Ulwazi NgoNkulunkulu Weqiniso Luholela Ekuphileni
1 “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade,” kwasho uJesu ethandaza kuYise, “ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Joh. 17:3) Yeka ukuthi umvuzo omuhle kanjani lowo! Ngokusebenzisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, singabasiza abanye bafunde ukuthi yini okudingeka bayenze ukuze baphile phakade. Yini esingase siyisho ukuze sivuse isithakazelo sabo futhi sibashukumisele ekutheni bafune ukufunda incwadi ethi Ulwazi?
2 Ungase usebenzise intshumayelo eqokomisa iBhayibheli njengeliwumthombo owusizo wesiqondiso, ngokuthi:
◼“Sixoxa nomakhelwane bethu ngokuthi singawutholaphi umthombo owusizo wesiqondiso sokubhekana nezinkinga zokuphila. Esikhathini esidlule abantu abaningi babeqale baye eBhayibhelini. Kodwa manje izimo zengqondo zabantu zishintshile; abaningi bayalingabaza iBhayibheli, balibheka njengelimane liyincwadi eyabhalwa abantu. Wena ulibheka kanjani? [Lindela impendulo.] Kunesizathu esihle kakhulu sokuthi kungani kungathiwa iBhayibheli liwusizo osukwini lwethu. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] Izimiso zeBhayibheli zisebenza kakhulu manje njengoba kwakunjalo lapho uNkulunkulu ephefumulela ukubhalwa kweBhayibheli.” Vula ikhasi 16 encwadini ethi Ulwazi, bese ukhuluma kafushane ngesiqondiso esiwusizo esitholakala eNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni. Funda ingcaphuno esesigabeni 11 noma esesigabeni 13. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R3,50, bese uhlela ukuba ubuye uzophendula lombuzo, Thina singazuza kanjani ngokomuntu siqu olwazini oluseBhayibhelini?
3 Njengoba umthandazo uyindaba ethakazelisa abantu abaningi, ungase uthande ukuxoxa ngawo ngokubuza:
◼“Njengoba sinezinselele eziningi kangaka okumelwe sibhekane nazo ekuphileni kwamanje, ucabanga ukuthi umthandazo ungasisiza ngempela? [Lindela impendulo.] Abaningi banomuzwa wokuthi baye basondela kuNkulunkulu ngokuthandaza kuye nokuthi ukwenza kanjalo kuye kwabanika amandla angaphakathi, okuyilokho kanye iBhayibheli elikuthembisayo. [Vula incwadi ethi Ulwazi ekhasini 156, ufunde eyabaseFilipi 4:6, 7.] Nakuba kunjalo, umuntu angaba nomuzwa wokuthi ngezinye izikhathi imithandazo yakhe ayiphendulwa. Lesi sahluko sixoxa ngokuthi ‘Indlela Ongasondela Ngayo KuNkulunkulu.’ [Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R3,50.] Lesi sahluko sichaza nendlela esingamlalela ngayo uNkulunkulu, ngoba ukukhulumisana naye akuxhomekile ohlangothini olulodwa. Singaxoxa ngalokho uma ngibuya esikhathini esilandelayo.”
4 Ungathanda ukuzama indlela eqondile yokuqala isifundo? Nansi engase ikusebenzele:
◼“Sicela ukukunika imfundo yeBhayibheli yasekhaya yamahhala. Wake waba nesifundo seBhayibheli ngaphambili? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise insiza-kufundisa esiyisebenzisayo.” Veza incwadi ethi Ulwazi, vula ekhasini 3 ukuze umninikhaya abone uhla lokuphakathi, bese ubuza, “Wake wazibuza ukuthi iBhayibheli lithini ngalezi zihloko?” Vula esahlukweni abonise isithakazelo esikhulu kuso, bese ufunda izihlokwana. Mchazele ukuthi ungathanda ukumbonisa kafushane ukuthi sikufunda kanjani lokhu kwaziswa esifundweni sethu. Kungakhathaliseki ukuthi isifundo siqaliwe noma cha, mhambisele incwadi.
5 Namuhla abantu abaningi bayasabela olwazini olunembile ngoNkulunkulu weqiniso. (Isaya 2:2-4) Kuyilungelo lethu ukusiza abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bafunde ngoJehova futhi baholelwe ekuphileni.—1 Thim. 2:4.