Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/93 k. 8
  • Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli Ezweni Lanamuhla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • IBhayibheli—Isiqondiso SikaNkulunkulu Sabo Bonke Abantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukusiza Abanye Baqaphele Igugu Elikhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 11/93 k. 8

Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela

1 Izwe liye lashintsha kakhulu phakathi nekhulu leminyaka elidlule. Nakuba kuye kwaba khona intuthuko emikhakheni yezokuxhumana, ezokwelapha, nezinto zokuhamba, izinga lokuphila komkhaya liye lehla ngokuqhubekayo. Izigidi zizivumela ukuba ziqondiswe ifilosofi yabantu eshintsha njalo.

2 Kulesimo sezwe esishintsha ngokushesha, abantu bakaJehova baye bazuza kakhulu ngokunamathela eZwini lakhe. IBhayibheli liye lahlala lingashintshile izinkulungwane zeminyaka, futhi iseluleko salo sisewusizo kakhulu ekusingatheni izinkinga esibhekana nazo namuhla. Singabasiza kanjani abantu abathakazelayo ukuba baqaphele ukuthi iBhayibheli linikeza isiqondiso sangempela sosuku lwethu lwanamuhla?

3 Uma washiya ipheshana elithi “Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli” ekuhambeleni kokuqala, ungase ubuyele bese uthi:

“Njengoba iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi liyisigijimi esivela kuNkulunkulu uqobo nokuthi usinikeza ukuphila okuphakade uma sikukholelwa futhi siphila ngalokho elikushoyo, ingabe unomuzwa wokuthi kungaba yinzuzo ukuthola okwengeziwe ngokuphathelene nalokhu? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikubikezelayo ngokuphathelene nesimiso sezinto sezwe samanje. [Funda ngokuqondile u-2 Thimothewu 3:1-5 ekhasini 5 lepheshana.] Ingabe ucabanga ukuthi lencazelo iyalifanela izwe namuhla? [Lindela impendulo.] Ingabe sikhona isizathu esinengqondo sokulindela izimo ezingcono esikhathini esizayo?” Ungabe-ke usubeka isisekelo sokunye ukuhambela ngokuxoxa ngezigaba ezimbili zokugcina zepheshana noma ngokusebenzisa ikhasi 161 lencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, uqokomise ithemba elimangalisayo iBhayibheli elilinikeza isintu.

4 Uma umninikhaya ayenesithakazelo ekubeni wusizo kweBhayibheli futhi wambonisa ngokuqondile izimiso ezithile esahlukweni 12 sencwadi ethi “IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?,” ungase uthi:

◼“Sinesithakazelo ezintweni eziyinzuzo kithi namuhla, akunjalo? Awuvumi yini ukuthi ukuqeda impi kungaba yinzuzo? [Lindela impendulo.] Ukuba abantu bebengafunda ukuphila ndawonye ngokuthula nalabo bezinye izizwe, lokhu bekungaba isiqalo esihle, akunjalo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liye labikezela lokho kanye. [Funda u-Isaya 2:2, 3.] Ingabe wake wazibuza ukuthi lokhu kuyokwenzeka kanjani futhi nini?” Chaza ukuthi ungathanda ukuxoxa ngalombuzo ngokuqhubekayo ngesikhathi esingalungela umninikhaya.

5 Uma washiya i-“New World Translation,” ungaphindela bese uthi:

◼“Lapho ufunda iBhayibheli engakushiyela lona, kungenzeka waphawula ukuthi lisebenzisa igama likaNkulunkulu kuyo yonke indawo. Lena intuthuko ebalulekile engekho kwezinye izinguqulo eziningi zeBhayibheli. Nakuba abanye abantu bengase bakungabaze ukusebenzisa igama elithi Jehova, kufanele sikhumbule ukuthi walembula kudala igama lakhe futhi wakhuthaza izinceku zakhe ukuba zilisebenzise ukuze zimehlukanise njengoNkulunkulu weqiniso nophilayo. Phawula lokho umhubi akubhala kumaHubo 83:18.” Funda umbhalo, bese uvumela umninikhaya ukuba anikeze ukukhulumela. Ungase usebenzise ukwaziswa okwengeziwe okutholakala ngaphansi kwesihloko esithi “UJehova,” esiqala ekhasini 240 lencwadi Ukubonisana, kuye ngesithakazelo esibonisiwe.

6 IBhayibheli kuphela elinikeza isiqondiso umuntu asidingayo. (Jer. 10:23) Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kuwukuphela kwendlela yokufunda ngezinjongo zaKhe nokuzuza umusa waKhe. Ngakho-ke, masimeme ngenkuthalo abanye ukuba bazuze eselulekweni salo esihlakaniphile nesiyinzuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela