IZindaba Ezingokwasezulwini
EBenin: Umbiko ka-April ubonisa ukuthi abamemezeli abangu-2793 baye baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-4442 futhi benza izimpindelo ezingu-30 814. Lezibalo zibonisa amanani amathathu amasha aphakeme.
EBulgaria: Ngonyaka owodwa nje, inani labamemezeli liye landa kusuka kwabangu-107 kuya kwabangu-218 ababika ngoMarch. Lokho kwakuwukwanda ngamaphesenti angu-104. Isilinganiso samahora abamemezeli abawasebenze enkonzweni yasensimini singu-19,7 futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-585. Umhlangano wabo okhethekile wosuku olulodwa wokuqala waqhutshwa ngoMarch, kwaba nabangu-900.
ECzechoslovakia: Inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-25 111 liye labika ngoMarch. Lokhu kwakuwukwanda ngamaphesenti angu-9 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.
E-Ecuador: Inani lababekhona eSikhumbuzweni kulonyaka lingu-99 987. Njengoba kuye kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-21 734 ngoApril, kulindeleke ukwanda okuqhubekayo.
EJalimane: NgoMarch kwakunabamemezeli abangu-159 821 ababebika, okwakuwukwanda ngamaphesenti amathathu ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.
ENicaragua: NgoApril kuye kwafinyelelwa amanani amasha aphakeme cishe kuzo zonke izici zenkonzo yoMbuso. Inani lababekhona eSikhumbuzweni laliphinda kahlanu ingqikithi yabamemezeli, eyafinyelela ku-9629 ngaleyonyanga.
ENingizimu Afrika: Kuye kwanikezelwa amaHholo OMbuso alandelayo: ElaseDiepkloof (eSoweto), elaseManzimtoti, elaseLenasia (eningizimu yeGoli), nelase-Eersterust (ePitoli).