Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/94 k. 8
  • Ukuhlakulela Isithakazelo Ezimpindelweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlakulela Isithakazelo Ezimpindelweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlakulela Isithakazelo Esigijimini SoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Babonise Ukukhathalela Okuqotho Bonke Obatholayo Abanesithakazelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Phindela Kubo Bonke Abantu Obahambisele Izincwajana
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 8/94 k. 8

Ukuhlakulela Isithakazelo Ezimpindelweni

1 Kuyafaneleka ukuthi inkonzo iye yafaniswa nokulima, ukwenza izimpindelo kwafaniswa nokuhlakula nokunisela. (Math. 13:23; Luka 10:2; 2 Kor. 9:10) ‘Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu,’ sinesibopho sokusiza noma iyiphi imbewu esanda kuqhuma ukuba ikhule futhi ithele izithelo. (1 Kor. 3:6, 9) Singakufeza kanjani lokhu ngendlela engcono kakhulu?

2 Shesha ukuphindela kubo bonke ababonisa isithakazelo. Bukeza imibiko yakho yendlu ngendlu, bese unquma ukuthi ubani ozomvakashela nanokuthi nizoxoxani. Ngokuvamile isihloko sakho sengxoxo siyonqunywa yilokho enanikuxoxe ekuhambeleni kokuqala. Vumelana nezimo, ucabange ngamanye amaphuzu angokomBhalo angase akhulunyelwe. Kuhle ukulisebenzisa njalo iBhayibheli, uqaphela amandla alo okufinyelela inhliziyo.—Heb. 4:12.

3 Uma washiya incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?,” ungase uqale ngokusho okuthile okunjengalokhu:

◼ “Abantu abaningi abaqotho bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uzobhubhisa umhlaba, kuyilapho abanye besaba ukuthi umuntu ngokwakhe ozokwenza lokho. Ucabangani? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisitshela ukuthi esikhundleni sokubhubhisa umhlaba, uNkulunkulu uyowuhlanza asuse kuwo ukungalungi, awenze ube indawo yokuthula nokulondeka.” Donsela ukunakekela ekhasini 22, bese ufunda izAga 2:21, 22, okuwumbhalo ocashuniwe lapho. Uma enesithakazelo, chaza ilungiselelo lesifundo seBhayibheli sasekhaya noma uhambise omagazini bamuva, uhlele nokuthi ubuye nizoxoxa okwengeziwe ngomhlaba omusha othenjiswe uNkulunkulu.

4 Uma wahambisa incwajana engangomagazini ethi “Bheka,” ungase uthi:

◼ “Ekuhambeleni kwami okwedlule, safunda eBhayibhelini ngesithembiso sikaNkulunkulu sokwenza umhlaba ube ipharadesi, njengaleli eliboniswe lapha esembozweni salencwajana engakushiyela yona. Singasijabulela lesisibusiso ngokufunda okwengeziwe ngentando kaNkulunkulu nanokuthi isithinta kanjani.” Funda uJohane 17:3, bese ubheka isigaba 52 no-53 ekhasini 27. Xoxa kafushane ngokuthi kungani kunesidingo sokuzuza ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu.

5 Lapho ulandelela incwajana engangomagazini ethi “Injongo Yokuphila” owayishiyela umuntu othanda inkolo, ungase ukuthole kufaneleka ukuthi:

◼ “Cishe usuwusho kaningi uMthandazo WeNkosi. Yimuphi umcabango ofika engqondweni yakho lapho ucela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze?” Ngemva kokuphendula komninikhaya, vula ekhasini 26 isigaba 8 no-9, bese ufunda uDaniyeli 2:44. Mhlawumbe ungaqhubeka nengxoxo ngokuchaza ukuthi ukuza koMbuso kaNkulunkulu kuyosho ukuphela kobubi nokuhlupheka. Phawula ukuthi uma silungile emehlweni kaNkulunkulu, singajabulela ukuphila okuphakade ePharadesi kulomhlaba.

6 Khumbula ukuthi impindelo ingenziwa kunoma ubani owalalela, kungakhathaliseki ukuthi incwadi yathathwa noma cha. Zama ukuthi isonto ngalinye uhlele isikhathi sokwenza izimpindelo. UJehova uyowubusisa umzamo wakho wenkuthalo wokuhlakulela isithakazelo owasithola. Kwangathi umzamo wakho ungathela izithelo ulethe udumo kuye.—Joh. 15:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela