Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/96 k. 4
  • “Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ulwazi NgoNkulunkulu Weqiniso Luholela Ekuphileni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Siza Abanye Bazuze Ulwazi Oluholela Ekuphileni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 11/96 k. 4

“Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”

1 Amazwi kaJesu akuJohane 17:3 kufanele abhekwe njengangathi sína. Wayesho eqinisile—ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu kusho ukuphila okumi phakade! Kodwa ingabe siyovuzwa ngokuphila okumi phakade ngokuba nje nolwazi ngoJehova nangoJesu? Cha. Ama-Israyeli ayazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu wawo, kodwa inkambo yawo yokuphila ayizange iyibonakalise leyo nkolelo. Ngenxa yalokho, alahlekelwa umusa wakhe. (Hos. 4:1, 2, 6) Namuhla izigidi zabantu ‘zingase zibe nayo intshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.’ (Roma 10:2) Kudingeka zimazi uJehova, “owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,” futhi zifunde ukumkhonza kahle. Ukuze kufinyelelwe lokho, ngo-November sizobe sihambisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Iyiphi indlela ozoyisebenzisa ekuhambiseni incwadi ethi Ulwazi? Nakhu okunye ukusikisela okungase kukusize.

2 Njengoba umqondo wokuphila phakade emhlabeni umusha kubantu abaningi, lesi singeniso singase sivuse isithakazelo sabo:

◼ “Sibuza omakhelwane bethu umbuzo. Uma ubungamenywa ukuba uphile phakade ezweni elinjengaleli, ingabe ubuyosamukela leso simemo? [Mbonise umfanekiso osemakhasini 4-5 encwadi ethi Ulwazi. Lindela impendulo.] Lokhu kungaba okuhlangenwe nakho kwakho okujabulisayo ngempela ekuphileni. Kodwa ucabanga ukuthi yini okungadingeka uyenze ukuze ukubone kwenzeka ngokoqobo lokhu? [Lindela impendulo.] Phawula isinyathelo esidingekayo ngokukaJohane 17:3. [Funda.] Lencwadi isiza abantu abaningi ukuba bazuze lolu hlobo olukhethekile lolwazi. Ungathanda yini ukuba neyakho ozoyifunda? [Lindela impendulo.] Ungathatha yona lena ngomnikelo omncane ka-R4,00. Ekuhambeleni kwami okulandelayo, singaxoxa ngokuthi kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi singakufinyelela ukuphila okumi phakade khona lapha emhlabeni.”

3 Lapho uphindela uyovakashela labo owaxoxa nabo ngoJohane 17:3, ungaqhubeka ngalendlela:

◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, ngakufundela amazwi kaJesu athakazelisayo atholakala kuJohane 17:3, lapho asiqinisekisa khona ngokuthi ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangaye kusho ukuphila okumi phakade. Kodwa abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuphila okungcono kungatholakala ezulwini kuphela. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Uma incwadi engakushiyela yona iseduze, ngingathanda ukukubonisa amanye amavesi eBhayibheli abonisa ukuthi iPharadesi lizobuyiselwa emhlabeni. [Xoxani ngezigaba 11-16 emakhasini 9-10 encwadini ethi Ulwazi.] Ekuhambeleni kwami okulandelayo, ngingathanda ukukubonisa ukuthi kungani ungathembela kulezi zithembiso ezitholakala eBhayibhelini. Mhlawumbe ungasala ufunda isahluko 2 encwadini yakho kuze kube yileso sikhathi.”

4 Nansi intshumayelo ongase uthande ukuyisebenzisa kubantu abathanda inkolo:

◼ “Besilokhu sixoxa nomakhelwane bethu ngokuphathelene nokuthi kungani kunezinkolo eziningi kangaka ezihlukahlukene ezweni. ENingizimu Afrika kuphela kunamasonto azimele angaphezu kuka-4000, kanti emhlabeni wonke kunamahlelo angokwenkolo angaphezu kuka-10 000. Nokho, kuneBhayibheli elilodwa kuphela. Ngokombono wakho, kungani kunalesi sidididi sezinkolo? [Lindela impendulo. Vula incwadi ethi Ulwazi esahlukweni 5, bese ufunda isigaba 1.] Uzothola izimpendulo ezanelisayo zaleyo mibuzo ngokufunda lesi sahluko. Ngingakujabulela ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R4,00.” Uma yamukelwa, yenza amalungiselelo aqondile okubuyela, bese uthi: “Lapho ngibuya, mhlawumbe singaxoxa ngokuthi kungenzeka yini ukuthi izinkolo zonke zimane nje ziyimigwaqo engafani eholela endaweni eyodwa.”

5 Lapho uphindela ukuze uqhubeke nengxoxo yokuthi kungani kunezinkolo eziningi kangaka, ungase usho lokhu:

◼ “Lapho ngixoxa nawe esikhathini esidlule, ngaphakamisa umbuzo wokuthi ingabe izinkolo zonke zimane nje ziyimigwaqo engafani eholela endaweni eyodwa yini. Ucabangani ngalokho? [Lindela impendulo.] Ngingathanda ukukubonisa encwadini engakushiyela yona lokho uJesu akusho ngalendaba. [Vula isahluko 5 encwadini ethi Ulwazi, bese ufunda izigaba 6-7, kuhlanganise noMathewu 7:21-23.] Ungase uzibuze ukuthi kungani kubaluleke kangaka ukwazi ngokuqondile lokho okuyintando kaNkulunkulu. Uzothola ukuthi izigaba ezilandelayo zinokwaziswa okufundisa ngempela. Ngicela ufunde ingxenye esele yalesi sahluko. Esikhathini esizayo lapho ngibuya, ngiyokujabulela ukukubonisa inzuzo yokuba nolwazi olunembile lweBhayibheli.”

6 Indlela eqondile ngokuvamile iyaphumelela ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Nasi isingeniso esisikiselwayo ekhasini 11 encwadini ethi “Ukubonisana”:

◼ “Ngihambele ukuba ngikunikeze imfundo yamahhala yeBhayibheli yasekhaya. Uma ungangivumela, ngingathanda ukukubonisa ngemizuzu embalwa ukuthi abantu emazweni angaba ngama-200 baxoxa kanjani ngeBhayibheli njengamaqembu emikhaya. Singasebenzisa noma isiphi kulezi zihloko njengesisekelo sengxoxo. [Mbonise uhlu lwezahluko eziqukethwe incwadi ethi Ulwazi.] Isiphi osithanda ngokukhethekile?” Mlinde ukuba azikhethele. Vula leso sahluko esikhethiwe, bese uqala isifundo esigabeni sokuqala.

7 Nansi enye indlela eqondile ephumelelayo ongase uyizame ekuqaleni izifundo:

◼ “Nginikeza imfundo yeBhayibheli mahhala futhi esimisweni sami ngisenesikhala sabafundi abengeziwe. Sisebenzisa lensiza-kufundisa yeBhayibheli. [Mbonise incwadi ethi Ulwazi.] Lemfundo ithatha nje izinyanga ezimbalwa futhi inikeza izimpendulo emibuzweni enjengokuthi: Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Kungani siguga futhi sife? Yini eyenzekayo kwabathandekayo bethu abafileyo? Futhi singasondela kanjani eduze kukaNkulunkulu?” Yibe usubuza, “Ingabe ngingakubonisa ukuthi sifunda kanjani?” Uma esenqaba isifundo, mbuze ukuthi angathanda yini ukuzitholela incwadi ethi Ulwazi ukuze azifundele yona.

8 Yeka ukuthi luyigugu kangakanani ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu nangoKristu kunoma ubani onalo! Ukulungenisa ngempela kusho ukuphila okumi phakade ezimweni eziphelele. Masisebenzise wonke amathuba ngo-November ukuze sihlanganyele nabanye ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela