Yiba Senkonzweni Yasensimini Ngomphefumulo Wonke
Ingxenye 1—Ukubaluleka Kokwazisa UJehova
1 Ukuba senkonzweni ngomphefumulo wonke kusuka ekwaziseni okujulile ngoJehova nangakho konke aye wasenzela khona. (2 Sam. 22:2, 3) Isimo esidabukisayo sosizi lwaso sonke isintu esihlukanisiwe noNkulunkulu kufanele sisishukumisele ukuba sizikhandle enkonzweni. (Math. 9:36; 2 Kor. 5:14, 15) Lapho sizinikela ngokwengeziwe kuJehova futhi sibakhathalela ngokwengeziwe abantu, kuba yilapho sishukumiseleka ngokwengeziwe ukuba sihlanganyele ngentshiseko enkonzweni yasensimini. (Math. 22:37-39) Khona-ke inkonzo yethu iba yigugu esilazisa kakhulu. (2 Kor. 4:7) Kodwa ukwazisa okunjalo ngenkonzo kungahlakulelwa kanjani?
IZIHLUTHULELO ZOKWAKHA UKWAZISA
2 Isifundo seBhayibheli somuntu siqu nesebandla kanye nokuzindla ngomkhuleko kusisiza ukuba sakhe ubuhlobo bomuntu siqu noJehova. Siqala ukubona ubuhle bezimfanelo zakhe kanye nobuntu bakhe. Ingabe uyasilandela isimiso sokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke? Ingabe njalo uyasibekela eceleni isikhathi sokutadisha izincwadi zeNhlangano? Ingabe uyalungiselela, ubekhona, futhi uhlanganyele kuyo yonke imihlangano yebandla? (Heb. 10:24, 25) Phakathi nangemva kwesikhathi sesifundo somuntu siqu ngasinye, ukuzindla okunenjongo kuyokwakha ukwazisa okusuka enhliziyweni ngobuhle bukaNkulunkulu wethu onomusa nangamalungiselelo akhe okukhulekela kweqiniso.—IHu. 27:4.
3 Enye indlela esingathuthukisa ngayo izinga lethu lokwazisa iwukucabanga ngokujulile ngesibonelo sezinye izikhonzi zikaNkulunkulu ezazikhonza ngomphefumulo wonke. Umprofethi uJeremiya washiswa intshiseko yomsebenzi ayewuphathisiwe. (Jer. 20:9) UJesu washiya isibonelo, ebonisa umoya wokwazisa kanye nentshiseko. (Joh. 4:34) Ngokukhandleka kwakhe enkonzweni, umphostoli uPawulu wabonisa ukubonga kwakhe ngomusa waphezulu ayewubonisiwe. (1 Thim. 1:12, 13, 17) Lapho sicabanga ngezibonelo ezinjalo, kanye nezibonelo zezikhathi zanamuhla, singakha ukwazisa okuyosenza sibe senkonzweni ngomphefumulo wonke.
4 Lapho sifunda ngobuhle obukhazimulayo bokuhlonipheka kukaJehova futhi sinesithakazelo emisebenzini yakhe emangalisayo, sishukumiseleka ukuba simemezele ubukhulu bakhe futhi simemeze ngenjabulo kube udumo kuye. (IHu. 145:5-7) Sibonisa ukuthi siyawazisa amathuba esinawo okufakaza ngegama laphezulu ngokufuna ngentshiseko izindlela zokusakaza isigijimi soMbuso.—Luka 6:45.
5 Kodwa ingabe zikhona ezinye izinto eziyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngomphefumulo wonke enkonzweni? Uma zikhona, yiziphi? Abadala, izinceku ezikhonzayo, amaphayona, kanye nabanye abamemezeli boMbuso abanokuhlangenwe nakho bangasiza kanjani? Iyiphi indima ukubeka imigomo okuyifezayo ekuhlakuleleni intshiseko? Iziphi izinzuzo esingazilindela? Lemibuzo kanye neminye izophendulwa kuloluchungechunge olunezingxenye eziyisihlanu, oluzoqhutshwa kuNkonzo Yethu YoMbuso ngayinye elandelayo.