Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/97 k. 4
  • Ukufanelekela Nokuhlomela Ukufundisa Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufanelekela Nokuhlomela Ukufundisa Abanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ulwazi NgoNkulunkulu Weqiniso Luholela Ekuphileni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • “Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 1/97 k. 4

Ukufanelekela Nokuhlomela Ukufundisa Abanye

1 Lapho uMose ekhethwa njengommeleli kaJehova, wazizwa engakufanelekeli ukumemezela izwi likaNkulunkulu kuFaro. (Eks. 4:10; 6:12) UJeremiya waveza ukuthi wayengazethembi ukuthi angakwazi ukukhonza njengomprofethi kaJehova, etshela uNkulunkulu ukuthi akakwazi ukukhuluma. (Jer. 1:6) Nakuba ekuqaleni babengazethembi, bobabili labo baprofethi babonakala bengofakazi bakaJehova abangesabi. UNkulunkulu wabenza bakufanelekela ngokwanele.

2 Namuhla, ngenxa kaJehova, sinalokho esikudingayo ukuze sifeze inkonzo yethu ngesibindi. (2 Kor. 3:4, 5; 2 Thim. 3:17) Njengomakhenika ofanelekayo onawo wonke amathuluzi, sikuhlomele kahle ukuyifeza ngobuchwepheshe inkonzo esiyabelwe. Ngo-January sihambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Nakuba leli thuluzi elingokomoya lingelisha, izihloko zalo ezingokomBhalo zisahambisana nesikhathi futhi liyobasiza abantu ukuba bafunde iqiniso. Izintshumayelo ezilandelayo ezisikiselwe zingavunyelaniswa nezinkathazo ezihlukahlukene ezigcwele ensimini yethu.

3 Isihloko semfundo singasetshenziselwa ukwakha isithakazelo eZwini likaNkulunkulu. Ungaqala ingxoxo ngokuba uthi:

◼“Namuhla sigcizelelwa kakhulu isidingo sokuthola imfundo enhle. Ngokombono wakho, hlobo luni lwemfundo okufanele umuntu aluphishekele ukuze aqiniseke ngokuthola injabulo enkulu kunazo zonke nempumelelo ekuphileni? [Lindela impendulo.] Izinzuzo zaphakade zingazuzwa yilabo abangenisa ulwazi ngoNkulunkulu. [Funda izAga 9:10, 11.] Lencwadi ephatheka kalula enesihloko esithi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? isekelwe eBhayibhelini. Ikhomba kokuwukuphela komthombo wolwazi olungaholela ekuthuleni kweqiniso nokulondeka.” Yibe usuvula ikhasi 6 isigaba 8 ukuze ubonise ukuthi iBhayibheli lisinika ulwazi esiludingayo. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R4,00, bese uhlela ukuphinde ubuye.

4 Lapho uphindela kumninikhaya enaxoxa naye ngokubaluleka kwemfundo yeBhayibheli, ungase uthi:

◼ “Ekukuhambeleni kwami okudlule, saxoxa ngokuthi iBhayibheli liwumthombo wemfundo ongasiqinisekisa ngekusasa eliyohlala phakade. Yiqiniso, kudinga umzamo ukufunda lokho okudingeka sikwazi emiBhalweni. [Funda izAga 2:1-5.] Abantu abaningi bakuthola kunzima ukuqonda ezinye izingxenye zeBhayibheli. Ngingathanda ukukubonisa kafushane indlela esiye sayisebenzisa kabanzi yokusiza abantu bafunde okwengeziwe ngezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli.” Usebenzisa incwadi owamshiyela yona, vula indawo efanele bese umbonisa kafushane indlela okuqhutshwa ngayo isifundo seBhayibheli. Uma umninikhaya ethanda ukuba aqhutshelwe njalo isifundo, chaza ukuthi uzobuya usuphethe incwadi eyinsiza-kufundisa ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.

5 Abantu abaningi kuyabakhathaza ukuhlupheka kwezigidi zezingane emhlabeni. Mhlawumbe ungamsiza umninikhaya abone indlela uNkulunkulu alubheka ngayo lolu sizi, ngokuba uthi:

◼ “Akungabazeki ukuthi uye wayibona imibiko yezindaba ephathelene nezingane ezilambile, ezigulayo, nezinganakwa embulungeni yonke. Kungani izinhlangano ezikhathazekile ngalokhu zingakwazanga ukuthuthukisa isimo? [Lindela impendulo.] UNkulunkulu ubafunela okungcono kakhulu abantu. Phawula lokho akuthembisa izingane nabantu abadala, njengoba kubikwe eBhayibhelini. [Funda isAmbulo 21:4.] Lencwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? inikeza imininingwane eyengeziwe ngokuphathelene nezwe eliyokwenziwa uNkulunkulu okuyopheliswa kulo ukuhlupheka.” Vula isithombe esibonisa iPharadesi esisekhasini 98, bese nixoxa ngaso. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R4,00, bese uhlela ukuba uphinde ubuye.

6 Uma ekuhambeleni kokuqala wawukhulume ngokuhlupheka kwezingane, ekuhambeleni okulandelayo ungase uqhube ingxoxo ngokuthi:

◼ “Njengoba bengilapha muva nje, wezwakalisa ukukhathazeka ngosizi lwezingane ezihluphekayo ngenxa yemikhaya ehlukanisile, indlala, ukugula nobudlova. Kuyaduduza ukufunda eBhayibhelini ngezwe lapho izingane nabantu abadala bengeke besahlushwa khona ukugula, ubuhlungu, noma ukufa. Isiprofetho esisencwadini ka-Isaya sichaza ukuphila okungcono okuzoba khona emhlabeni.” Funda bese nixoxa ngo-Isaya 65:20-25. Lengxoxo mayiholele esifundweni seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi.

7 Njengoba abantu abaningi becabanga ngokulondeka komuntu siqu ngenxa yokwanda kobugebengu, ungase uqale ingxoxo ngalesi sihloko ngokuba uthi:

◼ “Sixoxa nomakhelwane bethu ngendaba yokulondeka komuntu siqu. Kunobugebengu obuningi obusizungezile, futhi buthinta ukuphila kwethu. Liyini ikhambi? Ucabanga ukuthi ukhona ongaqeda lezi zinkinga emhlabeni?” Lindela impendulo. Kuye ngendlela asabela ngayo, ungase uqhubeke ngalendlela: “Ucabanga ukuthi bekuyoba njani ukube bekunombusi onezimfanelo ezinjengalezi ezichazwe lapha ku-Isaya 9:6, 7? [Funda.] Awucabangi ukuthi bekungenza izwe lilondeke kakhudlwana?” Qokomisa amaphuzu abonisa ukuthi lombhalo ukhuluma ngoJesu Kristu. “Lencwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ikhuluma ngokucacile ngokuwukuphela kwethemba lokuphepha nokulondeka nangendlela ‘iNkosi Yokuthula’ eyoletha ngayo ukuthula komhlaba wonke kulesi sikhathi sethu. Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngomhlaba omusha othenjisiwe?” Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R4,00.

8 Uma ulandelela ingxoxo yangesikhathi esidlule emayelana nokulondeka komuntu siqu, ungase uzame lendlela:

◼ “Ngayijabulela ingxoxo yethu eyayiphathelene nokulondeka komuntu siqu. Njengoba saxoxa, uJesu uwukuphela kombusi ongaletha ukulondeka okuhlala njalo emhlabeni. Uzokujabulela ukuzwa ezinye izinto azozenzela isintu phakathi nokubusa kwakhe.” Funda bese nixoxa ngesigaba 20 esisekhasini 42 encwadini ethi Ulwazi, bese ucela ukuba umbonise ukuthi lifundwa kanjani iBhayibheli ngosizo lwalencwadi.

9 Lapho kuziwa ekudluliseleni kwabanye ulwazi ngoNkulunkulu, singase sibuze, “Ubani ozifanelekela ngokwanele lezizinto?” ImiBhalo iyaphendula: “Yithi.”—2 Kor. 2:16, 17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela