Bakhuthaze Babe Abalandeli Bakhe
1 Kweyoku-1 Korinte 3:6, uPawulu wabhala: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.” UPawulu wakubeka ngalendlela ukuze asize abafowabo babone isidingo sokusebenza ngobunye ngaphansi kobunhloko bukaKristu. Ngalendlela wabasiza nokuba baqaphele indima ebalulekile ababeyifeza emsebenzini obalulekile wokutshala nokunisela.
2 Lomsebenzi osindisa ukuphila uzoqedwa kulo lolusuku lwethu. Njengoba singamaKristu azinikezele, sihlanganyela kulomthwalo wemfanelo ongathi sína wokusiza abanye ukuba babe abalandeli bakaJesu. (IzE. 13:48) Uyosilandelela kanjani isithakazelo owakwazi ukusivusa ngokusebenzisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila?
3 Uma uphindela kumuntu owathatha incwadi, ungase uthi:
◼ “Lapho sixoxa esikhathini esedlule, sakhuluma ngalokho uJesu Kristu ayeyikho ngesikhathi engumuntu. Ngakujabulela ukukushiyela incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Yini ekuhlabe umxhwele kakhulu ngokufundisa kukaJesu nobuntu bakhe?” Lindela impendulo. Vula isahluko 113, bese nixoxa ngesibonelo sikaJesu esiyingqayizivele sokuthobeka. Funda eyabaseFilipi 2:8 ukuze ubonise indlela umphostoli uPawulu ayebheka ngayo isimo sengqondo sikaJesu sokuthobeka. Ungabe sewuchaza ukuthi angakufunda kanjani okwengeziwe ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
4 Ungase ukhethe lesisethulo:
◼ “Sakhuluma ngezinto uJesu azenza lapho esemhlabeni ezibonisa ukuthi usikhathalela ngempela. Ucabanga ukuthi yini ayoyenza ekugcineni ukuze aphumuze labo abaye bahlupheka kangaka?” Lindela impendulo. Vula isahluko 133, bese ubukeza ukhulumela okusesigabeni sesihlanu. Vula umfanekiso osekhasini elilandelayo, bese uchaza ukuthi kuyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini. Yisho izinzuzo ezizuzwa ngokufunda okwengeziwe.
5 Uma ekuqaleni sasingekho kangako isithakazelo esasingenza ukuba uhambise incwadi, mhlawumbe ungaqalisa ingxoxo yakho ngalendlela:
◼ “Ngicabanga ukuthi siyavumelana ngokuthi abantu abaningi namuhla ekuphileni kwabo balingisa othile abambheka njengesibonelo esiyinhloko. UJesu Kristu uyisibonelo esiyinhloko esingcono kunazo zonke noma ubani angaba naso. Ngingathanda ukuhlanganyela nawe isifundo esibaluleke kakhulu engiye ngasifunda ngokutadisha isibonelo esabekwa uJesu. [Vula isahluko 40 encwadini ethi Umuntu Omkhulu, bese udonsela ukunakekela esifundweni sikaJesu somusa esasiphathelene nokuba nesihe.] Lokhu kwangikhumbuza ngokunamandla ukuthi nami kudingeka ngiyibonise kangakanani lemfanelo kwabanye.” Funda uMathewu 5:7. Uma manje sekubonakala kunesithakazelo esikhudlwana, hambisa incwadi noma incwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
6 Noma ungase uthande ukuzama lendlela eqondile:
◼ “Esikhathini esedlule ngilapha, saxoxa ngokubaluleka kokuzuza ulwazi ngoJesu. UJohane 17:3 uthi ukuzuza ulwazi olunjalo kusho ‘ukuphila okuphakade.’ Singakwenza kanjani lokho?” Lindela impendulo. Qhubeka ngokuchaza ilungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli nokuthi angazuza kanjani kulo.
7 UPawulu uthi isisebenzi esivunweni ‘siyokwamukeliswa owaso umvuzo ngokomsebenzi waso.’ (1 Kor. 3:8) Uma sizikhandla ekusizeni abanye ukuba babe abalandeli bakaJesu, umvuzo wethu ngokuqinisekile uyoba mkhulu.