Ingabe Uliphatha Ngokufanele Izwi LikaNkulunkulu?
1 UJesu Kristu wayengumfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila emhlabeni. Wayekhuluma ngendlela ethinta izinhliziyo zabantu, evusa imizwelo, neyayibashukumisela ukuba benze imisebenzi emihle. (Math. 7:28, 29) Njalo wayesebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengesisekelo sokufundisa kwakhe. (Luka 24:44, 45) Wanikeza uJehova uNkulunkulu udumo ngakho konke ayekwazi futhi ekwazi ukukufundisa. (Joh. 7:16) UJesu wababekela isibonelo esihle kakhulu abalandeli bakhe ngokuphatha iZwi likaNkulunkulu ngokufanele.—2 Thim. 2:15.
2 Umphostoli uPawulu naye waba isibonelo esivelele ngokuphatha iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo. Wayenza okungaphezu nje kokufundela abanye imiBhalo; wayekuchaza ayekufunda futhi abonisane nabo ngakho, anikeze ubufakazi obuvela eZwini likaNkulunkulu bokuthi uJesu wayenguKristu. (IzE. 17:2-4) Ngokufanayo, umfundi oqephuzayo u-Apholo “wayeyazi kahle imiBhalo,” futhi wayeyisebenzisa ngokufanele lapho enikeza inkulumo enamandla yeqiniso.—IzE. 18:24, 28.
3 Yiba Umfundisi WeZwi LikaNkulunkulu: Abamemezeli boMbuso bosuku lwanamuhla baye bajabulela intuthuko enhle ekufundiseni abantu abanhliziyo ziqotho ngokucaphuna eBhayibhelini nangokubonisana nabo ngalo. Kwesinye isenzakalo, umzalwane othile wakwazi ukusebenzisa uHezekeli 18:4 kanye neminye imibhalo ehlobene naye ukuze abonisane nomfundisi kanye namalungu amathathu ebandla lakhe ngokuphathelene nalokho okunqunyelwe abantu ababi nabalungile. Ngenxa yalokho, amanye amalungu esonto aqala ukufunda, futhi kamuva elinye lawo lalamukela iqiniso. Kwesinye isenzakalo, udade wacelwa ukuba achazele umyeni ophikisayo womuntu othakazelayo ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bengawugubhi uKhisimusi nezinsuku zokuzalwa. Njengoba ayefunda izimpendulo ezingokomBhalo ngokuqondile encwadini ethi Ukubonisana, lendoda yavumelana naye. Umkayo wajabula kakhulu ngokwamukela kwayo lezi zimpendulo kangangokuba wathi: “Sizoza emihlanganweni yenu.” Futhi lendoda yavuma!
4 Sebenzisa Usizo Olutholakalayo: INkonzo Yethu YoMbuso nesimiso soMhlangano Wenkonzo kunikeza isiqondiso esihle sokusisiza ekuphatheni iZwi likaNkulunkulu ngokufanele. Abamemezeli abaningi baye bazwakalisa ukwazisa ngezintshumayelo ezihlukahlukene ezisikiselwayo, ezinyatheliswayo futhi kwenziwe nemiboniso ngazo ukuze sizuze futhi eziye zabonakala zihambisana nesikhathi futhi ziphumelela. Incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo inentilibathwa yemiqondo ephathelene nokuthi ungachaza kanjani kabanzi ngendlela efanele ngezihloko eziyinhloko ezingaphezu kuka-70 eziseZwini likaNkulunkulu. Incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade inikeza ukwaziswa okufushanisiwe okucacile kwazo zonke izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo okudingeka abasanda kuhlanganyela baziqonde. Izifundo 24 no-25 kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini zisibonisa indlela enhle abafundisi abanekhono abethula, bafunde futhi bayisebenzise ngayo imibhalo. Kufanele silusebenzise kahle lonke lolu sizo esiluthola kalula.
5 Uma siliphatha ngokufanele iZwi likaNkulunkulu, siyothola ukuthi “liyaphila futhi linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo” zalabo esishumayela kubo. (Heb. 4:12) Impumelelo esiyitholayo ngalo iyosishukumisela ukuba sikhulume iqiniso ngesibindi esikhulu!—IzE. 4:31.