Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/93 k. 4
  • Ukusiza Abanye Baqaphele Igugu Elikhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Abanye Baqaphele Igugu Elikhulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukuphindela Ukuze Uvuse Isithakazelo EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Phindela Ukuze Usize Abantu Bazi Indlela Abangaphila Ngayo Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Hlakulela Isithakazelo EMbusweni KaNkulunkulu Wokuthula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 9/93 k. 4

Ukusiza Abanye Baqaphele Igugu Elikhulu

1 Lapho sishumayela kwabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso, omunye wemigomo yethu kufanele ube ukusiza abantu abanhliziyo-ziqotho baqaphele ukubaluleka okukhulu kakhulu kweZwi likaNkulunkulu. (Fil. 3:8) Izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini zinengxenye ebalulekile ekusakazeni isigijimi soMbuso. Ngokwesibonelo, incwadi ethi Ungaphila Phakade iye yasiza amakhulu ezinkulungwane abantu ukuba bakhonze uJehova ngenxa yamaqiniso eBhayibheli abaye bawafunda.

2 Inkonzo yethu ihilela okungaphezu kokumane ushiye incwadi kunoma ubani othanda ukuyithatha. Kudingeka sethule isigijimi ngendlela ekhangayo, silalele ngokuqonda lokho umninikhaya akushoyo, bese sizimisela ‘ukubonisana naye ngemiBhalo.’—IzE. 17:2, NW.

3 Kungenziwa Kanjani Lokhu? Izethulo zethu zinganikeza ithuba lokuba abaninikhaya babonise ukuthi banesithakazelo ngempela yini eBhayibhelini nasesigijimini salo noma cha.

Ungase uthi:

◼“Sihambela abantu ngenjongo yokuxoxa ngalokho okushiwo yizenzakalo ezisizungezile emhlabeni namuhla. Abantu abaningi abasenaso isithakazelo kuNkulunkulu nasezindinganisweni zakhe zokuphila njengoba zivezwe eBhayibhelini. Lokhu kuye kwasithonya kakhulu isimo sengqondo abantu abanaso ngomunye nomunye. Ingabe uke wakuphawula lokhu? [Lindela impendulo. Ungase ubhekisele ezimweni ezithile.] Ngicela uphawule isimo sengqondo salabo okukhulunywe ngabo kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5, bese ungitshela ukuthi ucabanga ukuthi lokhu kuzwakala njengento ekhona yini emhlabeni namuhla. [Funda; lindela impendulo.] Ingabe kunesizathu esizwakalayo sokulindela izimo ezingcono esikhathini esizayo?” Uma ebonisa isithakazelo, bhekisela emfanekisweni osemakhasini 12 no-13 encwadi ethi Ungaphila Phakade bese udonsela ukunakekela ezigabeni 12 no-13. Uma isipho senqatshwa, khona-ke kungahanjiswa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.

4 Uma sithola umzali, singaqalisa ingxoxo yethu ngalendlela:

◼“Sixoxa nabantu abanesithakazelo endleleni esingakwazi ngayo ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila komkhaya. Sonke sizama ukwenza konke esingakwenza, kodwa uma kukhona okungasisiza siphumelele kakhudlwana, siba nesithakazelo kukho, akunjalo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza isiqondiso kulendaba njengoba sitholakala kweyabaseKolose 3:12-14. [Funda.] Ngakho, yini edingekayo ukuze sijabulele ukuphila komkhaya okuphumelelayo? Phawula lokho okushiwo kulencwadi esahlukweni esithi ‘Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kube Yimpumelelo.’” Funda isigaba 3 esisekhasini 238 encwadini ethi Ungaphila Phakade. Uma umninikhaya ematasa noma engasabeli kahle, zama ukuhambisa umagazini wamuva okhuluma ngezindaba zomkhaya noma ipheshana elithi Jabulela Ukuphila Komkhaya.

5 Asifuni ukulahlekelwa injongo yethu yokunikeza ubufakazi obuphathelene noMbuso ngokungashwampuluzi. (Math. 24:14) Ngokusebenzisa ngokugcwele iBhayibheli namalungiselelo amahle kakhulu ezincwadi ezingokwaseZulwini esinazo, singathembela kuJehova ngokuqiniseka ukuze sithole isibusiso sakhe ekufezeni intando yakhe phakathi nalezikhathi ezivusa amadlingozi.—Gal. 6:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela