Zisebenzise Ngokunenzuzo Izimemo
1 Izimemo zebandla ziwusizo ekwaziseni abantu emphakathini ngekheli leHholo LoMbuso nesikhathi esiqondile semihlangano. Kungakuhle ukusinika umuntu ngamunye okhuluma naye. Ukuze sifeze lokho, ibandla ngalinye kufanele lihlale linezimemo ezanele. Amabandla ashintsha izikhathi zomhlangano minyaka yonke, ngo-January, kufanele a-ode izimemo ezintsha ngo-October owandulelayo unyaka ngamunye ukuze zihlale zikhona izimemo ezinezikhathi zemihlangano zangaleso sikhathi. Kumelwe kusetshenziswe ifomu i-Handbill Request lapho ku-odwa. Lapho usunazo izimemo, ungazisebenzisa kanjani ngokunenzuzo?
2 Abamemezeli abaningi bathola ukuthi ukunika umuntu isimemo kuyindlela ephumelelayo yokuzazisa nokuqala izingxoxo. Ukumbonisa izikhathi zemihlangano noma isigijimi esisekhasini elingemuva kungacaba indlela yokuqala ingxoxo ngokuphathelene nomsebenzi wethu kanye nenjongo yawo. Abazali bangenza izingane zabo ezincane zibe nengxenye enkonzweni ngokuba zihambise isimemo endlini ngayinye. Abamemezeli abahlanganyela ekufakazeni ngokubhala incwadi kufanele bafake isimemo encwadini yabo bameme lowo muntu ukuba abe khona emihlanganweni. Izimemo zingase zishiywe ezindlini esingatholanga bantu kuzo, uma nje kuqikelelwa ukuba zishuthekwe ngaphansi komnyango ngendlela yokuthi zingabonakali nhlobo.
3 Izimemo ziye zaba usizo ekuqondiseni abanhliziyo ziqotho eqinisweni. Okunye okuhlangenwe nakho kumayelana nowesifazane othile, owasizwa isimemo ukuba akwazi ukugcwalisa isifiso ayenaso ukuphila kwakhe konke sokuqonda iBhayibheli. Ngemva kokuchitha ubusuku ethandaza kuNkulunkulu, umbhangqwana ongoFakazi wangqongqoza kwakhe ekuseni. Elunguza embotsheni yokulunguza esemnyango, wamemeza esho ukuthi akanakuwuvula umnyango. OFakazi bashutheka isimemo ngaphansi komnyango. Sasithi: “Lazi IBhayibheli Lakho.” Wasibona wabe esevula umnyango. Kwaqalwa isifundo ngokushesha, futhi kamuva wabhapathizwa. Kwangathi singazisebenzisa njalo ngokunenzuzo izimemo njengoba sifeza inkonzo yethu ngokugcwele, futhi singalokothi siweye amandla omoya kaNkulunkulu.—Bheka ne-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1994 ikhasi 1.