Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOJULY 1
INgoma 173
10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa izihloko ezikomagazini bamuva ezingasetshenziswa emsebenzini kamagazini ngaloMgqibelo.
20 imiz: Inkonzo Yesikhathi Esigcwele—Ithuba Elihle Kakhulu Lokuhamba NoNkulunkulu. (Mika 6:8) Umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo, kutuswa ukuba kube osenkonzweni yesikhathi esigcwele, unikeza inkulumo efudumele, ekhuthazayo. (Bheka INqabayokulinda kaMay 15, 1989, amakhasi 21-3.) Yisho ukusikisela okusebenzisekayo kokusiza abamemezeli bebandla, ngokuvumelana nezimo zabo, ukuba bacabange ngokungathi sína ngokuthatha umsebenzi wesikhathi esigcwele. Xoxa namaphayona amabili noma amathathu, bese usho izinzuzo eziningi zenkonzo yesikhathi esigcwele. Unyaka omusha wenkonzo uyisikhathi esihle sokuqalisa. Labo abaqala ngoSeptember 1, 1991, bangase bakufanelekele ukuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona ngo-1992.
15 imiz: “Yiba Nesineke Futhi Ungashwampuluzi Enkonzweni.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Gcizelela isidingo sokuba nesineke, ikakhulukazi ensimini ehlanganiswa njalo. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 6, yiba nommemezeli ebonisa indlela yokusebenzisa iSihloko Sengxoxo lapho ehambisa incwajana ethi “Bheka,”.
INgoma 156 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOJULY 8
INgoma 162
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza ibandla ngamalungiselelo angempela-sonto enkonzo yasensimini.
15 imiz: “Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke—Ingxenye 1.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo eqhutshwa umbonisi wenkonzo. Yisho kusengaphambili imibhalo ekhethiwe eyisihluthulelo ezofundwa, futhi uyenze isebenze ngokuvumelana nezidingo zebandla. Yenza babheke phambili ngokulangazelela ochungechungeni oluyizingxenye ezinhlanu.
20 imiz: “Hlela Kusemanje Ukuba Khona EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabathandi Benkululeko’ Ka-1991”—Ingxenye 1. Ingxoxo nezilaleli ngezigaba 1-14 zesenezelo.
INgoma 204 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOJULY 15
INgoma 32
10 imiz: Izaziso zebandla. Uma ibandla lizoshintsha izikhathi zemihlangano ngoSeptember 1, memezela isimiso esizolandelwa. Bukeza amaphuzu avelele avela embikweni webandla wenkonzo yasensimini wangoJune. Tusa abamemezeli ngalokho abakufezile ensimini.
15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuqonda.” Sihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Bonisa ukusebenza kwamaphuzu asesigabeni 5. Yiba nommemezeli ebonisa indlela yokusebenzelana nomninikhaya ophikisayo ekuqaleni ngokumbuza imibuzo ngokuhlakanipha futhi abonise lokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba. Lomboniso kufanele ulungiselelwe kahle.
20 imiz: Esithi “Hlela Kusemanje Ukuba Khona EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabathandi Benkululeko’ Ka-1991”—Ingxenye 2, kufanele sisingathwe unobhala. Ingxoxo nezilaleli ngezigaba 15-22, kanye nokubukeza kafushane esithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi” njengoba isikhathi sivuma. Chaza kafushane amalungiselelo ezindawo zokulala njengoba echazwe encwadini evela eNhlanganweni kaJune 15, 1991. Abamemezeli bangase bathande ukuxoxa ngamaphuzu afanelekile nabafunda nabo iBhayibheli abazoya emhlanganweni. Khuthaza amaqembu emikhaya ukuba abukeze amaphuzu akulezihloko ngaphambi kokuba aye emhlanganweni.
INgoma 67 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOJULY 22
INgoma 210
15 imiz: Umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo isingatha izaziso zebandla. Bukeza amalungiselelo ebandla ensimu engabelwe uma kuzoyiwa. Sebenzisa amaphuzu avela esenezelweni sencwadi kaMay 1, 1991. Khuthaza ngemfudumalo yonke imikhaya ukuba iwusekele ngokugcwele lomkhankaso.
18 imiz: “Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla—Ingxenye 1.” Ingxoxo ngomdala onokuhlangenwe nakho exoxa nomdala oyedwa noma ababili noma izinceku ezikhonzayo ezingabaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla. Gcizelela kakhulu izinto ezimbili noma ezintathu ezidingeka ngokukhethekile ebandleni lenu, njengokuphendula ngamazwi akho nokwenza indaba ecatshangelwayo isebenze ngokoqobo.
12 imiz: Izidingo zebandla. Cabangela amaphuzu abadala abanomuzwa wokuthi ibandla lidinga usizo kuwo. Ungacabangela ngokomBhalo ezinye zezinto ezalethwa ekunakekeleni kwebandla phakathi nokuhambela kokugcina kombonisi wesifunda.
INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOJULY 29
INgoma 56
15 imiz: Izaziso zebandla kanye nesithi “Indlela Yokusingatha Izicelo Zezigqebhezana.” Kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo. Uma isikhathi sivuma cela ukuba kulandiswe okuhlangenwe nakho kokuhambisa izincwajana kanye nokuqalisa izifundo zeBhayibheli. Khuthaza bonke ukuba babe nengxenye enkulu enkonzweni phakathi noAugust, okuyinyanga yokugcina yonyaka wenkonzo. Abaqhubi beSifundo Sencwadi kufanele baqikelele ukuthi yonke imibiko ilethwa kunobhala ukuze enze umbiko ophelele webandla.
15 imiz: “Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo.” Umdala uxoxa ngalesihloko neqembu lomkhaya. Ukhumbula indlela ibandla elajabula futhi lazuza ngayo esimisweni samuva somhlangano wesifunda futhi wakha ukulangazelela isimiso esisha somhlangano wesifunda. Ubuza izinhloko zemikhaya eziphakathi kwezilaleli indlela isimiso sika-1991 esayisiza ngayo imikhaya yazo. Ukhuthaza bonke ukuba benze amalungiselelo aqondile okuba khona futhi bazuze esimisweni esihlelelwe unyaka wenkonzo ka-1992. Uma usuku lomhlangano olandelayo selwaziwa, lungamenyezelwa.
15 imiz: “Ukugwema Ukubuya Kwemikhuba Emibi.” Ingxoxo ngesihloko esikuPhaphama! ka-April 8, 1991.
INgoma 132 nomthandazo wokuphetha.