Mema Abanye Balandele Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke
1 Njengoba kulotshwe kuMathewu 5:14, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe.” Abalandeli bakaJesu kwakufanele batshele abantu kuyo yonke indawo ngoMbuso kaJehova nelungiselelo laKhe lothando lokusindiswa ngoJesu. Sinalokhu kuthunywa engqondweni, ngo-December sibheke phambili ekuhambiseni incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Nakhu okunye kokusikisela ongase ukusebenzise.
2 Ngemva kokuzethula, ungase usho lokhu okulandelayo ngamazwi akho:
◼ “Abaningi baye bazibuza ukuthi kazi uJesu wayenjani ngesikhathi ephila emhlabeni njengomuntu. Ucabanga ukuthi wayehluke ngaziphi izindlela kwabanye? [Lindela impendulo.] Lencwadi ethakazelisayo, ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ilandisa ngezici ezivelele zokuphila nenkonzo yakhe, futhi isenza siqonde ukuthi wayeluhlobo luni lomuntu. Ngemva kokuyifunda, abanye baba nomuzwa wokuthi baye baba nethuba lokuba nobudlelwane naye, bahlanganyela naye ezinhluphekweni zakhe, futhi bazibonela ngawabo inkonzo yakhe.” Veza umfanekiso wokuqala osencwadini, oqokomisa isihloko. Bese uvula ikhasi lesethulo, ufunde isigaba sesibili ngaphansi kwesihlokwana esithi “Zuza Ngokufunda Ngaye.” Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R10,50.
3 Noma ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Phakathi nalenkathi abantu bacabanga ngoJesu. Nokho, ngenxa yokuthi kwenzeka izinto ezimbi eziningi kangaka emhlabeni wonke, abanye bangase bazibuze ukuthi uJesu uyasikhathalela yini ngempela. Uzizwa kanjani ngalokho?” Lindela impendulo. Vula isahluko 24 encwadini ethi Umuntu Omkhulu, bese nixoxa kafushane ngokuthi kungani uJesu eza emhlabeni. Bese ufunda uJohane 15:13, ugcizelele uthando olusuka enhliziyweni uJesu ayenalo ngabanye abantu. Khumbula ukuphatha omagazini bamuva, incwajana engangomagazini, noma ipheshana elifanelekayo ongalihambisa uma incwadi ingathathwa.
4 Nakhu okunye ukusikisela:
◼ “Intsha eningi ifuna abantu engabalingisa, kodwa kunzima ukuthola abayisibonelo esihle. UJesu Kristu wabekela wonke umuntu isibonelo esiphelele. [Funda eyoku-1 Petru 2:21.] Konke ukuphila kwakhe kwakugxile ekukhulekeleni uYise wasezulwini. Ucabanga ukuthi bekungaba njani ukuba abantu abengeziwe bebezama ukumlingisa?” Lindela impendulo. Bhekisela esigabeni sesithathu sekhasi elandulela elokugcina lencwadi, esichaza izimfanelo zakhe ezikhethekile. Chaza ukuthi incwadi ethi Umuntu Omkhulu ingasisiza kanjani sonke ukuba sibe amaKristu angcono.
5 Ungase uthande ukusebenzisa okuthile okunjengalokhu:
◼ “Lapho othile ekhuluma ngoJesu Kristu, abantu abaningi bacabanga ngosana noma indoda ehluphekayo esizokufa. Abakucabangayo ngoJesu kuhilela ukuzalwa kwakhe nokufa kwakhe kuphela. Izinto ezimangalisayo azisho nalezo azenza phakathi nesikhathi sakhe sokuphila azinakwa. Lokho akufeza kuthinta wonke umuntu owake waphila kulomhlaba. Yingakho kubalulekile ukuba sifunde okuningi ngangokunokwenzeka ngezinto ezimangalisayo azenza ngenxa yethu.” Funda uJohane 17:3. Vula ekhasini lokuqala lesethulo sencwadi ethi Umuntu Omkhulu, bese ufunda isigaba sesine. Chaza indlela lencwadi engatholakala ngayo bese isetshenziselwa isifundo somuntu siqu.
6 Qikelela ukuba ugcine umbhalo walapho uthole khona isithakazelo nalokho okuhambisile ukuze ulandelele ngokwenza izimpindelo. Njengoba isikhathi sisekhona, masifune ngentshiseko abantu abanhliziyo ziqotho bese sibasiza ukuba babe abalandeli boMsindisi wethu, uJesu Kristu.—Math. 16:24.