Finyelela Inhliziyo Yomuntu Ofunda Naye IBhayibheli
1 Ingabe ufuna umuntu ofunda naye iBhayibheli akusebenzise lokho akufundayo? Kufanele enze kanjalo ukuze azuze olwazini alutholayo. Ukuze umshukumisele esenzweni umuntu ofunda naye, kufanele ufinyelele inhliziyo yakhe. Ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., inkulumo kamphostoli uPetru eshukumisayo ‘yahlaba ezinhliziyweni’ zabantu abacishe babe ngu-3000, “abalamukelayo izwi lakhe” futhi babhapathizwa ngalo lolosuku. (IzE. 2:37, 41) Ungayifinyelela kanjani inhliziyo yomuntu ofunda naye iBhayibheli?
2 Lungiselela Ngokungashwampuluzi: Ungazami ukuhlanganisa ukwaziswa okuningi kangangokuba kusale isikhathi esincane sokubonisana nomfundi ngokwaziswa. Nquma kusengaphambili ukuthi yimaphi amaphuzu ozowaqokomisa, uqiniseke ukuthi uyayiqonda futhi ungakwazi ukusebenzisa imibhalo ngokuphumelelayo. Yicabangele kusengaphambili imibuzo engase iphakame engqondweni yomfundi ngenxa yesizinda sakhe. Uma ujwayelene kahle nomuntu ofunda naye, lolulwazi luyokusiza ukuba ulungiselele ukwaziswa okuzofanelana naye ngokukhethekile.
3 Lingisa Indlela KaJesu Yokufundisa: UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze enze amaphuzu alukhuni abe lula futhi asize abafundi bakhe bathole umqondo futhi babe nomuzwa ongokomzwelo ngesimo esithile. (Luka 10:29-37) Ngokufanayo, ungagcizelela izimfundiso ezinhle enhliziyweni yomuntu ofunda naye iBhayibheli ngokugcina imifanekiso yakho ilula, uyisusele ezintweni ezivamile zokuphila, futhi uyenze isebenze ngokuqondile ezimweni zomfundi.
4 Imibuzo isiza ngokukhethekile ekufinyeleleni izinhliziyo zabantu esifunda nabo iBhayibheli, njengoba ngokuvamile uJesu abonisa. (Luka 10:36) Kodwa unganeliswa ukuthi umfundi umane nje afunde impendulo encwadini. Sebenzisa imibuzo eholayo ukuze uholele ingqondo yakhe esiphethweni okungenzeka akazange asicabange ngaphambili. Lenqubo isiza umfundi futhi ukuba athuthukise ikhono lokucabanga. Buza imibuzo efuna imibono ukuze uthole ukuthi yini yena siqu ayikholelwayo ngendaba enixoxa ngayo. Ungabe-ke usubona izindawo adinga usizo kuzo, bese ngokuqhubekayo unikeza usizo olufaneleka kakhudlwana.
5 Uma umuntu ofunda naye iBhayibheli engathuthuki, kudingeka uthole izizathu ezibangela lokho. Lokhu kungahilela ukumvakashela ngesinye isikhathi esingesona esesifundo sasikhathi sonke. Kungani emadolonzima ukuthatha isinyathelo? Ingabe kunephuzu elithile elingokomBhalo angaliqondi? Ingabe uyanqikaza ukwenza ushintsho oluthile endleleni yakhe yokuphila? Uma umuntu ofunda naye iBhayibheli ‘emanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili,’ msize ukuba abone ingozi yokwenza kanjalo.—1 AmaKh. 18:21.
6 Umphostoli uPawulu wayeqaphela ukuthi ukufundisa amaqiniso eBhayibheli kubantu abathakazelayo kuwumsebenzi osindisa ukuphila, ngakho weluleka wonke amaKristu ukuba ‘aqaphele isifundiso sawo.’ (1 Thim. 4:16) Labo obaqhubela izifundo zeBhayibheli kufanele bazuze okungaphezu nje kwamaphuzu aphathelene neBhayibheli kanye nezenzakalo zezwe. Kufanele bazuze ulwazi oluqondile ngoJehova noJesu futhi basizwe ukuba bakhe ubuhlobo obufudumele bomuntu siqu nabo. Kungokwenza ngalendlela kuphela lapho beyoshukumiseleka khona ukuba babonise ukholo lwabo ngemisebenzi. (Jak. 2:17, 21, 22) Lapho inhliziyo yomfundi ifinyelelwa, uyoshukumiseleka ukuba alandele inkambo eyodumisa uJehova futhi ilondoloze ukuphila kwakhe.—IzAga 2:20-22.