Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/93 k. 8
  • Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli Ezweni Lanamuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli Ezweni Lanamuhla
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukutusa IZwi LikaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • IBhayibheli—Isiqondiso SikaNkulunkulu Sabo Bonke Abantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngendodana KaNkulunkulu, UJesu Kristu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 11/93 k. 8

Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli Ezweni Lanamuhla

1 Abaningi namuhla babheka iBhayibheli njengeliphelelwe isikhathi nelingabhekani namaqiniso. Nakuba liyincwadi esakazwa kabanzi futhi ehunyushwe kakhulu kunazo zonke kuwo wonke umlando, bambalwa kakhulu abalifundayo, futhi bambalwa nangokwengeziwe abasalandela isiqondiso salo.

2 Ngokuphambene, siyalazisa iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Amaqiniso abonisa ukuthi lineqiniso elingokomlando. Ngaphezu kwalokho, ukuvumelana kwalo okuphawulekayo, iziprofetho zalo, ukuhlakanipha kwalo, kanye nokuba kwalo amandla aletha izinzuzo ekuphileni kwabantu konke kubonisa ukuthi iBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu.’ (2 Thim. 3:16) Okuhlangenwe nakho kwethu siqu kanye nokwazisa kwethu lesisipho esimangalisayo kufanele kusishukumisele ukuba sikhuthaze abanye ukuba bahlole ukuba yinzuzo kwalo kwangempela.

3 Enye indlela engasetshenziswa yilena:

◼ “Ngenxa yezinkinga ezingathi sína ezibhekene nesintu, abantu abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu, noma bangabaza amandla kaNkulunkulu okuxazulula izinkinga esibhekene nazo. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Phawula isihloko salelipheshana, Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli.” Donsela ukunakekela emfanekisweni osesembozweni, bese ufunda isigaba sokuqala nesesibili ekhasini 2. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, ungafunda bese nixoxa ngemibhalo ekhonjiwe esesigabeni sesibili. Yenza amalungiselelo okuphindela ukuze nicabangele lelipheshana ngokuqhubekayo—mhlawumbe usebenzise esinye sezihlokwana, ngokubuza umbuzo, ukuze uvuse isithakazelo.

4 Enye indlela engasetshenziswa ingase ibe okuthile okufana nalokhu:

◼“Ingabe awuvumi yini ukuthi isintu sidinga isiqondiso ekubhekaneni nezinkinga zokuphila? [Lindela impendulo.] Esikhathini esedlule, ngokuvamile abantu babebheka eBhayibhelini ukuze bathole isiqondiso, kodwa izikhathi zishintshile. Ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli lingaba yinzuzo namuhla? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okushiwo kweyesi-2 Thimothewu 3:16. [Funda.] IZwi likaNkulunkulu elilotshiwe alisisizi nje kuphela ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile kodwa linikeza nethemba elinokwethenjelwa lesikhathi esizayo.” Funda uJohane 17:3. Veza iphuzu elilodwa noma amabili aqondile oye wawakhetha ngaphambili encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ukuze ubonise ukuba yinzuzo engokoqobo kweBhayibheli.

5 Ungase ukuthole kuwusizo ukusebenzisa izethulo ezithile ezihlelwe ekhasini 10 lencwadi Ukubonisana ngaphansi kwesihlokwana esithi “IBhayibheli/UNkulunkulu.” Ukwaziswa okwengeziwe okungase kube wusizo ekuphenduleni imibuzo yabaninikhaya noma ekunqobeni ukuphikisa kwabo kunikezwa emakhasini 58-68.

6 Abantu abaningi banesithakazelo sokuthola inguqulo yesimanje yeBhayibheli lesiNgisi. Kungani ungabahambiseli i-New World Translation? Uma uphethe ikhophi yakho, ungase udonsele ukunakekela ezicini ezithile eziwusizo ze- New World Translation. Ungaqokomisa iphuzu elilodwa noma amabili asemakhasini 91-94 encwadi Ukubonisana. Yazisa umninikhaya ukuthi ungakujabulela ukumshiyela i-New World Translation kanye nethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R15,00. Ungase futhi uthole abafundi abafunda esikoleni esiphakeme abangathanda ukuba nekhophi ye-New World Translation.

7 Phaphamela amathuba okukhuthaza abantu ukuba bafunde iBhayibheli. Siza abantu abathakazelayo ukuba bakhe inhlonipho nothando lweZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Ngokusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwabo nasekufinyeleleni ulwazi lweqiniso, bayothola izinzuzo eziningi kokubili manje nasesikhathini esizayo.—IHu. 119:105.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela