Izintshumayelo Ezivusa Isithakazelo
1 Kufanele ngaso sonke isikhathi sibonise isithakazelo esifudumele, nesomuntu siqu kubantu esihlangana nabo enkonzweni yasensimini. Ukucela umbono wabo ngezindaba kubonisa ukuthi siyawuhlonipha umbono wabo. Indaba esiyethulayo nemibuzo esiyiphakamisayo kungase kushukumise ukucabanga kwabo futhi kubabangele ukuba bafune ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe ngesintu.
2 Phakathi noSeptember siyobe siqondisa ukunakekela eqinisweni eliphathelene noMdali wethu nangenjongo yakhe yokuguqula lomhlaba ube ipharadesi njengoba sihambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Abaningi bethu bajwayelene nalencwadi. Noma kunjalo, zinike isikhathi sokubukeza lencwadi ngokomuntu siqu, futhi ukhethe amaphuzu akhethekile ozowaqokomisa. Lapho uxoxa ngokwaziswa okukulencwadi ethi Ungaphila Phakade, yivule futhi uyinikeze umninikhaya. Bhekisela ezihlokweni ezithile nemifanekiso. Bonisa intshiseko lapho ubonisa ukubaluleka kwalencwadi enhle.
3 Ngemva kokuzethula ngokufudumele, ungase uthi:
◼ “Ucabanga ukuthi yini edingekile ukuze isintu sithole ukuthula kweqiniso nenjabulo kulomhlaba? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lithi kumelwe sesabe uNkulunkulu futhi simqaphele njengoMdali wezulu nomhlaba.” Funda isAmbulo 14:7, bese uvula incwadi Ungaphila Phakade ekhasini 8 futhi ufunde isigaba 6, esiqokomisa umqondo wokuthi umhlaba awakhiwe ngendlela uMdali wawo ayeyihlosile ekuqaleni. Kuxhomeke esithakazelweni somninikhaya ungase futhi ufunde isigaba 10 ekhasini 10 futhi ukhulumele imifanekiso esemakhasini 11-13. Mchazele lomuntu ukuthi ngokushesha ipharadesi lasemhlabeni liyoba yinto engokoqobo. Hambisa incwadi futhi wenze amalungiselelo okubuyela lapho kuboniswe khona isithakazelo.
4 Noma ungase uthi:
◼ “Wake wazibuza yini ukuthi kungani siguga futhi sifa? Eminye imithi iye yaphila izinkulungwane zeminyaka. Kodwa abantu baphila iminyaka engu-70 noma engu-80 bese befa. Wake wazibuza ukuthi kungani kunjalo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza impendulo lapha kweyabaseRoma 5:12. [Yifunde.] Ingabe lesimo siyoke sishintshe? Impendulo ingu‘Yebo’ njengoba ibhalwe lapha kusAmbulo 21:3, 4. [Yifunde.]” Yethula incwadi Ungaphila Phakade, uphawula isihloko bese uphendukela emifanekisweni esekhasini 162. Ngemva kokukhulumela lemifanekiso ungase uthande ukufunda izigaba 19 no-20 ekhasini 165. Bonisa umninikhaya indlela lencwadi enhle engamsiza ngayo yena nomkhaya wakhe ukuba baphile esikhathini lapho kungasayikuba khona ukufa nalapho wonke umhlaba uyobe uguqulwe khona waba ipharadesi. Hambisa incwadi futhi wenze amalungiselelo aqondile okubuyela.
5 Uma umninikhaya ebonisa ukungabaza ngobukhona boMdali, ungase uthi:
◼ “Abantu abaningi bazizwa ngendlela efanayo neyakho, ikakhulukazi uma becabanga ngakho konke ukuhlupheka okusezweni. Uma ekhona uNkulunkulu, kungani ayengavumela ukuhlupheka? Ingabe sikhona isizathu esinengqondo ongasicabanga?” Kuxhomeke endleleni azosabela ngayo, ungase ukwazi ukuqhubeka usebenzisa isahluko 11 sencwadi ethi Ungaphila Phakade ukuze uqhubekisele phambili ingxoxo. Izimpendulo eziwusizo ezengeziwe kulombuzo zingatholakala encwadini ethi Ukubonisana, emakhasini 290-1.
6 Injongo yethu ayikhona nje kuphela ukuvusa isithakazelo esigijimini soMbuso kodwa futhi iwukuqalisa nezifundo zeBhayibheli. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuba nalencwadi enemifanekiso emihle echaza ngeqiniso eliphathelene noMdali wethu Omuhle nangenjongo yakhe yokuguqula lomhlaba ube ipharadesi! Kwangathi singayisebenzisa kahle ekuvuseni isithakazelo sabantu abanhliziyo-qotho esihlangana nabo ngoSeptember.