneni kwethu nalabo abasinika izindawo zokulala. Inhlanzeko nokucabangela kumelwe kuboniswe hhayi nje kuphela endleleni esigqoka futhi siziphathe ngayo kodwa futhi nasendleleni esiphatha ngayo impahla yabanye. Ingabe sikhona isizathu esenza ukuba ikamelo lokuqashwa lingashiywa licocekile futhi lihlanzekile? Ukuziphatha ngokungacabangeli kungcolisa igama lethu elihle. Emihlanganweni yesigodi ezayo, sonke kumelwe sizimisele ukuziphatha ngendlela ‘ehlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.’—Thithu 2:10.
13 KUBAZALI: Izingane ezincane nentsha eyevé eshumini elinambili bayemukelwa futhi kulindeleke ukuba babe khona eMhlanganweni WesiGodi “Wabathandi Benkululeko.” Inkululeko izwe eliyinikezayo ingaholela ekufeni kwabo ngokomoya, njengoba nje uAdamu alahla inkululeko eyayinikezwe isintu ekuqaleni. Inhlangano kaJehova enothando sonke iye yasinikeza umqondo oqondile ngalendaba. Kuyasikhuthaza ukubona abasebasha abaye bafunda ukulalelisisa kuyo yonke imihlangano yobuKristu nabanesithakazelo esijulile esimisweni somhlangano. (IHu. 148: 12, 13) Kodwa okuningi kuxhomeke esibonelweni nasekuqondiseni kwabazali. Intsha eningi iye yaqeqeshwa kahle ukuba ibhale amaphuzu. Uma ubungakabafundisi abantwana bakho indlela yokubhala amaphuzu, kungani ungasebenzisi isikhathi esisasele ngaphambi komhlangano wenu ukuba wenze kanjalo? Ngisho nabasebancane kakhulu bangakhuthazwa ukuba babhale phansi imibhalo namazwi ayinhloko ahambelana nayo abayizwa ishiwo izikhulumi. Abanye abazali bahlela ukuba kubukezwe amaphuzu ayinhloko atholakale esimisweni sosuku lapho sebesezindaweni zabo zokulala noma lapho besendleleni bebuyela ekhaya.
14 Njengoba kulindelekile, abazali abaningi bayaqonda ukuthi ukuthambekela okungokwemvelo kwabantwana kuwukudlala. Bantula okuhlangenwe nakho ekuphileni, futhi abavuthiwe. Khona-ke, kumelwe bafundiswe ukuthi kunini lapho kumelwe balalele khona nendlela yokuziphatha emihlanganweni. Lokhu kudinga ukuqondisa okuhle kwabazali babo. Abanye abazali baye badebesela kulokhu. Ngezinye izikhathi, nakuba abazali bengase babonise ukumhlonipha okufanele uJehova phakathi nomthandazo, abantwana babo bayadlala futhi baphazamise abanye. Abazali kumelwe bazi lokho abantwana babo abakwenzayo ngisho naphakathi nomthandazo. Futhi, basuke benzani lapho beshiyé izihlalo zabo phakathi nesimiso? Ingabe izingane zishiywa zingenakuqondiswa phakathi noma ngemuva kwesimiso somhlangano? (IzAga 29:15) Abanye abantwana baye benza ngendlela ebonisa ukuthi abaqeqeshekile nangendlela yokwedelela futhi baye badelela ngisho nabazalwane nodade asebekhulile abaye bazama ukubaqondisa ngendlela enomusa. Indelelo enjalo nokuziphatha okungawafanele amaKristu ngokuvamile kuwumphumela wokuyekelela nokuntuleka kweseluleko ekhaya. Kumelwe kulungiswe ngokuqinisekile. Bonke abazali abangamaKristu kumelwe babaqondise ngokuseduze abantwana babo ngazo zonke izikhathi njengoba bebakhulisa “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efe. 6:4.
15 UKUBAMBISANA KWENU KUYAZISWA: Kuye kwenziwa ukuhlela okukhulu nomsebenzi ukuze kuqikelelwe ukuthi wonke umuntu oze emhlanganweni uthola indawo yokuhlala, izincwadi, ukudla, namanye amalungiselelo ngokwanele. Ukuze kuqikelelwe ukuthi lamalungiselelo ayaphumelela, ibandla ngalinye liye labelwa ngokuqondile emhlanganweni othile. Ukubambisana kwenu ngokugcwele kubalulekile ukuze kuvinjelwe ukuminyana. Njengoba kulindelekile, kungase kube khona izimo ezikwenza kudingeke ngabambalwa ukuba baye emhlanganweni okwenye indawo. Nokho, abaningi kumelwe bakwazi ukuya emhlanganweni osendaweni abayabelwe.—1 Kor. 13:5; Fil. 2:4.
16 Kucelwa ukubambisana kwenu okugcwele endabeni yokugcina izindawo. Sizani nikhumbule ukuthi IZINDAWO ZINGAGCINELWA AMALUNGU ASEDUZE OMKHAYA WAKHO KUPHELA NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Sizani ningababekeli abanye izindawo. Ngezinye izikhathi, izindawo ezengeziwe azibekelwa muntu ngokukhethekile. Lokhu akubonisi uthando futhi kuyabakhohlisa abalindi nabanye abafuna izindawo zokuhlala. Ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli, kufanele silwele ukubonisa uthando lobuzalwane futhi sibambisane ngokugcwele nelungiselelo eligunyaziwe lokugcina izindawo. Akekho onelungelo lokuba nezihlalo ezingaphezu kwalezo azidingela umkhaya wakhe oseduze noma iqembu elihamba naye ngemoto.—2 Pet. 1:7.
17 Akuvunyelwe ukuba kugcinwe izindawo ngayizolo ebusuku. Akukho ndawo yomhlangano eyovulelwa noma ubani nganoma yisiphi isikhathi ngaphambi kuka-7:00 ekuseni. ngaphandle kwezisebenzi zokuzithandela ezisebenza ngaphambi kwaleso sikhathi. Akukho nesisodwa kulezi zisebenzi esiyovunyelwa ukuba sigcine indawo kuze kube ngemva kuka-7:00 ekuseni, lapho nabanye bevunyelwa ukuba bangene esakhiweni. Abalindi bayobe sebesezindaweni abazabelwe ngaphambi kwaleso sikhathi ukuze baqondise okwenzekayo, ukuze kuvinyelwe ukunganakwa kweziqondiso zeNhlangano mayelana nokugcinwa kwezindawo. Sizani nibambisane ngokugcwele nabalindi njengoba befeza isabelo sabo ukuze kuzuze bonke abakhona.
18 Kusikiselwa ukuba kwusetshenziswe ukwahlulela okuhle ekuletheni izimpahla zomuntu siqu endaweni yomhlangano. Esikhathini esidlule, abanye baye baletha iziqandisi (coolers) noma ezinye izinto ezinkulu ababengakwazi ukuzibeka ngaphansi kwezihlalo zabo. Lezi zabekwa emaphasishi noma ezihlalweni. Lokhu kwancisha abanye indawo, futhi ngezinye izikhathi kwephula imithetho yabacishi bomlilo neyokuphepha. Sidinga ukubonisa ukucabangela ezindabeni ezinjalo.
19 Njengoba kwenziwa ngonyaka odlule, iNhlangano iyokwenza ukudla kutholakale ngemali encane kulabo abasemhlanganweni. Yeka ukuthi lokhu kungamalungiselelo amahle kanjani, kwenza kube lula ukuzuza esimisweni nokusijabulela. Akungabazeki ukuthi usizo olunjalo olwenziwa inhlangano kaNkulunkulu luyosishukumisela ukuba sibonise ukwazisa kwethu ngendlela engokoqobo. (IzAga 11:25) Sizani niqaphele ukuba ningamoshi ukudla namanye amalungiselelo omhlangano.
20 Ngokuqinisekile, abantu bakaJehova bayakwazisa ukukwazi ukuhlangana ndawonye ezindaweni ezinhle ukuze bazuze esimisweni esingokomoya esilungiselelwe. Futhi siyazazisa izinkonzo eziningi ezilungiselelwa emihlanganweni enjalo. Ngokucophelela okukhulu nangezindleko ezinkulu enhlanganweni, kwenziwa amalungiselelo ezindawo ezanele zokuhlala, ukufaka imibhobho yokukhulisa izwi ebizayo, ukuqondisa uMnyango Wenkonzo Yezokudla, nokusingatha amanye amalungiselelo amaningi nezinkonzo okwenza ukuba semhlanganweni kube okujabulisayo nokuqabulayo ngokomoya.
21 Izindleko zalokhu zikhokhelwa ngeminikelo yenu yokuzithandela nokusekela umsebenzi womhlaba wonke weNhlangano. Ngenxa yezindleko ezinkulu zokuqasha izindawo ezahlukahlukene nezinye izidingo, ningase nifise ukuthumela iminikelo ngaphambi kwesikhathi endaweni yomhlangano lapho ibandla lenu elizobe likhona. Uma nikhetha ukuthumela isheke, lingathunyelwa e“Watch Tower Convention.” Ukuze kube lula ngani, kuyoba namabhokisi omnikelo abhalwe ngokucacile kuyo yonke indawo yomhlangano. Yonke iminikelo yaziswa kakhulu, futhi iNhlangano ifisa ukunibonga kusengaphambili ngokusekela kwenu kokupha nokobunye izithakazelo zoMbuso ngalendlela. Omunye umuntu wazwakalisa ukwazisa ngokuthi akusikiselwa ukuthi umuntu anikele malini: ‘Kubonakala kukhanga ukwazi ukuthi kushiyelwa kithi—ekujuleni kokwazisa kwethu siqu. Ngakho sinokwazisa sizizwa siphoqelekile ukuba sinikele okwengeziwe kunokuvamile.’ Sethemba ukuthi nonke nizoshukunyiselwa ukuba ngabanye nizwe umthwalo wenu wemfanelo ngokuphathelene nalezindleko futhi nizobambisana ngokugcwele ngokuhlanganyela ngendlela izimo ezinivumela ngayo.—Luka 6:38.
22 YIBA KHONA EMHLANGANWENI WESIGODI “WABATHANDI BENKULULEKO!” Ngokuba khona eMhlanganweni Wesigodi “wabathandi Benkululeko” nangokulalelisisa isimiso, siyokhulisa ukwazisa kwethu ngenkululeko eza ngoKristu nangokusetshenziswa kahle kwenkululeko yobuKristu. Hlela manje ukuba ube usukhona lapho kuculwa ingoma yokuvula nokuba ube khona kuzo zonke izingxenye zesimiso kuze kube yilapho kuphethwa ngomthandazo ngeSonto ntambama.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi
IZINDAWO ZOKULALA: Abamemezeli abaningi bayozenzela amalungiselelo abo siqu ezindawo zokulala. Nokho, uma ufuna ukuba abazalwane abahlela umhlangano bakulungiselele indawo yokulala ungathola iFomu Lesicelo Sendawo Yokulala kunobhala webandla. Onobhala bamabandla kumelwe baqikelele ukuthi amafomu Esicelo Sendawo Yokulala bawathumela ngokushesha ekhelini elifanele lomhlangano.
IZINQOLA ZABANTWANA: Ezindaweni eziningi, izinqola zabantwana azinakusetshenziswa ezindaweni zomhlangano womphakathi. Imithetho yabacishi bomlilo iyakwenqabela ukupakwa kwalezinqola emaphasishi, noma phakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zidale ukuminyana, izinqola zabantwana zingadala ingozi hhayi kuphela kumntwana kodwa futhi nakunoma ubani ezingase zimkhube awe. Ngakho sizani ningazilethi endaweni yomhlangano. Nokho, izihlalo zezinsana noma zemoto zivunyelwe, njengoba lezi zingase ziboshelwe ezihlalweni eduze nabazali. Ukubambisana kwenu kulendaba kuyokwaziswa.
UBHAPATHIZO: Abazobhapathizwa kufanele balwele ukuba babe sebesezihlalweni zabo engxenyeni egcinelwe bona ngaphambi kokuba isimiso siqale ngoMgqibelo ekuseni. Umuntu ngamunye olungiselela ukubhapathizwa kufanele aphathe izingubo zokubhukuda ezinesizotha kanye nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo kanye nomthandazo okuyokwenziwa isikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kulabo abazobhapathizwa bese esho ingoma ezoculwa. Lapho kuqala ukuculwa kwevesi lokugcina, abalindi bayoqondisa abazobhapathizwa endaweni yokucwiliswa, kuyilapho zonke ezinye izilaleli ziqedela ukucula ingoma. Njengoba ukubhapathizwa kokubonakalisa ukuzinikezela kuyindaba yomuntu siqu phakathi kukaJehova nalowomuntu, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ukubhapathizwa nomngane lapho abazobhapathizwa ababili noma ngaphezulu begaxana noma babambane ngezandla lapho bebhapathizwa. Akudingeki ngabazobhapathizwa ukuba baveze incwadi evela kubadala esho ukuthi bayalufanelekela ubhapathizo. Futhi abadala bebandla ngeke balethe uhlu lwamagama alabo abazobhapathizwa.
INKONZO YOKUZITHANDELA: Usizo lokuzithandela luyadingeka ukuze umhlangano wesigodi uqhubeke ngokushelela. Ngisho noma ungase ukwazi ukusebenza ingxenye yomhlangano kuphela, inkonzo yakho iyokwaziswa. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza uthintane noMnyango Wenkonzo Yokuzithandela lapho ufika emhlanganweni. Abantwana abangaphansi kweminyaka engu-16 nabo bangaba nengxenye ekuphumeleleni komhlangano, kodwa kudingeka ukuba basebenze nomzali noma omunye umuntu omdala. Sifisa ukukhuthaza zonke izisebenzi zokuzithandela ukuba zifike ngesikhathi ezabelweni zemisebenzi yazo. Ngokuphathelene nababonisi beminyango ethile noma ababonisi bengxenye ethile yomnyango kubaluleke kakhulu ukuba babe sezabelweni zabo ngaphambi kwesikhathi. Uma ngenxa yesizathu esithile ningase nephuze ukufika khona-ke sizani nitshele umbonisi womhlangano.
IZINGOMA: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu, sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize izingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 19, 34, 172, 85, 136, 117, 121, 13, 155, 113, 105, 215, 174, 10, 53, 191, 212. Lapho niprakthiza lezingoma, sisikisela ukuba nisebenzise amakhasethi eNhlangano.
IZIKHATHI ZESIMISO: Kuwukuhlakanipha futhi kubonisa ukwazisa ukuba sibe sesisezindaweni zethu zokuhlala lapho isimiso siqala. Lokho kuyoba ngo-10:20 ekuseni ngosuku lokuqala. Hlela ukuba uhlale isimiso size siphele. Ingoma nomthandazo wokuphetha kuyoba ngo-4:00 ntambama ngosuku lokugcina.
AMABHEJI: Emhlanganweni siza ufake ibheji elilungiselelwe ngokukhethekile, nalapho uya noma ubuya endaweni yomhlangano. Ngokuvamile lokhu kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sihamba. Amabheji kufanele atholwe ngebandla lakini, njengoba engeke atholakale emihlanganweni.
UMHLANGANO WABAFUNA UKUNGENELA INKONZO YASEBETHEL: Ngosuku lwesibili kuyoba nomhlangano wanoma yibaphi abamemezeli abazinikezele abaphakathi kweminyaka engu-19 nengu-35 ubudala abangathanda ukungenela inkonzo yaseBethel. Kuyokwenziwa izaziso emhlanganweni ngokuqondene nesikhathi esiqondile nendawo yalomhlangano.
ISIBONAKALISO SAMAPHAYONA: Wonke amaphayona avamile nakhethekile, ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli nalabo abasenkonzweni yaseBethel kuyodingeka ukuba beze namakhadi abo athi Isibonakaliso Senkonzo Yobuphayona (S-202) emhlanganweni. Labo abayobe sebenezinyanga eziyisithupha besohlwini ngesikhathi somhlangano wesigodi abayokuya kuwo bangathola amathikithi omhlangano ka-R20 lapho beveza amakhadi abo. Liphathe ngokunakekela lelikhadi njengemali. Awunakunikwa elinye emhlanganweni. Noma yiziphi izincwadi ezikhululiwe zamahhala noma ezinye ezitholakala ngenani lamaphayona, amaphayona ayozithola endaweni yezincwadi kuphela.
ISIXWAYISO: Kungakhathaliseki ukuthi upaka kuphi, kufanele ukhiye imoto yakho ngazo zonke izikhathi futhi ungalokothi ushiye noma yini ibonakala ngaphakathi. Uma kunokwenzeka, gcina izinto zakho zikhiyelwe ebhuthini. Futhi, qaphela amasela nabakhuthuzi, abahehwa imibuthano emikhulu. Lokhu kuhlanganisa ukungashiyi lutho olubalulekile ezihlalweni lungabhekwe muntu emihlanganweni. Sizani niqaphele.