Siza Abanye Bazuze Ulwazi Oluholela Ekuphileni
1 Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ‘kuyintando kaNkulunkulu ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Singabasiza kanjani abanye ukuba bazuze lolo lwazi? Enye indlela ingokuphindela kubantu okwavuswa isithakazelo sabo ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lencwadi inikeza iqiniso leBhayibheli ngamazwi acacile, alula, akhethwe kahle. Ngokuyifunda, abantu bazo zonke izinhlobo bangaholelwa ekuphileni. Yini esingayisho engakhuthaza abanye ukuba bayifunde nathi?
2 Kulabo ababonisa isithakazelo eBhayibhelini njengeliyisiqondiso esiwusizo, ungaphindela uyosikisela isifundo, mhlawumbe uthi:
◼“Ngesikhathi ngilapha esikhathini esidlule, saxoxa ngokuthi kungani singathembela eBhayibhelini njengeliwumthombo owusizo wesiqondiso. Ngenxa yokuthi liphefumulelwe uNkulunkulu, iBhayibheli futhi liwumthombo oqinisekile wenduduzo nethemba, njengoba nje nomunye wabaphostoli bakaKristu asho. [Funda eyabaseRoma 15:4.] Ekuphetheni kwengxoxo yethu yesikhathi esidlule, ngaphakamisa umbuzo othi, Singazuza kanjani thina siqu olwazini oluseBhayibhelini?” Funda isigaba 18 esisekhasini 11 encwadini ethi Ulwazi. Phawula ukuthi oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli eziyizigidi ezinhlanu emhlabeni wonke, besiza abantu kuyo yonke indawo ukuba bangenise ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade. Makube nomboniso omfushane obonisa indlela isifundo esiqhutshwa ngayo, kusetshenziswa izigaba ezinhlanu zokuqala esahlukweni 1.
3 Uma waxoxa nothile ngomthandazo ekuqaleni, ungase uzame lendlela ekuzameni ukuqala isifundo:
◼“Nginethemba lokuthi ukujabulele ukwaziswa okuphathelene nomthandazo esaxoxa ngakho okusencwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngathembisa ukubuya futhi sicabangele nawe ukuthi labo abathandaza kuNkulunkulu, bona-ke bangamlalela kanjani. Phawula lokho okushiwo ekhasini 158. [Funda isigaba 18.] Ngakho, ngokuzitadishela iBhayibheli, silalela lokho uNkulunkulu akushoyo kithi. Ukwenza lokho kusisondeza kuye futhi kusisize ukuba sibhekane nezinkinga zansuku zonke esizithandazelayo. Ngingakujabulela ukutadisha nawe iBhayibheli.” Uma lowo muntu ethanda, qalani isahluko sokuqala sencwadi ethi Ulwazi.
4 Uma wasebenzisa indlela eqondile yokuqala isifundo, ungase usho lokhu ukuze uqhubekisele phambili ingxoxo yokuqala:
◼“Ngenze umzamo okhethekile wokuphinda ngibuye ngoba ngifuna ukukutshela okwengeziwe ngesimiso sethu sesifundo seBhayibheli samahhala. Ngakushiyela ikhophi yalencwadi, ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, eyinsiza-kufundisa esiyisebenzisayo. Phawula indlela esikhuthaza ngayo ukuba sicabangele iZwi likaNkulunkulu. [Funda isigaba 23 esisekhasini 22.] Uma ungase uthathe eyakho incwadi, mhlawumbe singaqhubeka sifunde lapho sagcina khona esikhathini esidlule.” Uma isifundo singazange siqalwe ekuhambeleni kokuqala, ungase uthi: “Mhlawumbe lesi isikhathi esihle ngami ukuba ngikubonise indlela esifunda ngayo iBhayibheli.” Ngemva kokucabangela izigaba ezimbalwa, hlela isikhathi esiqondile sesifundo esilandelayo.
5 Ukusebenzisa incwadi ethi Ulwazi ngokuphumelelayo kuyosenza sikwazi ukusakaza ulwazi oluqondile ukuze abanye bathole isibusiso. (IzAga 15:7) Ulwazi olunjalo luyoletha injabulo kulabo abanhliziyo ziqotho, futhi luyoba isisusa esinamandla kubo sokuphila ngokuvumelana nokulunga kukaJehova, ekugcineni okuyoholela ekuphileni okumi phakade.