Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/96 k. 7
  • Ukubhalisa Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhalisa Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikole Esiphumelelayo Esisemhlabeni Wonke
    I-Phaphama!—1995
  • Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini Siveza Izinzuzo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • ISikole Esisihlomisela Ukwenza Izinto Ezibaluleke Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Iziqondiso Zababonisi Besikole
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 12/96 k. 7

Ukubhalisa Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini

1 ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini besilokhu sisetshenziselwa ukuqeqesha izigidi zoFakazi BakaJehova njengezikhonzi zezindaba ezinhle. Abaningi bethu bayayikhumbula indlela esasizizwa sesaba ngayo futhi singafaneleki ngayo lapho siqala ukubhalisa kulesi sikole, futhi manje siyiqaphela ngokwazisa indima yaso entuthukweni yethu engokomoya njengezikhulumi nabafundisi beZwi likaNkulunkulu. (Qhathanisa nezEnzo 4:13.) Ingabe usubhalisile kulesi sikole esiyingqayizivele?

2 Obani abangabhalisa? Incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ekhasini 73 iyaphendula: “Bonke abahlanganyela ngenkuthalo nebandla bangase babhalise, kuhlanganise nabantu abasaqala ukuba khona emihlanganweni, uma nje bengaphili ukuphila okungavumelani nezimiso zobuKristu.” Simema bonke abafanelekayo—amadoda, abesifazane nezingane—ukuba baxoxe nombonisi wesikole futhi bacele ukubhaliswa.

3 Isimiso SeSikole Sango-1997: Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sango-1997 sihlanganisa izinhlobonhlobo zezimfundiso zeBhayibheli nabantu elikhuluma ngabo, kanye nomlando wenhlangano. Ngaphezu kokuthuthukisa amakhono ethu okukhuluma nokufundisa, siyafunda emagugwini amaningi angokomoya atholakala esimisweni saso samasonto onke. (IzAga 9:9) Uma sisilungiselela isikole, okuhlanganisa ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke, futhi siba khona njalo, singazuza kakhulu ngokomoya kulesi simiso.

4 Ngo-1997 izabelo eziningi zokufundwa kweBhayibheli zeNkulumo No. 2 zizoba mfushane kunezeminye iminyaka edlule. Lapho elungiselela lesi sabelo, umfundi kufanele asilinganise ngokucophelela isikhathi sokufunda kwakhe abese ethola ukuthi isikhathi esingakanani emizuzwini emihlanu ayinikeziwe angasisebenzisela isethulo nesiphetho. Lokhu kuzokwenza umfundi asisebenzise ngokugcwele isikhathi sakhe futhi athuthukise kokubili ikhono lakhe lokufunda kanye nobuciko bokukhuluma ngokuzenzakalelayo.—1 Thim. 4:13.

5 Ukufakaza ngokwethukela kuye kwenezelwa njengesimo sokuhlelwa kwezinkulumo zeSabelo No. 3 esingase sisetshenziswe, esisekelwe encwadini ethi Ulwazi. Ngakho, udade angase akhethe impindelo, isifundo seBhayibheli sasekhaya, noma ukufakaza ngokwethukela njengokuhlelwa kwalenkulumo. Yiqiniso, kufanele kugcizelelwe kakhulu ukufundisa okuphumelelayo hhayi ukuhlelwa kwenkulumo.

6 Kungakhathaliseki ukuthi unelungelo lokunikeza inkulumo yokuyala, amaphuzu avelele eBhayibheli, noma inkulumo yomfundi, ungabonisa ukwazisa kwakho iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ngokuyilungiselela nangokuyiprakthiza kahle ingxenye yakho, ngokuyinikeza ngesibindi nangentshiseko, ngokungadli isikhathi, ngokulalela nangokusebenzisa iseluleko sombonisi wesikole, nangokuzimisela njalo ukufeza isabelo sakho ngokwethembeka. Kanjalo ukubhalisa kwakho esikoleni kuyoba isibusiso kuwe nakubo bonke abakhona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela